Now Reading
Ushiye angalazi konompempe nePSL owoSuthu edliwa yiSundowns koweligi
Dark Light

Ushiye angalazi konompempe nePSL owoSuthu edliwa yiSundowns koweligi

Ubhodla umlilo umqeqeshi waMaZulu, uPablo Martin ngemuva kokuqunjwa phansi yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni weDSTV Premiership obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngoLwesithathu ebusuku.

IBrazilians inqobe ngo 1-0 wephenathi kaLucas Ribeiro ayivalele enethini ngomzuzu wamashumi amabili nanye umdlalo uqalile.

ISundowns iphumelele umdlalo wayo weshumi kulandelana kweyeligi. Isivulele igebe lamaphuzu amahlanu esicongweni yize isalele emuva ngemidlalo emithathu. 

Ngemuva komdlalo uMartin ushiye angalazi konompempe.

“Besingalwi nje kuphela enkundleni kodwa sidlale ingcwenga yebhola. Sidle iqembu elihamba phambili e-Afrika namuhla ngokwami kodwa amadoda amane (unompempe nabasizi bakhe) akhetha ukuthi singaphumeleli. Igoli lethu lokuqala akulona iqiniso ukuthi umdlali wethu ubesemhlabeni ongafanelekile,” kusho uMartin. 

UPule Ekstein uvalele enethini igoli ngomzuzu wamashumi amabili nanhlanu kodwa unompempe nabasizi bakhe bamcupha leli goli bemsola ngokuba semhlabeni ongafanele.

See Also

“Sakhe amathuba amahle kakhulu. Umdlalo nawo besiwuphethe. Mina bengiqala ukubona iSundowns imosha isikhathi. Bakwenzile sekuzophela isiwombe sokuqala. Ngiyaziqhenya ngendlela esidlala ngayo. Ngebhadi sithola imiphumela engasifanele ngenxa yobudedengu namaphutha onompempe,” kuqhuba uMartin.

Usuthu seludliwe imidlalo emithathu ilandelana kuyo yonke imiqhudelwano. Luthelwe othulini yiStellnebosch FC, TS Galaxy neSundowns.

”IPSL ithathe isinqumo sokuthi sidlale namuhla (ngoLwesithathu) ekubeni zikhona ezinye izinsuku. Angiqondi lokhu kwenzeka kanjani ngoba asizange siphumule (Usuthu ludlale neGalaxy ngeSonto kowandulela amanqamu eCarling Knockout Cup). Asisitholanga isikhathi sokuphumula. Lokhu akuqali ukwenzeka. Kuyacaca abanendaba nezimpilo zabadlali. Nokho akukho esingakwenza kumele singene enkundleni sidlale. Abadlali bayazama kodwa bayalimala. Phela bangabantu. Lo mthamo mkhulu kubona ikakhulukazi labo abaphinde badlale emaqenjini abo esizwe.” kusho uMartin.

Scroll To Top