Now Reading
UChakwera uthi uzoyisiphula nezimpande inkohlakalo eMalawi
Dark Light

UChakwera uthi uzoyisiphula nezimpande inkohlakalo eMalawi

Isonto elisongwayo liyongena emlandweni weMalawi nomhlaba wonke ngenxa yesinyathelo sikaMengameli wakhona uDkt uLazarus Chikwera ohlakaze yonke ikhabhinethi yakhe kungazelelwe ekhala ngenkohlakalo. Kwabaningi, okwenziwe uMengameli akwethusanga ngoba izimpawu zakho ziqalile ukubonakala ngonyaka odlule esungula uphiko lokulwa nenkohlakalo i-Anti Corruption Bureau.

Umphumela wophenyo walolu phiko owaholela ekutheni uChakwera akhombe indlela u-Attorney General, noNgqongqoshe Wezamandla uNewton Kambala nabasizi bakhe ababili. Uphenyo lwaveza ukuthi lezi zikhulu zazithinteka ezenzweni zenkohlakalo yamathenda. Isizathu asibeka uChakwera ngesokuthi babezama ukusiza izinkampani ukuthi zihlomule ngamathenda eminyakanyaka okuthumela uphethroli ezweni.

Kwenzeka konke lokhu nje uMengameli ungaphansi kwenkulu ingcindezi njengoba abantu bafuna afeze izithembiso zokhetho azenza ngesikhathi ekhankasa. Engena esikhundleni kwaba nenkulu inhlokomo ezitaladini zaseBlantyre ngoba wayebonwa njengesibani esasizoletha ukukhanya kuleli lizwe elise-Afrika eseNingizimu. Ekhuluma nesizwe ngoMsombuluko kuthelevishini yaseMalawi uthe wonke umsebenzi wongqongqoshe uzosingathwa yihhovisi lakhe kuze kube umemezela ongqongqoshe abasha.

Ungene esihlalweni ngoNhlaba wezi-2020 ethembisa ukushintsha okuningi ezweni. Ungomunye wabaholi asebeke bahambela eNingizimu Afrika eqeda ukugcotshwa kwesobuMengameli. NgoLwezi wezi-2021 amashoshozela aphikisana nohulumeni aqale imikhankaso ephoqa izinguquko ezweni befuna iMalawi Congress Party (MCP) ifeze eyazibophezela kukho ukuqeda indlala ezweni, ukulwa nenkohlakalo nokudala amathuba emisebenzi ayisigidi okuze kube yimanje akukho okubambekayo.

I-Inflation ikhuke ngendlela eyisimanga ngasekupheleni konyaka okuphoqe amakhaya ukuthi ehlise ekuthengeni izinto ezingenasidingo. Umkhankaso wakhe wokulwa nenkohlakalo awutholi ukwesekwa.

I-Anti Corruption Bureau yalubika lolu daba lwaqala laphenywa umonakalo uvele usuwenzekile. Umholi weqembu eliphikisayo uKondwani Nankhunwa weqembu iDemocratic Progressive Party nguye osekhaleni lokuthi uChakwera akasule esikhundleni ngokwehluleka ukuhlonipha lokho azibophezela kukho. okunye abhekene nakho izimbangi zakhe ngaphakathi eqenjini.

IPhini likaMngameli usaulos Chilima weqembu i-United Transformation Movement uthi isivumelwano abasenza noChakwera ngowezi-2020 sokubumba iTonse Alliancen sasisho ukuthi kuzomele angenele isikhundla sobumengameli ngowezi-2025 kodwa noChakwera naye usengakwazi ukungenela umbango.

Izinhlelo zezolimo
Ezolimo yizona uhulumeni ogxile kakhulu kuzo, nalapho uChakwera ekholelwa ukuthi umnotho wezwe ungasimama uma kungaqiniswa emikhiqizweni okuwuhlelo lweminyaka eyishumi lokufuka umnotho olwethulwa ngoLwezi wezi-2021. Uzibekele unyaka wezi-2030ukuthi izwe libe selikwazi ukuba nokudla okwanele lingathembeli kwamanye amazwe nasemalini yokutshelekwa.

Kumanje uhulumeni unezinhlelo zokwandisa amapulazi ombila kanti ngonyaka wezi-2020 kwagunyazwa ukutshalwa kwensangu ukuze isetshenziswe ekulapheni. Ugwayi ungenye yemikhiqizo ebalulekile emnothweni wezwe, kodwa abalimi banokukhathazeka ngokuthi siyakhula isibalo sabantu abawudingayo ekubeni kushintsha izindlela zokutshala. Izwe ladayisa ugwayi ongama-123,7 million wamakilograms ngesizini yonyaka we-2021.

See Also

Imali eyenziwa ukudayiswa kukagwayi inyukile isuka ezi-$175 million ngonyaka wezi-2020 yafinyelela ezi-$197.1million ngowezi-2021. Uhulumeni uxoxisana nezinye izinhlaka ngezindlela okungasizwa ngazo abalimi ukuze bakwazi ukutshala izinto ezihlukahlukene.
I-Interntional Monetary Fund yeluleke ngokuthi uhulumeni kaChikwera ehlise ukusebenzisa imali ngokungenasidingo, uphinde wehlise nezikweletu ukuze kube khona imali ezobhakana nengqalasizinda nezinhlelo zomphakathi.

I-IMF ifuna ukubona izinguquko ngaphansi kohlelo i-Affordable Inputs Programme ukuze abantu bakwazi ukuthenga umanyolo nezinye izinsiza. Ngakolunye uhlangothi uhulumeni ufaka ingcindezi emabhange ukuba kungabi umqansa ukuthola imali yokubolekwa emabhange. Inzalo yemalimboleko ebhange lombuso yayimi ku1-2%, kodwa amabhange azimele inzalo yawo imi kuma-23% okwenza abantu baseMalawi bakubone kuwumqansa ukutshelekwa imali emabhange.

Ugesi
Izinga lokuphehlwa kukagesi eMalawi liphansi kakhulu okwenza nokunqamuka kwawo kube yinto yansuku zaphuma. kukhona ukukhuluma okuthi kumele kuxhaswe izinhlelo zokukhiqiza ugesi kusetshenziswa amanzi. Zikhona nezinye izinhlelo ezihamba emgudwini wokulwa nale nkinga njengokuthi ngoLwezi wezi-2021 uhulumeni wakhipha ilayisensi enkampanini iKalahari GeoEnergy ezokwakha isiphehli sikagesi eChiweta, enyakatho nezwe. Esinye isipheshi sikagesi iSalima esikhiqiza ama MegaWatts angama-60 sakhiwa ngoLwezi, kanti kunenkampani yaseNdiya eyakha esinye isiphehli sesolar. Izinkampani ezimbayo zibona iMalawi njengezwe elinothile kwezezimbiwa okungalekelela kakhulu emnothweni wezwe. Inkampani i-Akatswiri Mineral Resources ne-Altona Rare Earths banezinhlelo zokuqala ukumba eChambe njengoba kuqala unyaka.

IMalawi ingelinye lamazwe amancane ezwenikazi i-Afrika. Emhlabeni ibalwa namazwe ahluphekayo. Ike yahlaselwa kakhulu izikhukhula, isomiso nobhubhane lokhuvethe okwenze sanyuka nesibalo sabantu abadla imbuya ngothi.

Scroll To Top