Now Reading
Ayisekho ngomehluleli kepha isingoRamaphosa
Dark Light

Ayisekho ngomehluleli kepha isingoRamaphosa

Njengoba bekulindelekile uhlaka iJudicial Service Commission (JSC) isithathile isinqumo yaphinde yedlulisa isincomo sayo odabeni oluthinta loyo ozoba yiNhloko YaBehluleli kuleli. Ebuhlakanini bayo iphakamise uMehluleli uMandisa Maya nongaba ngowokuqala owesifazane ukuba kulesi sikhundla.

UMehluleli uMaya akalona ithwasa kwezomthetho nobulungiswa.  UnguMengameli weNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala okuyisikhundla asesiphathe kusukela ngowezi-2017. Unamava njengeNhloko Yenkantolo engeyesibili ngobukhulu ezweni futhi ungomunye waBehluleli Abakhulu ezweni njengoba aqala ukuqokelwa eNkantolo Enkulu ngowezi-2000. Uke wabamba njengoMehluleli weNkantolo YoMthethosisekelo ngowezi-2012 Ngesikhathi kuhlasela ukhuvethe nezwe lingena kumvalelwakhaya, uMehluleli uMaya unconywa ngokuhola ngobuhlakani ezobulungiswa ngokuthi iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala iqale isebenzise ezobuchwepheshe ukuqula amacala nokwanciphisa umthamo wamacala ayekhona. Akungabazeki ukuthi ukuqulwa kwamacala kusetshenziswa ezobuchwepheshe sekuzoba ngenye yezindlela ezisetshenziswayo ngomuso. 

Usekhipe izinqumo ezibalulekile eziningi okubalwa icala likaMinister of Safety and Security v F, elaphendla indlela yesinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo esathola uNgqongqoshe enesibopho ecaleni lokudlwengula elenziwa iphoyisa elingekho emsebenzini. Elinye: iDepartment of Correctional Services v Popcru, lapho okwatholwa ukuthi ukuxoshwa kukajele ngoba enqabe ukugunda amagoda ekhanda kwakungenabulungiswa. Kwelaliphakathi kwe-AfriForum v Chairperson of the Council of the University of South Africa,  uMehluleli uMaya waqopha umlando ngokwenza isinqumo esiqoshiwe seNkantolo Enkulu eNingizimu Afrika ngesiXhosa. 

Kulesi siphakamiso sabeJSC uMengameli wezwe nguye onezwi lokugcina njengoba kulawula uMthethosisekelo iSahluko 174(3) nesithi nguMengameli okumele aqoke uMehluleli Omkhulu. Lokhu kwenza ingcindezi ibe kuye uMengameli  ekutheni ngabe uyavuma noma qha ukuba izwe libe noMehluleli Omkhulu wokuqala wesifazane. 

Ngeshwa lakhe uMengameli lolu daba selusukile kwezomthetho kepha sekungene inhlese yepolitiki yamaqembu kanye nombango wezinhlaka zezinhlangano ezingekho ngaphansi kukaHulumeni. Lezi zinhlangano kakuyona imfihlo ukuthi zona zincamela bani njengoba ziliphimisa kusaqalwa nje ukuthi uMehluleli uMlambo babona kungunye ofanelwe yisikhundla lesi.  Sebevele baqalile ukugqamisa elokuthi okweJSC bekuyisphakamiso nje akusona isinqumo nokuyinkulumo engejwayelekile nengaqondakali ngoba kabasho ukuthi uMehluleli uMaya mubi ngaliphi.

See Also

Abanye kulokhu basola uMengameli ekutheni nguye odale lesi simo sokuncintisana esikhundleni sokuthi alandele inqubo eyaziwayo lapho uMengameli eqoka igama lomuntu oyedwa bese iJSC ibe nokusanhlolokhono. Okusobala ekuthatheni isinqumo sokuthi kuqokwe abanye wukuthi naye wabe enothile amthandayo kepha efuna ukuzwa amanzi ngobhoko. Lokhu kunganqondi mpo kwalokho akufunayo noma loyo amfunayo uMengameli kuzocijisa imikhonto ezweni kanti futhi naye uzoba kuyo ingcindezi ngoba uma ephikisana nabeJSC abantu bazophakamisa amehlo kanti futhi uma evumelana naso kukhona abangase bambuke ngamanye amehlo.  

Ishwa kulokhu wukuthi indaba kayisekho ngaBehluleli okuvunyelwanayo ukuthi basezingeni lomhlaba kepha sekuklodelwana ngokunye okungaphandle kwezinkantolo nobulungiswa. 

Scroll To Top