Now Reading
Imisebenzi yakhe iyamlandela uCaluza kwezekhilikithi
Dark Light

Imisebenzi yakhe iyamlandela uCaluza kwezekhilikithi

Uswele amazwi angawaphimisa ngendlela ajabule ngayo uSandile Caluza njengoba igama lomdlali okhule ngaphansi kwakhe, libiziwe eqenjini lesizwe labesifazane elilibhekise eNew Zealand.

UCaluza ungumqeqeshi weLindelani Cricket Club, nesikhiqize uNonkululeko Mlaba noNondumiso Shangase abayibamba eqenjini lesizwe iMomentum Proteas.

UNonkululeko ekuqaleni kwesonto uhambe nabadlali abali-15 abazomela iNingizimu Afrika kowe-2022 ICC Women’s World Cup, ezoqala ngoNdasa kuya kuMbasa nonyaka.

Elakuleli liya kule midlalo nje lihambela phezulu njengoba lisanda kuthela othulini iWest Indies, emidlalweni yosuku olulodwa kuleli.

“Njengomqeqeshi kuyohlezi kuba khona lokho kuziqhenya ngasosonke isikhathi uma umdlali wakho ezomela izwe kungasakhathalekanga ukuba kudlalelwa iNdebe YoMhlaba noma kuwuchungechunge lamaseries. Ekugcineni uthola ithuba elingandele bani lokuziveza ubuwena emhlabeni kwazise phela usuke umele izwe lakho. Njengoba ngishilo kuhlezi kuyintokozo ukubona igama lakhe uNonkululeko,” kusho uCaluza.

UNonkulukelo oteketiswa ngokuthi uLeft, uyodlala iNdebe YoMhlaba okwesibili. Ngonyaka wezi-2020 ubekhona e-Australia kowe-ICC Women’s T20 World Cup.

Lo mqeqeshi uthe uyamthemba ukuthi uNonkululeko uzokwenza kahle kakhulu, ngoba unawo amava uselidlubhe amahlandla amaningi ijezi lesizwe. Uke waya eNew Zealand nalapho afike adlala yonke imidlalo wenza kahle kakhulu, konke kusele kumqeqeshi welesizwe lokuthi uyamnika yini ithuba.

See Also

Sebeyidlanzana abadlali asebeqhamuke ngaphansi kweLindelani Cricket Club asebesesigabeni esikhokhelayo nabanye abasondele. 

Kwabesilisa ukhona uSmangaliso Nhlebela osedlala kwiTitans, u-Andile Mokgakane odlalela iHollywoodbets Tuskers, uNhlakanipho Mpungose osanda kuthathwa yi-ITEC Knights, abakwisigaba esingaphansi kwesalaba basezinkulisa zeHollywoodbets Dolphins Academy  neHigh Performance uBanele Cele noSamkelo Gasa, bese kuthi  uManqoba Gwala adlale kweTuskers Academy.

Ohlangothini lwesibhuda khona kukhona u-Asamkele Kawe okweDolphins Academy bese kuthi abalandela yena bamele iKZN Senior Women Team, uNobuhle Busani no-Ayanda Hlubi abasangabafundi nabasezinhlelweni zokungena kwiqembu leNingizimu Afrika labaneminyaka engaphansi kweminyaka eli-19.

Scroll To Top