Ihlabane ngabadlali abathathu abanesipiliyoni iRoyal AM ephethwe yisiqumama sikasomabhizinisi waseThekwini, uShauwn Mkhize


Ekuqaleni kwesizini uMaMkhize uthenge isitifiketi seBloemfontein Celtic sokudlala kuDSTV Premiership.
Iqembu lakhe bese lizabalaze isikhathi eside kuGladAfrica Championship ngaphandle kwempumelelo.
IThwihli Thwahla ifike kwezwakala ebholeni elikhokhelayo. Imithombo ethembekile yelaboHlanga uhoshe izindaba zokuthi iRoyal AM isithenge abadlali abathathu kuTS Galaxy Football Club exams ukubalekela izembe.
“IRoyal AM isithenge uMarlon Heugh obevimba kuTS Galaxy FC. Uzokwethulwa ngokusemthethweni ngempelasonto. Useqede yonke into neRoyal AM. Uvalelisile ngozakwabo eGoli phakathi nesonto,” kubeka lo mthombo.
UHeugh kuphele umzuliswano wokuqala esebamba ibhande kumaRockets.
“Abanye abadlali ababili abajoyine iRoyal AM nguMxolisi Macuphu noShaune Mogaila. Bonke la badlali uMaMkhize ushaye iphakethe wabathenga,” kuqhuba umthombo ongashayi nangephutha eceleni.
IRoyal AM isanda kudedela uSiphelele Luthuli noRonald Pfumbuzayi asebejoyine iChippa United.
ULucky Baloyi uthathwe yiMaritzburg United.
“IRoyal AM izodedela uMzwanele Mahashe uzobhekisa amabombo kuTS Galaxy FC. Kulindeleke ukuthi athulwe ngokusemthethweni ngoMsombuluko,” kubeka umthombo othembekile.
IGalaxy ebambe ibhuleki ku-log iphansi phezulu kulezi zinsuku izama ukuqinisa iqembu layo.
Muva nje isanda kusayinisa uVuyo Mere, Lifa Hlongwane, Shane Roberts, Orebetsa Mongae no-Andile Fakude.
Idedele uNation Ndlovu osegijima kuJDR, Luckboy Mokoena osayine kuSekhukhune United noKarabo “Stitch” Tshepe.