Ukhethe elanganeno waqoma iSundowns uMokoena


Ichaza ngezizathu ezenze uTeboho Mokoena (osesithombeni) walaxaza amaqembu aphesheya kwezilwandle waqoka ukusayina neMamelodi Sundowns imeneja yakhe uGlyn Binkin.
UMokoena ugcina esayine inkontileka yeminyaka emine nama-Brazilians obesekuphele isikhathi emfuna uthuli.
Iqembu lakhe iSuperSport United ebelingezwa mshini ngaye ligcine ligobe uphondo lamdedela wajoyina iSundowns.
Imeneja yakhe uBinkin exoxa nelaboHlanga engxoxweni ekhethekile uvule isifuba ngokuthi kungani uMokoena ekhethe ukujoyina iSundowns. “Ukhuvethe lwenze kwanzima ukuthi uMokoena aye kodlala phesheya kwezilwandle. Kuyiqiniso elingeke liphikwe ukuthi kukhona amaqembu aphesheya abelandela isimo sikaMokoena phambilini. Amaqembu aphesheya abemfuna abebhekene nenkinga yemali,” kubeka uBinkin owayephethe okaputeni beBafana uLucas Radebe noBongani Khumalo.
UMokoena usephenduke omunye wabadlali abamqoka eqenjini lesizwe, iBafana Bafana. “Siyazi ukuthi unekhono eliyisimanga kodwa akakabi nedumela elingako kwamanye amaqembu aphesheya. Phezu kwalokho neBafana Bafana ayenzi kahle emiqhudelwaneni emikhulu. Lokhu kwenza kubenzima ekutheni sidayise abadlali emaqenjini aphesheya kwezilwandle. Uma wenza ucwaningo uzobona ukuthi sagcina ngoSteven Pienaar ukuba nomdlali owenza kahle kumaligi amakhulu phesheya kwezilwandle. Ngemuva kwakhe akekho omunye ofike phesheya kwezwakala. Ngakho kubanzima ukuheha amaqembu emaligini amakhulu ekutheni bathathe abadlali bakuleli. Asidlali emiqhudelwaneni emikhulu uma singenile siphelela esigabeni samaqoqo. Yingakho amaqembu amaningi aphesheya ethungatha abadlali enhla ne-Afrika noma enyakathu ne-Afrika,” kulandisa uBinkin.
KuSundowns usethubeni lokunqoba isicoco seligi okuyinto angakaze ayenze. Usezinqobe zonke ngaphandle kweseligi.
“Sibheke ukuthi yiziphi izinto ezingamenza ajabule lapha ekhaya. ISundowns kudala imfuna futhi yingakho egcine ekhethe ukusayina nayo,” kusho uBinkin.
ISundowns kubhekwe ukuthi imbhalise kubadlali abazoyibamba kweyamaqoqo eCaf Champions League. “Ubejabule kuSuperSport futhi ephethwe kahle. Leli qembu yilo elamnika ithuba lokudlala ebholeni elikhokhelayo. Akagcinanga lapho kodwa uze wadlulela nasemaqenjini esizwe. Ubejabule eSuperSport futhi iphupho lakhe bekuwukudlala phesheya kwezilwandle. Ngesikhathi iSuperSport ikhombisa intshisekelo, sihlale phansi sasicubungulisisa kahle isicelo sayo. Akuzange kubelula ekutheni iSuperSport United imdedele. ISuperSport yenze iqiniso. Ngewindi eledlule iSundowns ibimfuna kodwa iSuperSport yala. Imthembisile ukuthi uma eqhubeka ezinikela izomdedela ngewindi elilandelayo. Nangempela yenze njalo.” kuphetha uBinkin.