Ukufa kukaNozishada kaMaqhoboza


Phela kwase kukhona ukuqonelana phakathi kwaZulu namaBhunu okwaze kwadonsela empini yaseMaqongqo. Kungakho-ke uNozishada ebongwa kanje:
Ubehlangabez’ uZulu eMaqongqo
Kwaze kwabuz’ uNdlela Wathi,
“Uzawubamba yiphi na?
Mfana kaMaqhoboza na?’’
Kuthiwa empini yaseMaqongqo wagwaza abantu abaningi. UNozishada elokhu ekhononde njalo ethi ulethelwe abafana. Kuleyo mpi amaBhunu abe elekelelwa nguMpande. Wagwaza abantu abaningi lapho. Kwaze kwavuvuka ingalo yanganxanye. Kwathi isivuvukile ingalo yesandla sokudla umkhonto wawubuyisela esandleni sobunxele.
Kuthiwa-ke lapho abantu basebemkakile, bemciba ngemikhonto. Athi uma ethi uyabathathelela babaleke ngoba babemesaba. Kwaze kwakhathala ingalo yesandla sobunxele nayo futhi. Wase ehlala phansi ethi “Wo! Sonde! anizongigwaza kangithandi ukubuswa uMpande.” Bathi bayazindela besaba ukuthi uyabakhohlisa, wathi “Cha, anginikhohlisi, sengehlulekile.” Imikhonto wabe eseyijikijela kude naye. Nebala base bemgwaza-ke. Lafa kanjalo iqhawe elikhulu JikaZulu, uNozishada kaMaqhoboza umfokaNzuza owabe elwela ibutho uDlambedlu. Maningi amabutho kaDingane alimala lapho. Kwalimala uNomdayana kwayolimala uMgumanqa.
Ufa nje uNozishada useyinsizwa engakathathi. Ngakho-ke wayengakathungi sicoco. Kodwa-ke kuthiwa wayesenayo ingoduso yakwaMyandeya (Mlandela) kwaMpukunyoni. Yafa insizwa ezinsizweni. Wayengadle ngabukhulu, futhi wayengemude kakhulu, wayesendimeni yabantu bonke nje, kodwa Amandla! Yafa insizwa emnyama ngebala.
Kwakufanele uDingane aphelelwe amaqhinga. Wanele wafika uNdlela uNdunankulu nomdidiyeli wamabutho, uDingane wabuza uNozishada namanye amaqhawe. Wabe esethi uDingane impi yoniwe nguye uNdlela ngakho makabulawe.
Bamzungezelisa intambo emqaleni base bedonsa amachopho ayo ngapha nangapha. “Donsa kancane, kancane kancane,” kusho uDingane. Waklinyeka waze wafa uNdlela. Wasuka naye uDingane wabaleka wayobhaca ngaseNgwavuma lapho amaSwazi ambulalela khona.
Ake simusho uNozishada, iqhawe lamadoda:
UMziqomela, njengesilwane
UNqamul’ abant’ amaqambi
UGebhuz’ izulu, UNgogo zabantu nezezinkomo;
UMahlungulu-ngodweni.
UMali wendima kant’ uyazalela.
USehla ngendawana yakhe yedwana,
UMgwazi weziqananazana,
UNyawo lungangendlu yakwabo, kwamaSicazana.
UManqe bathi “Adlani ngalapha kwaleziya zintaba?”
Adl’ abantu bakaNozishada kaMaqhoboza.
UChakid’ ozikhohlokhohlwana,
UNtak’ oduke namhlambi
Ngob’ uduke nezakwaMzilikazi,
UNomphanda mthombe wezise!e,
UNtamo kayidinwa yiziqu,
Njengabo bonke zibadinile.
Ubehlangabez’ uZulu, eMaqongqo,
Kwaze kwabuz’ uNdlela,
Wathi: “Uzawubamba yiphi na?
Mfana kaMaqhoboza na?’’
Wathi-ke “Nans’ eyami,
Engizawubamba kuyo!”
Wayesethi-ke yena: “Kepha ngiyakhala
Ngoba ngibona nje iNkos’ isilethel’ abafana,
Angibaboni engizakulwa nabo.”
Ngibon’ abafana bodwa.”
UNdlela kaSompisi wakwaNtuli
UNdlela wabe ezalwa uSompisi. Noma uNdlela aduma kakhulu ngesikhathi sokubusa kukaDingane, wayemdala kakhulu kunoDingane ngoba wayeyintanga kaSenzangakhona. Kwathi ukuba uShaka athathe uBukhosi wabutha ibutho lamadoda ayeseqinile, walibiza ngokuthi yiNtontela. UNdlela naye wabuthwa kulo leli butho.
UNdlela lona wabe eliqhawe elikhulu. Ngesikhathi seNkosi uShaka uNdlela nguye owasebenza umsebenzi omkhulu wokuthi anqotshwe uZwide. Ngempi kaZwide noShaka uNdlela wawamisa kabi amabutho kaZwide amaPhela namaNkayiya. Empeleni la mabutho wawagwaza waze waduka phakathi kwawo. Nasezibongweni zakhe uNdlela ayaphathwa la mabutho.
Ngesikhathi seNkosi uDingane zimbili izigameko ezibalulekile ngoN dlela. Esokuqala ngesamaN gwane, esesibili ngesamaBhunu. AmaNgwane lawa ayebuswa nguMatiwane. Kwathi ukuba uMatiwane ezwe ukuthi uShaka sebembulele, wathatha isinqumo sokuphindela kwelakubo kwaZulu. Phela wayebaleke ngesikhathi sikaShaka owayebhuqabhuqa zonke izizwana ayakhelene nazo. Uthe ukufika kuDingane uMatiwane wazilahla phansi wathi uzimisele ukuba ngaphansi kwakhe (njengoba yena uMatiwane noDingane babengabufuni ubudlukuladlwedlwe bukaShaka). Kwaba sengathi uyamamukela uMatiwane nabalandeli bakhe. AmaNgwane wawakhombisa indawo eyisigodi lapho ayezokwakha khona .. Kwathi emuva kancane nje kwalokho uDingane wabiza uMatiwane nabalandeli bakhe. Wabuza wathi, “Nilaphi bantu na?”