Umashayabhuqe ukushiya ufana netwani lengulube



USolwazi uZ.L.M. Khumalo uyiNhloko Yezilimi Zase-Afrika e-University of Zululand. Uyilungu…
Isihe nesihawu sishile kwezinye izinhliziyo, kweminye imizi, kwamanye amazwe nasezingxenyeni eziningi zomhlaba. Umuntu uma usumshaye wamahlula, uyamxolela uphinde uphile naye. Hhawu! Ngisho esethi: “Maluju! Usungahlule ngiyayivuma!” Ubhuqabhuqe, uqobaqobe, uvithivithize ushaye ikhuhle?
Yivaka eligila leyo mikhuba ngoba lesabela ukuthi lo muntu engimthonye manje uma eke wathola elinye ithuba, ngimdala nguye. Yikho nje-ke lisuke lifela kuye kuhle kwehobosha, elingaxazululeki uma selike laze laxhakathisa. Lenza isiqiniseko ukuthi isitha salo sife fi. Ngumthakathi okhunkula kwazigodo futhi ongenanhliziyo yokuhlehla uma isike yaze yabambana eyokuqotha. Uphika ukuthi uyokhululwa ukuqotha imbokode nesisekelo. Naye uphethwe yilo ivuso lembengwane yokuthi angiphuthume zonke izinto zisangivuna ngoba uma zike zangijikela, nakho kimi.
Okubuhlungu kakhulu ukuthi ucoboshisa eshanela nje ngezikhwama zakhe zazingamiselwe ukucoboshisa. Izikhwama zimiselwe ukuhlenga, zihlangule abantu osizini lokufa, zibakhiphe okhukhwini nasemkhunjini wokufa. Kepha uma sezike zasetshenziselwa ukufeza ezinye izinhloso ezithe phecelezi, konakele konakele. Ngeke kuphinde kulunge. Ngisho yena umenzi nomninikho, abathe uyazazi ngezakhe kwezakhe, kushaye phansi ngonyawo ukufa, ahlambe izandla ahlale. Kokunye njalo wayedlala nje engaqonde bubi, ethi uyethusa, kanti usezodlebeleka edlule kakhulu. Ugcina engasakwenzi ngokuthanda kepha nanoma inini usedunguza phansi kwethunzi lequnga, elihlale likhalela ukugadla nje, lithele othulini.
Ngumkhunkuli lona wale mikhuba yansondo, ochoma uphaphe ukufa, bese kuthiwa kudla fumuka kudle silaza, kuhlaba okuyithandayo, kwalela enonophele, nakho kufuna yona qho.
Uyenabani eqinisweni ongumashaya abhuqe phakathi kwabo bobabili? Izinkomba zonke, yize nazo zakhomba izwe lafa, zinuka bona bobabili emazingeni ehlukene. Zimkhipha phambili umkhunkuli kwelabantu abazedlulela ngokwemvelo. Udilikelwa yijele kwelokufa kwabantu ngokuphoswa, yimiklwebhelo, yimibhulelo, yimeqo, ukuthwetshulwa nayo yonke imikhuba yakonyangamthakathi.
lsintu silile kakhulu namanje sisembicana sinyembezana ngomdlavuza. Uma abantu bephefumula ngomashaya abhuqe, abamlibali umdlavuza. Ubaqedile abantu umdlavuza. Babodwa esisongwa simanzi, babodwa nje abake badonse isigwebo seshumi leminyaka. Abanye badonse amashumi amathi evayo, umuntu ehamba nakho. Abanye njalo badonse isigwebo sokudilikelwa yijele abasigwetshwa ngumdlavuza. lngabe ngizothi sisala kanjani sona esentambo? Babodwa abazalwa naso, besishiyelwe okanye besimunce kubazali. Babodwa abasithola endleleni, behamba emhlabeni. Siyobadla-ke kancane kancane umuntu aze orne, omelele othini njengentethe. Umuntu aze abe ngangabasemehlweni umdlavuza kancane kancane umdlavuza. Kokunye njalo omunye akasaguliswa nayiwo, useguliswa ukwazi ukuthi ugulela ukufa. Uguliswa ukwazi ukuthi ezakhe zibaliwe emhlabeni, }isesandleni sikamashaya abhuqe. Uguliswa nje nawukwazi ukuthi ukufa okumkhweleyo, akunamshanguzo.
Umuntu usuke ekhanyelwa ukuthi nanoma mzamo mini, ayithi shu, kuphela nje ukumisa ithemba kuye. Usuke azi ukuthi uyimizamo nje yokugcina icala, nokuthiba imbambathe umdlavuza ukuthi hhayi ngolaka, hhayi ngamatshe, ngamagabade. Siyomphehla-ke isibungu nomswenya lona wena wabona umuhlwa namaye ephehla akuphehlayo. Nawo uyomphehla umbhobobhoboze umenze amanikiniki itwani lengulube. Akwehlukene nokufa kancane kancane kuze kukwenele. Okumkhweleyo kumshaya kumbhuqe ehamba aze athuke esebalisa ezililela ngokuthi: “Kodwa iNkosi isamgcineleni, ayimthathi ngani?” Azililele isililo kanti umuntu uyalilelwa kobantu. Isikhathi esiningi ulilelwa esethule, kulilelwe abasele.
Kulokhu kusuke kubiza induduzo nokuthoba amanxeba kulowo okhwelwe nodikadikwa ngumashaya abhuqe. Nizame ukumbuyisa ithemba, abone ukuthi kanti naye ngempela usaphila, ubethi usengumufi. Kepha uma nimyekelela naye umashaya abhuqe, hleze nani nibe nesandla ekushesheni kwakhe ukwedlula, ngokumlahla ephila ngoba nithi vele … Yize azi ukuthi kuyivela kancane kuye ukuphonsa umbalane, mmiseni isibindi nimduduze, ethi efa, afele ethembeni nasenduduzweni yokuthi akakulahlwa naphambili. Inkolelo ithi olahlwe emhlabeni, ulahliwe nasezulwini.
Ukukhungatheka kwethu ngomdlavuza usidlavuza singazi ukuthi sothathani sihlanganise nani, memfu ivukana. Ingabe ngithi yivukana nje, ngikuthathaphi lokho, lokhu akunkunzi ngisho ematholeni, nguhlaba ayihlangane uqobo lwakhe. Bakwethu angiyihashi, ngihlaba isikhonkosi ngeyikho nobuyona. Sathi sibamba siyeka ngomdlavuzo, kwangenisa umfula uza nezigodo, iziqu zemithi zibheke phezulu? Asesendlini! Isingene! Sesiyoye siwukhombe onotshwala nyaniso! Kuchitheke ubhubhane ngimfunge! Uyayazi inkasa nesikhonyane? Ulaqoba lavungula? Uqotha aqothule imbokode nesisekelo? Usengaphakathi! Vicani nina enisaziphethe nasesandleni, nakhu sekusikhwele ngosehla senyuka! Namekani ngodaka, iyavuza imbiza!
Ngisho abakwazi ukushibhesha, zibaphikile izinhlanhla, kwashunqulwa ngisho ingundi.
Akusiyena umashaya aqothule lona, usadinga nje elakhe igama. Futhi udinga nje elakhe elimiyo ungoma. Ingculaza! Hhayi khona bakithi. Kanti soneni emafini? Okungempela simone ngani ongabonwayo? Pho wasithela ngoyaba? Sathi sikhala siyayatheka, wasithela ngesitilobho. Sathi sithi usithele ngaso, kwasha inkalivasi, yelanywa yinkasa, yisikhonyana, ngofezela? Uthi ukhona osazi lesi sithixo? Uphi bakithi simbone? Siboniseleni sonke simazi owokwaziwa!
Wake wakuzwa okusihluku sedlula ukwenza? Bathi abanye yiwele, banquma sisu sinye nomdlavuza. Bayaqikileka abanye. Bathi abanye ngowakwabo emhlane, uza kuye emhlane kunina noyise nh. Barna ngentaba abaningi. Bathi abanye qha, ngowenye indlu lo, nomdlavuza ngowenye. Badabuka emikhathini eyahlukene, abadlelani ngisho ukudlelana. Lokhu okunenza ninkankanye ubuhlobo, yizenzo zabo ezifana nse. Izigqizo zomdlavuza, uhlobe ngazo ungculazi. Izigiyo zomdlavuza, nongculazi uyomthola evumisa, edlala ngazo. Ngisho ukudlala kwabo nse, nse, nse, izithupha ziya egwayini. Akusikho nje ukufana kwamabheshu ngoba nomunye enokuzisikela elakhe. Makube ikhona inkunzi eyeqa isibaya. Uma ingeqanga isibaya, yeqa umncele. Akukaze kwenzeke lokhu. Kwakuphikwe izinkani yini? Kuqhamuke lo, uthi yiloya, kuqhamuke loya, uthi yilona osanda kwedlula. Phinde! Lunye uthanga, lwehlukene ngezingono zona zihlanzayo.
Ingculazi yinkunzi kamashaya abhuqe. Futhi-ke yona yimbi ngoba ngumabulala ehleka. Yisiyengane lesi esikulanda ule, uze uhalazela okwenkomo ehahayo, kanti ikhaba linomahamba -nendlwana. Azinqindwe amanqindi eziluvava ziyeke ukuphosa, itshe limi ngothi. Uma zingawanqindi zizonqindwa ngugedla eyihlekisa. Nakhona isigwebo yebuyababa! Usidonsa sonke njengakhona kumdlavuza uze uye egodini. Asikho isephulelo noshwele. Futhi-ke ngumazidonsele siqu, akukho ukubopha impande yesono, uphume uyoqhubeka lapho ugcine khona.
Okubuhlungu kakhulu ukuthi sibhebhethekisa okomoya lesi sifo esingumashayabhuqe. Izinkolelo ziningi zokubhebhetheka kwaso kodwa naphezu kwemigomo nezinhlabamkhosi akuthi shu ngoba zeqiwa ngaphezulu. Kuqashelwe kabi kabi ebudedengwini nengxaphephe ngoba eyalapha ayinanxese, ziyawushaya nje. Uyawazi unqasha? Imizamo yonke 1s1yenziwe ukubhula ngamahlahla nezicimamlilo !eli kloba lequbula. Isenziwa ngakho konke okukhona ukuthi ikhoba lelangabi lingakhothi izulu libhuqe izintuthwane ezikhonze kwamhlaba. Iminwe eminingi ikhomba kumathe nolimi, omayifohloza, othambo lempangele. Ah! Ayidle izibekele!
Konje phela sekwaba ngelekhentakhi? Ubufakazi bukhomba bona ngenjumbane, ekuhlwanyeleni nasekucheleni lolu bhubhane. Angicacise lapha, uma injumbane idla bona, akusho ukuthi bonke nokuthi akuyekwe ukuthandana ngoba zingaba yini izithelo zakho. Sisho-ke izithelo ezimtoti neziphilayo, hhayi ukhula, intshwaqane, izibabane nezimuncwane. Kodwa okukhulu kukhomba ekuthini umlilo uthungwa, uhelwe wucansi.
Kulukhuni ukuthi kungashaywa umthetho wokuthi aluyekwe ucansi, kepha isexwayiso sikhuthaza ukukhetha, ukuhlunga, ukwexwaya, ukwethembeka komunye nomunye. Nohudula unyukunyuku wesipani sakhe, sengathi anganqindeka, abuye nganeno. Akezilime ngomnyuzi. lngani uyalidonsa uwodwa igeja ize ingene insimu? Abesithembu, yenabelani ezivikelini eziyizo nipheze ukuba ngamaphikankani namahlongandlebe. Phezani ukuthi sobona khona. Niqambe nibone khone, seniqhubekela ezinkanini zokuthi sobhubha sodwa ngoba sinjani? Bese nilihlwanyela ezinkanini igciwane likamashaya aqothule.
Isixwayiso siqonde nxazonke ngoba ekugcineni, kukhinyabezeka iminxa yonke yomphakathi. Bandla ephakathi, zwanini iziyalo ngejazi lamasoka. Ngaphandle kwalo, ayeluke ezaleni, ilale ekhaya. Ayithinte umaqondana, zwi, iyeke ukuba wuvanzi, umhlambi kazalusile nomlalandle. Ntombi zakithi, siyathayiza; thiyani ubhubhane ngokuzithiba. Sabhubha saphela phu isizwe? Wabhubha umhlaba waphela phu? Beningebuye nganeno nicancathe izisekelo zezimilo na?
Okubabazekayo ukuthi naye lo mashaya abhuqe udla fumuka adle silaza. Uyakwelulela intambo ende ukuba uzikhunge. Noma usuzikhungile aphinde akwelulele usuhamba nakho.
Okubuhlungu ukuba ubhuqe ngisho izinswane ziseseziswini zonina. Zizalwa nje sekuvele sekonakele kwagcina. Lo mswenya awukhethi bala, unqunda ngisho amahlule ngenxa nje yabazali. Umaqothula adle ngaphandle, agekleze ngaphakathi. Adle omncane adle omkhulu. Sukumani bakwethu nimelane nale mpi! Asebekhanyelwe ngayo, abaphume ngemizila, bakhankasele ukuhlenga bahlangule umhlaba. Duduzani nisingathe esesibahlabile, bazizwe besekhaya, bemukelekile ezigabeni zonke zemikhakha yomphakathi. Bangakhethwa iphela emasini funa bazidele njengezilahlwa.
Yebo-ke ngomashaya abhuqe isibili laba abankankanywe phambilini futhi asinandlela kuze kube manje yokukubanqinda sibanqande. Khuthalani zingwazi zongoti, ningaphumuli, ningabulali ubuthongo ningakanqobi impi ehlaseleyo. Kodwa nansi enye impi kamashaya abhuqe, intela? Ngumadlakaza ashiye lona. Uyamazi umgqakaza ashiye bayosala becoyisa? Yintela leyo. Kusuka phezulu kuPAYE kophuma phansi. Uyabona uPAYE, yinsizwa leyo; yinsizwa ziphelele impela. Uyakuqothula akuqede nya, nya, nya inkanyana. Yebo-ke uP AYE yishinga lezinye izinsizwa njengoba naye eyinhlalisuthi nje engasuki phansi. Ngiyayincamela mina insizwa ehlangabezana ngezifuba mahlanze nezinye izinsizwa, kugobe egobayo. Hhayi insizwa ikhalele kulokhu okumadolo enkonyane. Insizwa ayiphume udede nje ithi qekelele, ikhombe enye phansi emini libalele kubuka noma bani.
Ha! Nangu umabhuqa aqothule. Lokhu okukhokhobayo? Kudla lihlule, kudle luswane esizalweni sikanina. Kudla luswane oluncelayo, kudle gcobisisu. Kudla bani kudle bani, wena nsasa wena ngwevu. Wena mpunga wena ngubo ziya eweni. Kudla nkubela kudle sithulu, mpumputhe, sishosha. Kudla nkedama, mhambuma, mfelwa namfelokazi. Ukuba akunamahloni kudla kuze kudle ngisho isidumbu sidindilizile. Ungcono umdlavuza nengculaza ngoba kugekleza kuzibonge sekumi laphaya kubukele ngoba sekunqobile. I GST? Hha! Uyaphi lapho? Buya, usukhuluma ngeyizolo! Ngisho khona kanye okuyiVAT.
lntela yentengo? Ayikushiyi usavele. Ikuqothula ngisho ulele ungumduku emseleni, ibilokhu ithe nje nangu, ixhoze, ixebule, ixexebule umkhome. Ngisho ususithele egodini, ibe isalokhu ikulandele, ayideli, uze uyeke ukuwuveza umunwe. lngani kuthiwa uhambile nje, nanti itshe lesikhumbuzo, ethi umashaya abhuqe ngilapha. Ubulala aze abulale ngisho izimfakabili omdala. Ukubulala ngisho usuwaziphumulela egodini, usakuqaphele ukuthi ucabangani, agadle. Kuyichilo eliphindiwe nelesabekayo leli. Eyamadoda iyedlula madoda. Abantu bayaxabana babuye baxolelane madoda ngoba akusiyona impilo ukungezwani nokungangenelani. Kukodwa nje lokho, kuyawukhonga umkhokha nomswazi, lephuke emini lingakaze lihlome. Ayithelelane amanzi bakwethu! Ayikhumelane umlotha bandla ephakathi!
Sekwanele! Khumu! Kuyoba nini kanti?