Now Reading
Umthetho Womhlaba we-1913 waphenjwa ukuze kudede aboHlanga enhlabathini
Dark Light

Umthetho Womhlaba we-1913 waphenjwa ukuze kudede aboHlanga enhlabathini

ULord Alfred Milner waqoka uGodfrey Lagden ukuba ahole iKhomishini eyayizophenya ngekusasa lenqubomgomo mayelana nezindaba zaboHlanga. Izincomo uMthetho Womhlaba we-1913 owawakhelwe phezu kwazo yilezi: Okokuqala, kwakuwukuthathwa kwezinyathelo zokuvikela lokho okwakuzosiza abelungu mayelana nomhlaba.

Okwesibili, kwakuwukuvinjelwa noma ukwenqatshelwa kwaboHlanga ukuthenga umhlaba lapho kwasekuklanywe khona ngokomthetho ukuthi leyo ndawo ingaphansi kwabamhlophe. Okwesithathu, ukuthengwa komhlaba yiqulu labantu okwakungaholela ekutheni kube nomphakathi waboHlanga ohlanganyela ubunini bomhlaba ngaphandle kwezindawo ezazidatshulelwe aboHlanga kwakungavunyelwe. Ukwenqatshelwa kwaboHlanga ukuthenga umhlaba ezindaweni zabamhlophe kwaqiniswa ngumthetho owashaywa ngonyaka we-1936 okuthiwa iNative Trust and Land Act.

INkosana kaLobengula yahlala eSihlalweni soBukhosi ngowe-1896. Ngosizo lomndeni wakwaMbengu yahlangana nabasunguli beSANNC ukuze ilwe indaba yokubuyisa umhlaba. ISANNC yayihlanganisa no-Alfred Mangena owayidlulisela kummeli uRichard Msimang okunguyena owayenzela isicelo eBukhosini bamaNgisi ukuthi iRhodesa kwakufanele ithole uzimele njengezwe laseLesotho, iBotswana nelaseSwatini. Ngowe-1923 iSourthen Rhodesia yenziwa yaba yizwe elizimele embusweni wobukoloni babamhlophe. Ngaleyo ndlela iqhinga lokudlulisela udaba eLondon lwafezeka. Kwase kufanele kucatshangwe amanye amasu. Laba ababeqashe uMsimang ukuthi alwe lolu daba baphelelwa yimali noMsimang wagcina engakhokhelwe.

Ngemumva kokushaywa koMthetho Womhlaba we-1913 abantu abaningi balahlekelwa imihlaba yabo. Bekhishwa ezindaweni abekade behlala kuzona nemfuyo yabo yaphenduka izinzulane nemihambima ezweni lokhokho babo. Babekhishwa ezindaweni zabo ngenxa yokuthi ngokomthetho omusha zabe seziwela ngaphansi kwendawo eyayisiklanyiwe kwathiwa sekungeyabamhlophe nekaHulumeni wangaleso sikhathi. Ngesikhathi bekhishwa kwakusetshenziswa umthetho owawubizwa ngeSquarters Act we-1895. Lapha kwakukhishwa ngisho amakhosi nezizwe zawo. Babenikwa isaziso sesikhathi esinganele ukuthi bengakwazi ukuthutha nokuhlela kahle.

INkosi uWillem Sibisi waseMnambithi nesizwe sayo yanikwa isaziso ngaphansi kweSigaba 4 soMthetho uNombolo 41 we-1884 yokuthi yona nesizwe sayo kufanele baphume baphele endaweni ababekade behlala kuyo eyayaziwa ngeRemainder Braakfontein Sub A neRemainder Weltevrede Sub D esikhathini esizinyanga eziyisithupha. Njengoba babekhishwa nje kulezi zindawo yayingekho indawo ababengakhosela kuyona ngaphandle kokuthi basebenzele abanikazi bamapulazi bengaholi ukuze bezokwazi ukuqhubeka nokuhlala lapho. Lokho kwabaphendula izigqila ezweni labo.

See Also

Induna uGemgeni Hlomuka waseRooiport eMnambithi wakhishwa endaweni yakhe nabantu bakhe. Batshelwa ukuthi nxa befuna ukuhlala endaweni kofanele babeyizisebenzi zepulazi ababehlala kulo. INkosi uNoxaka yakhishwa eWeenen nemindeni eyikhulu namashumi amabili. Yanikwa isaziso sezinyanga ezintathu ukuthi kufanele iphumiphele kuleya ndawo. INkosi uSandanezwe Mchunu waseDundee kwaba yiso leso. Ngenxa yokuthi babengenandawo yokubeka imfuyo yabo baphoqeka ukuyidayisa ngemali ephansi. Abanye babephoqwa ukudayisa imfuyo yabo noma baphume baphele ezindaweni ababehlala kuzo.

UHulumeni wangaleso sikhathi wayefuna ukwenza isiqiniseko sokuthi aboHlanga abanampahla ukuze bengakwazi ukuzimela. UMthetho we-1913 wadala abantu abayizimpabanga, imindindi nemizulukeli. Kwesinye isikhathi abanikazi bamapulazi babethi bayayithenga imfuyo kodwa bengayikhokheli, bagcine ngokubaxosha abanikazi bemfuyo. Lokhu kwenzeka kuJacob Meroe owayehlala epulazini iGeluk eKroonstand. Umlungu wepulazi wathi uthenga izulu ngosheleni abayisishiyagalolunye.

Scroll To Top