Now Reading
Lingahle lisengele lingekabi namasumpa: Ubani ozovula iSishayamthetho kulokhu?
Dark Light

Lingahle lisengele lingekabi namasumpa: Ubani ozovula iSishayamthetho kulokhu?

Imvama lisuke izulu livumile kanjalo nabantu bethe shaye etendeni. Uthi uza nje ngabantu bezinhlanga ezahlukene begqoke imibalabala kwazise zisuke zidedelwe wonke umuntu esuke ekhipha unyawo. Kepha lithi lingagamanxa eleshumi ekuseni ube usubona kunyakaza amaphoyisa ezokuviliyela, alandele uSobhoko naye ezilungise kanjalo noSomlomo kanye noNdunankulu uyothi uzwa kube sekuthule du ngaphakathi osezwakala nje yiNyosi isibikezela khona ukuthi ukhozi (iSILO) seluthe cababa, umsebenzi usungaqala. Lolu kusuke kulusuku olumqoka noluyinqabakutholwa kweleNdlovukazi uMthaniya kuphela. Ngalolu suku iSILO ngokulandela umthetho wesifundazwe sethula inkulumo phambi kweSishayamthetho esisuke sihlangana okokuqala kuloyo nyaka.

Akukho ukungabaza ekutheni akubona bonke abakuthokozelayo ukuba iSILO sivule leNdlu, lokhu kungenxa yezizathu eziningana esinye sazo yinkolelo ethi inqubo yedemokhrasi kayihlangani neyoBukhosi. Nokho kule minyaka eyedlule iSILO esebuzile siguqule imiqondo yabaningi, njengoba inyosi uNtulizempi yayike isikhe sabe sikwazi ukusenga ibhlamane likhahlela ligcwale igula likaJama. Sihambe nje imilomo isivunana ukuthi ubukhona kwaso nxa kuvulwa iNdlu kuletha isigqi. Nonyaka kuyobe kungokwesibili iSishayamthetho sivulwa ngaphandle kukaNomthebe. Ngonyaka owedlule iSILO esidala sabe sidunguzela nokwabe sekunqunywa ukuba singavulwa iSishayamthetho yize singekho emuva kokuthathiselwa kuso. Nonyaka kuyobe kungokokuqala sivulwa singekho phakathi kwethu njengoba sesiyiNyandezulu.

Sizovulwa iSishayamtehtho nje kukhona ukuwumuzela ngaphakathi nangaphandle kweNdlunkulu. Lokhu kuwumuzela sekwenze uHulumeni ‘wangenelela’ nokho abanye abathi usugaxele. Njengengxenye yokungenelela uHulumeni wamukele ukukhuluma okuthi ‘asikho ISILO’, uZulu kanaNkosi. Kuqale okazwelonke wajuba ithimba labalamuli eliholwa nguMnu uWillies Mchunu nombiko walo kuthiwa usuphothuliwe ususezandleni zikaMengameli. Kuthe kusenjalo uHulumeni wesifundazwe oholwa nguMhlonishwa uZikalala nawo wadedela ibhomu.

Esitatimendeni uHulumeni waKwaZulu-Natal asikhipha ngalolu daba wathi: “Sifisa ukuba kuqopheke ukuthi uMkhandlu Omkhulu waKwaZulu-Natal uthathe isinqumo sokunikeza iNdlunkulu isikhala nethuba lokuxazulula izindaba zomndeni ngaphandle kokugxambukela kwabangaphandle. Ngokunjalo uMkhandlu Omkhulu uthathe isinqumo sokuhlehlisa ukwelekelela nokweseka ngezimali yonke imicimbi yesintu kuze kube okuyimibango ephathelene noBukhosi baseNdlunkulu kuyaxazululeka,” kubeka uHulumeni wesifundazwe. Leli gama lahlaba lephukela njengoba kwasho ukuthi imicimbi emqoka yesizwe izoma nse, kepha elabe likusho futhi likugcizelela wukuthi uZulu kanaNkosi.

Isivivinyo sesinqumo
Phezu kokugodla uxhaso kukaHulumeni wesifundazwe iqhubekile imisebenzi kaZulu kusuka kowoMhlanga oze waba nemilenze emibili, oweLembe KwaDukuza kanye naloyo obe ngeledlule eSandlwana. Ongabanga bikho kube ngowoSwela obanjwa ngoZibandlela nakhona okuvele eNkantolo ukuthi bekukhona isimangalo. Kuqinisekisiwe ukuthi yonke imicimbi ebiba khona ixhaswa ngabazimele nayimikhandlu ethintekayo. Lokhu kubukeka kucijise imikhonto phakathi kwalabo abathi ilanga seliphumile (iNkosi isikhona) noHulumeni njengoba besola uHulumeni ngokuba ‘mdibi ekuxoveni’ iNdlunkulu. Kulokhu uHulumeni uthi ulandela umthetho okhona nolawula isimo nxa kunezingxabano emindenini yakoMkhulu.

Isinqumo sikaHulumeni kubukeka sizovivinywa kulokhu njengoba emasontweni ambalwa kuzovulwa iSishayamthetho saKwaZulu-Natal nayilapho kulindeleke ukuba lokho obekwenziwa yiSILO esidala kuqhubeke kwenzeke. Ngokwejwayelekile kushaya lezi zikhathi sekukhona ukukhulumisana phakathi kweHhovisi leSILO nalelo likaSomlomo. kuvame ukuba ithimba likaSomlomo lisondele koMkhulu nayilapho lethula khona usuku kanye nokuyoba indikimba. Akukho osekuzwakele kepha emcimbini waseSandlwana uSomlomo uMhlonishwa uBoyce ubekhona. Okunye okuyoba yisivivinyo nonyaka wudaba lokuhlonishwa kweSILO ngumbutho wamaphoyisa akuleli.

Ngonyaka owedlule kuke kwaba nenkulumompikiswano enzima lapho ephawula ngalokhu uMntwana uVincent Zulu wacashunwa ebabaza lokhu kukhuluma: “INdlunkulu kaZulu iyakubona okwethulwe yi-ANC mayelana neSilo, okuqondakalayo ukuthi kuphikiswe nguNdunankulu wesifundazwe ngokuthi bafuna ukuhoxisa isiko lokuhlonishwa kweSilo uma sihambela iSishayamthetho saKwaZulu-Natal. Ngaphezu kwalokho, bafuna ukuchitha umsebenzi owenziwa yiSilo wokwethula inkulumo kuvulwa iSishayamthetho. INdlunkulu ithola lezi ziphakamiso zinganambitheki futhi ifuna ukuba uNdunankulu wesifundazwe ahoxise akusho emphakathini futhi lokhu kuwukwethuka isizwe samaZulu nokungabanga uthuthuva emphakathini kungenasidingo.”

See Also

USotswebhu Omkhulu we-ANC eSishayamthetho, uSupa Zuma, wacashunwa ethi ikomidi lithole ukuthi ukushayela indesheni iSilo kuphikisana noMthethosisekelo. UZuma uthi uMengameli wezwe, ongqongqoshe kanye noNdunankulu kuphela abangashayelwa indesheni.
“Sithole ukuthi umbutho wamaphoyisa awukwazi ukushaya indesheni komunye umuntu ngaphandle kukaMengameli, sithi imithetho yokushayela iSilo indesheni iphambene noMthethosisekelo wezwe, futhi ayisebenzi nhlobo. Sizama ukulungisa lokho ukuthi imithetho yethu ihambisane nemithetho yezwe.”

UZuma wathi kuphakanyiswe ukuthi ukuvulwa kweSishayamthetho kube wusuku olulodwa ukunciphisa izindleko.
“Besibhunga futhi sizama ukuchibiyela imithetho yeSishayamthetho. Ingxenye yeziphakamiso zethu eyokuthi sibheke izindlela zokunciphisa izindleko, saphakamisa ukuthi uSomlomo kufanele abonisane neSilo. Kufanele futhi adingide udaba lokuvula iSishayamthetho kube wusuku olulodwa ukuze sibhekane nodaba lwezindlela zokunciphisa izindleko, kodwa asikwazi ukufaka lokho emithethweni ngoba kuwudaba olubhekene nabalawuli.”

Amehlo kaZulu nezwe jikelele azobe ethe njo eSishayamthetho saKwaZulu-Natal futhi okubukeka kungahle kuyilamule wukuphawula kukaMengameli wezwe uRamaphosa osekusele kuye ukuthi aphawule ekuthini ngabe ‘iphepha’ ulinika bani Iqiniso lithi noma ngabe unquma kuphi amaphaphu azobe ephezulu.

Scroll To Top