Now Reading
Bakhala ngokuthamba kwethimba kunhlolokhono
Dark Light

Bakhala ngokuthamba kwethimba kunhlolokhono

Zisuka nje ngoLwesibili okube wusuku lokuqala kwenhlolokhono ezosongwa namuhla ngoLwesihlanu kulabo abane abasembangweni wesikhundla sozoba yiNhloko Yabehluleli ezweni kucacele noma ngubani ukuthi kuhlangene omakadebona kwezomthetho abanamava nasemikhakheni ehlukene kwezobulungiswa.

NgoLwesibili kuvulwe ngoMbuyiseli Madlanga okuthathe usuku lonke ephekwa ngemibuzo. Njengoba kujwayelekile lapho umuntu esuke esesigcawini senhlolokhono, nakuye lubonakele uvalo kwazise ube ngowokuqala nehlolokhono ikhonjiswa umphakathi ezinhlakeni ezehlukene zezokuxhumana. Lokho kubonakale nangempendulo yakhe lapho ebuzwa khona uKhomishana uNosiviwe KaMapisa Nqakula othe ngabe ucabanga ukuthi iNingizimu Afrika ikulungele yini ukuba neNhloko Yabehluleli engumuntu wesifazane.

Empendulweni yakhe uvele wancoma imbangi yakhe kulesi sikhundla uMandisa Maya onguMengameli eNkantolo Yokwedlulisela Amacala, emchaza njengomuntu amazi kakhulu futhi abona simfanele lesi sikhundla. Emuva kwempendulo yakhe kungenelele uKhomishana uJulius Malema othe akaphenduli ngqo umbuzo, kodwa uncoma osembangweni wesikhundla naye ngoba engowesifazane.

Ngaphandle kwalokho uMadlanga kwenye yezimpendulo zakhe uthe akukho okuphambene nomthetho ngokugxeka ezobulungiswa, kodwa akumele ukuthi kuze kube ukuhlasela okwehlisa isithunzi salolu hlaka nokusebenza komthetho.
“Ukugxeka akumele kufike lapho nezinkantolo zingasahlonishwa,” Kwenye impendulo uMadlanga unqabile ukuchaza kabanzi umehluko phakathi kokugxeka nokuhlasela ngokulandela umthetho. Lo mbuzo ubuqhamuka kuNgqongqoshe Wezokubulungiswa uRonald Lamola. Lokho kungamehlisela amathuba okungena kulesi sikhundla, ngoba kungahumusheka ngokuthi kukhona lapho angeke wakwenza khona ubulungiswa.

NgoLwesithathu isihlalo esishisayo besihlelo uMehluleli uMandisa Maya. Esendlalelweni sakhe ngaphambi kokuphonswa ngemibuzo okuthathe imizuzu engama-20 uzwakale enokuzethemba. Uchaze ngomlando wakhe nokufika kwakhe eKapa lapho asebenza khona naBehluleli asebemnkantshubomvu njengoMehluleli uJohn Hlophe.

Ubonge u-Adv uDumisa Ntsebenza, athe wabona indlela ayesebenza ngayo kwaba nguye owathi bayabadinga aBehluleli besifazane. Uzwakale ezithatha izinhliziyo zabanye boKhomishana ngesikhathi ephendula umbuzo kaKhomishana uHlabetsa othi, uphinda umbuzo obuvele usubuziwe wokuthi ngabe ubona ukuthi iNingizimu Afrika isikulungele yini ukuba neNhoko yowesifazane.

Empendulweni yakhe uthe akaboni ngisho nokuthi kunesidingo sokuthi uze ubuzwe lo mbuzo ngoba unemixhantela eminingi. “Kwake kwabuzwa yini ngaphambilini ukuthi kulabo abakhona babona ukuthi iNingizimu Afrika isikulungele yini ukuba neNhloko Yabehluleli yoHlanga. Elakuleli kade lakulungela, sinabesifazane abaningi, akukaze kube khona ukuntuleka kwabo lapho bengathatha khona izikhundla ezindaweni ezihlukene. Akumele kube sengathi siyenzelelwa, izinto sezaguquka manje,” kuphendula uMehluleli uMaya.

Embuzweni ophonswe u-Adv uCain obulandelela obukade uphonswe uLamola wokuthi uzokwazi yini ukuhlala esithangamini lapho kumele aqondise khona ubugwegwe ozakwabo aphinde aveze nokuke kwenzeka phambilini. Ephendula uthe uyacabanga ukuthi kukhulunywa ngoMehluleli uHlophe.

See Also

Uthe akanabo ubuhlobo obutheni noHlophe, kodwa ngesikhathi ebuya e-USA waxhumana kakhulu naye. Uthi ngesikhathi efika eKapa kwaba nombhalo ephephandabeni laseKapa owawukhuluma ngokuqashwa kwabo eKapa, uHlophe wayelapho ezobaseka.

Uthi iKapa inkulu kakhulu futhi wayesaba eqala ukusebenza lapha. Uthi uHlophe wayelokhu ekhona emeseka emtshela nokuthi balapha nokumeseka bazosebenzisana. Ngisho naseSCA, wonke amacala ayethinta uHlophe futhi wayesho ukuthi uke waba nobuhlobo naye ngakho akakwazi ukuhlala kuleli cala ngakho uzocela ukuthi kuhlale omunye umuntu.

Uthe elinye icala ngelikazakwabo uMehluleli uMotata. Uthe uHlophe umbona njengomnewabo kugcina lapho, kodwa lapho kuvela khona ukuthi icala elithile lingase limthinte yena noma unobuhlobo nosecaleni uyaye ahoxe.

Kube nokuphawula okwehlukene esizweni kukhona abathi ithimba ebeliphonsa imibuzo belithambile kakhulu ngoLwesibili kuMaya uma kuqhathanswa noMadlanga noMlambo izolo. Kukhona abebethi uMaya bekumele awuphendule umbuzo wokuthi elakuleli likulungele yini ukuholwa owesifazane kwezobulungiswa kunokuba awubalekele ngendlela enze ngayo.

Scroll To Top