Yazi ngomndeni wakho: Thina sonke singabesihlahla esikhulu!


Kula masonto edlule sikhulume ngezinto ezimqoka. Siqale sakhuluma ngomndeni wabeNguni kanye naboHlanga. Sabuye sakhuluma ngobumqoka begama nesibongo sakho njengoba uyilungu lomndeni. Namuhla sikhuluma ngokuthi umndeni lo oyingane kuwo wakheka kanjani. Njengoba wazi ukuthi kule ngosi yezingane zaboHlanga sigqugquzela ukuthi esikufundayo kwedluliselwe nakwabanye ekhaya nasesikoleni nakubangani. Namuhla seluleka ukuthi okufundayo ukufunde nabadala lapho ekhaya ukuze bakwazi ukukusiza ekutholeni ulwazi.
Umbuzo wokuqala okumele uwubuze kwabadala yimvelaphi yesibongo sakho, isibonelo uma ungowakwaKhumalo, kwaMazibuko noma kwaMsimango buza abadala ukuthi lesi sibongo sakho sisukaphi. Uma usubuzile ngineqiniso ukuthi uzothola ukuthi igama namuhla eliyisibongo sakho kwabe kuyigama lomuntu owake waphila njengelungu lomndeni wena ungakazalwa. Yebo zonke izibongo zethu zivela emagameni abantu abake baphila. Asikho esingaziwa.
Uma ufisa ukwenza kube lula kuwe nakubantu abadala ekhaya ukuqondanisa iminyaka, buza abadala ukuthi njengoba sazi ukuthi umndeni wakwaZulu wawuneLembe, iNkosi uShaka njengokhokho wabo, ngubani owesibongo sakho owayephila ngaleso sikhathi seLembe? AbakwaMdletshe bazothi uNgomane, abakwaMhlongo mhlawumbe bathi nguNxazonke njalo njalo. Nawe-ke bakhona abakini okumele ubazi. Uma waze lokho uyobe usuqala ukwazi ukuthi emndenini wakho eminyakeni ebalelwa ema-200 kwakukhona bani. Uma igama lingaveli okokuqala nokwesibili ungadikibali, zinike isikhathi unike futhi nabadala isikhathi sokuphenya ngomlando womdeni.
Indlela elula yokuqoqa umlando womndeni wukuthi ube nesithombe emqondweni. Lesi sithombe kumele sibone umndeni njengesihlahla esikhulu esinamandla. Lesi sihlahla ukuze siqine kumele sibe nezimpande ezijulileyo. Sibe namagatsha kanye namahlamvu. Sicabange lesi sihlahla, uthi usasicabanga ucabange umndeni wakho owaziyo? Uyababona bonke? Njengoba sike sibone izihlahla ukuthi kazifani, kukhona ezinkulu kubuye kube khona ezincane, nemindeni injalo, kukhona emikhulu kanye nemincane.
Njengengane kungenzeka uzibuze ukuthi yini umndeni nokuthi ngobani abakha umndeni? Ngiyazi kwabanye abafunda ezikoleni ezizimele noma eziqhuba ngemfundiso yasentshonalanga bafunda ukuthi umndeni ngumama nobaba. Yebo kobelungu kunjalo kepha kithina boHlanga akunjalo, ngoba asifani nabelungu futhi asibona abelungu. Kuthina boHlanga nabeNguni umndeni akuyena umama nobaba nezingane kuphela kepha kukhona abanye abangamalungu omndeni nabamqoka ngokulinganayo.
Umbuzo uzothi pho uqalaphi umndeni? Impendulo elula ithi njengoba silinganise ngesihlahla nje okusho ukuthi kukhona isiqu okungumsuka wesihlahla. Lapha isiqu singathi nguKhokhozela abanye nguKhulukhulana esimaziyo igama lakhe mhlawumbe osuka ezikhathini zeLembe. Ukhokhozela lona kungaba ngowesilisa noma owesifazane. Kube sekuba khona ukhokho noma ukhokhokazi ngumkhulu nogogo bakababa noma bakamama lapho umama nobaba bengashadile lapho ingane iqhubeka esihlahleni sakubo kamama. Olandelayo ngugogo nomkhulu bona abazala ubaba walezo zingane bese kulandela ubaba wezingane kugcine zona izingane nokuyoqhubeka uma nazo sezinezazo izingane. Okumqoka lapha wukuthi isihlahla lesi esiqale ngaso singunaphakade.
Umliba wozalo
Ikhona eminye imixhantela yesihlahla kithi kwaboHlanga nesingayibiza ngokuthi ngumliba wozalo nawo ophuma kuso isiqu sesihlahla. Ukhokhokazi nokhokho banabo obabekazi babo okuvelayo ukuthi ubabekazi walapha ekhaya wasakhela ubuhlobo kwabani kushiwo leso sibongo agana kuso. Lapha kusuke kwenzelwa ukuba kungakhohlakali ukuthi lapha ekhaya kwazalwa bani waphetha esekuphi ngoba ukuthi usuganile akusho ukuthi awuseyena owesihlahla esikhulu sakwenu yize noma ngobuhlobo usuyoba yigatsha lesinye isihlahla.
Kubabekazi kuqhamuka umzala enganeni ngoba uzalwa ngubabekazi ongudadewabo kababa. Asijike manje sibheke ekhaya komama bakho njengengane. Lapha kukhona umkhulu nogogo bese ngezansi kukamkhulu nogogo kukhona umalume nomalumekazi, Bese ngezansi kukamalume nomalumekazi kube khona umzala.
Esimweni esejwayelekile ngezansi kukababekazi kukhona odadewenu abangobabekazi ezinganeni zikababa wakho, uyihlo. Abanye abalandelayo kuba ngabazukulu bona abaqhamuka kundodana noma kundodakazi walapha ekhaya. Abazukulu laba basuke sebethi gogo noma mkhulu kubazali bakho bese benyuka bayongena laphaya kokhokhokazi. Uma sesiphetha sithi abadala lapha ekhaya bangaba yisiqalo esikahle nesithembekile ekuvezeni isihlahla somndeni besuka esiqwini. Ngokubuza kwabadala uzothola ukuthi ungowakuphi nokuthi uyisihlobo kuphi nokuzokwenza ube nesithombe esigcwele ngomndeni noma uzalo lwakho.