Ivulwe kunzima, imiphumela iqhakazile ku-Excel Running Club



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Unyaka wezi-2020 ube unyaka onzima kakhulu, akekho umuntu owayecabanga ukuqala into efana njengebhizinisi nalabo abesebewaqalile baba nokuzisola konke lokho kwenzeka ngenxa yokufika kokhuvethe olwaguqula izinto eziningi.
Yize kunjalo kodwa uSibusiso Cele ngokubambisana noMandla Mngomezulu ukufika kokhuvethe akubathenanga amandla ekutheni besungule ikilabhu yezokusubatha. Le kilabhu ezinze eThekwini yaziwa ngokuthi iXcel Running Club. Yasungulwa ngokusemthethweni ngoMfumfu wangowezi-2020.
Kuliqiniso ukuthi iXcel Running Club ifike kwezwakala kwezokusubatha, lokho kufakazelwa ukuthi nyakenye abasubathi bayo babambe iqhaza kwimijaho eminingi eminye bayinqoba lapho kubalwa iNedbank Runified 50km Marathon, iDurban International Marathon neminye eminingi.
Kubukeka ifuna ukuqhubeka nokwenza kahle kulo nyaka njengoba inezinhlelo namaphupho amaningi.
Ngeledlule lekilabhu ithule ngokusemthethweni abasubathi bayo abasha,amagama abo aziwayo kwezokusubatha. Ukwethulwa kwalabasubathi kwenzeke ngoLwesihlanu owedlule ePremier Hotel, ePinetown.
UJenet Mbhele odabuka eMzimkhulu ungomunye wabasubathi osengaphansi kweXcel Running Club, Le ntokazi iyaziwa kakhulu kanti isinqobe imijaho eminingi kuleli.
NgeSonto eledlule uphume isibili kwabesifazane emqhudelwanweni obizwa ngePDAC 25km oqale eWaterfall wasongwa eLahee Park, ePinetown. Phambilini le ntokazi yamela iNingizimu Afrika koweWorld Half Marathon Championships.
Ekhuluma nelaboHlanga uJenet uthe: “Ngijabule kakhulu ukujoyina iXcel, ngihambe kahle kuMzimkhulu Running Club. Isizathu sokujoyina iXcel ukuthi bengifuna ukukhula nami kulo mdlalo. Le kilabhu ibe nonyaka omuhle kakhulu nyakenye. Ngamukelwe kahle kakhulu ngeke ngaqamba amanga, nami ngifuna ukwenza kahle” usho kanje.
Uthe usekhathele ukugijima ibanga lika-10km nela-20km usefuna ukugijima iMarathon. Ehlebela leli phephandaba uthe uzobonakala emqhudelwaneni obalwa nemikhulu kuleli iCape Town Marathon.
Ngonyaka wezi-2021 ukulimala kumubambezelile ngoba akakwazanga ukuba yingxenye yeminye imiqhudelwano, ubalule ukuthi ubezitshela ukuthi sekuphelile ngaye kodwa abaqeqeshi bakhe bamukhuthaza ukuthi aqhubeke ajime usanalo ithuba.
Abanye okuvele amagama abo umsubathi odabuka eZimbabwe uRutendo Nyahora owayebambe iqhaza kuma-Olympics ayeseBrazil ngonyaka wezi-2016, uDominic Khoza, uNkosinathi Ntuli, uBonginkosi Mavuso noPakiso Mthembu ukubalwa abambalwa.
Akugcinanga ngokuthi kumenyezelwe abadlali nje kuphela kodwa iXcel yenze okuyingqophamlando kwezokusubatha, njengoba imemezele ukuthi isizosebenzisana neBlack Diamond Athletics Club.
Okuvelile ukuthi iBlack Diamond AC ifike nabaxhasi bayo-Ibhele Nabangani Consulting Engineers, okuyinkampani yonjiniyela eyakha imigwaqo namabhuloho. Kwenzeka lengqophamlando nje lo mcimbi ubuhanjelwe ngisho ngumengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), uSteve Mkasi nezikhulu zamanye amakilabhu kulesi sifundazwe.
Ekhuluma nelaboHlanga uMngomezulu uthe: “Kuyajabulisa ukuthi imisebenzi yethu emihle iyabonakala. Angikungabazi ukuthi lobu budlelwano buzoza nemiphumela emihle kakhulu. Ukuhlangana kwethu sinenhloso eyodwa okuwukuthi sinyuse ezokusubatha kulesi sifundazwe. Inhloso yokusungula iXcel kwabe kuwukwenza into eyahlukile, siphinde sithuthukise nabasubathi basezindaweni zasemakhaya” Kubeka uMngomezulu.
UMngomezulu uphinde wabalula ukuthi iXcel maduze izovula igatsha layo eGoli, sebekwenze konke ukuqinisekisa lokho. Uthe baningi kakhulu abasubathi bakulesiya sifundazwe ukujoyina lekilabhu. Okunye okuvezwe uMngomezulu ukuthi izingxoxo zisemaphethelweni phakathi kwabo nenhlangano yezokusubatha eLesotho njengoba befuna ukusabalalisa lekilabhu kuwona wonke amazwe ase-Afrika.
UMbongiseni Ndlela, ongunobhala weBlack Diamond AC, uthe: “Ngokuhlangana ne-Excel kasingabazi ukuthi lizofezeka iphupho lethu lokuvundulula amakhono yonke indawo siphinde sipholishe neselikhona. Kasizugcina ngokucija ikhono labagijimi kodwa sizobafundisa nezinto ezifana nokuthi kukhulunywa kanjani nabezindaba, ukonga imali nokunye.Kumele bazi abasubathi bethu ukuthi ezemidlalo zinekusasa elifushane. Engikuthandile ngalobu budlelwano wukuthi womabili amakilabhu aqhakambisa ezemfundo” usho kanje.
Abanye lamakilabhu bobabili abamenyezelwe i32GI okuyinkampani ekhiqiza izikhuthazi mzimba ezivumelekile kwezemidlalo.
USiphiwe Ntuli we-Ibhele naBangani Consulting Engineers uthe kube yintokozo ukubambisana nala makilabhu. “Ezokusubatha kuliqiniso ukuthi azinakiwe. Kuyihlazo ukuthi umsubathi uzogijima ajike athole imali encane. Sizimisele ukujabulisa abasubathi bethu bezibone bebalulekile. Sizobafundisa nezinto eziningi okubalwa nokuphatha ibhizinisi nokunye” usho kanje.