Now Reading
Ayanda amathuba okukhuphula Usuthu kumfo kaDlamini
Dark Light

Ayanda amathuba okukhuphula Usuthu kumfo kaDlamini

Ukunikwa umsebenzi wokuqeqesha yisinqumo esikhombisa ukumethemba kakhulu kwazise usemusha kwezokuqeqesha


Ukusindisa AmaZulu ekugawulweni yizembe akugcinanga ngokwenza u-Ayanda Dlamini azifake ezinhliziyweni zabathandi boSuthu kodwa kuqinisekise ukuthi unikwa umsebenzi ngokuphelele eqenjini.

Usuthu lugcine luqede endaweni ye-13 ngamaphuzu angama-30 ekupheleni kwesizini yowezi-2019/2020, eke yaphazanyiswa ukusabalala kokhuvethe. UDlamini uthathe izintambo kuMaZulu ekuqaleni konyaka (njengomqeqeshi obebambile) izinto zingahambi neze kahle. Ngaphansi kukaJosef Vukusic, ogcine ekhonjwe indlela. Usuthu beluhluleka ukuqoqa amaphuzu, nokwenze ukuthi lushelele lubalwe namaqembu abevika izembe. AmaZulu abesehluleka ukunqoba noma edlalela ekhaya phambi kwabalandeli bawo.

Emdlalweni wakhe wokuqala ebambile, uDlamini umangaze abaningi ethela othulini iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiership owawuseFNB Stadium, eGoli. Lokhu kubuyise ithemba lokuvika izembe kuleli qembu laseThekwini. 

Nokho konke kuphazamisekile ngesikhathi kuqubuka ukhuvethe olumise kabi umhlaba wonke, yamiswa izinyanga ezinhlanu imidlalo yePremier Soccer League (PSL). Empeleni wonke amaligi emhlabeni abemile kwazwe kwaba imidlalo iqedelwa sekudlule izinyanga.

Ngesikhathi sekubuya imidlalo yePSL ngoNcwaba, alikho iqembu ebelisabambe umgqigqo ngenxa yokuhlala isikhathi eside kungadlalwa. AmaZulu akuthole kunzima ukunqoba imidlalo ngoba belingasekho iqembu ebelidlalela ekhaya, yonke imidlalo ibidlalelwa ezinkundleni zaseGoli.

Nokho Usuthu lukwazile ukubambelela lwanqoba imidlalo embalwa eyenze ukuthi lungazitholi lushona ehlathini noma ludlala imidlalo yokuhlunga. Ukusinda ezembeni koSuthu kwenze ukuthi abaphathi bangachithi isikhathi, bathatha isinqumo sokugixabeza uDlamini ngenkontileka yeminyaka emithathu njengomqeqeshi waMaZulu.

UDlamini wethulwe ngokusemthethweni njengozohola Usuthu ngoLwesithathu olwedlule. Lo mqeqeshi ubedlalela AmaZulu njengomgadli ngaphambi kokuwagaxa emgibeni amakhokho akhe ngowezi-2017. Ngezikhathi zayo isagijimela AmaZulu ibingalibheki ipali le nsizwa yasoLundi eneminyaka yobudala engama-35.

UDlamini udlale imidlalo engama-87 kuMaZulu, washaya amagoli angama-22, kusukela ngowezi-2009 kuya kowezi-2016. Uke wathi qu kuBloemfontein Celtic ngaphambi kancane kokuthi athathe isinqumo sokuthi khumu ebholeni.

Lesi yisinqumo esikhombisa ukumethemba kakhulu uDlamini uma kubhekwa ukuthi usemusha kwezokuqeqesha. Ngaphambi kwalokhu ubeqeqesha iqembu elidlala kwiMultichoice Diski Challenge (MDC) laMaZulu.

ULunga Sokhela, oyiMeneja jikelele yaMaZulu, uchaze kabanzi ukuthi kungani benqume ukunika uDlamini umsebenzi osushikilise abaqeqeshi abaningi kuMaZulu, okubalwa kubona nomqeqeshi onamava uCavin Johnson.

“Ngingathi nje indlela ahole ngayo ithimba labaqeqeshi nabadlali kule midlalo abeyihleli ebhentshini ngesizini edlule, iyona enye yezinto ezenze ukuthi u-Ayanda simnike umsebenzi ngokuphelele. Ngaphandle kwalokho unolwazi olukhulu ngokwenzeka eqenjini ngoba ukhulele kulona njengomdlali,” kusho uSokhela.

“Ukunika u-Ayanda lesi sikhundla kuwubufakazi bokuthi asikhulisi abadlali kuphela ukuthi bagcine sebedlala ibhola ezingeni eliphezulu kodwa senza okufanayo nakubaqeqeshi.”

USokhela uthe njengabaphathi beqembu bazimisele ngokuthi kube khona ukuxhumana okuhle phakathi kwabadlali nomqeqeshi. Ukuveze kaningi ukuthi ukungezwani ngendlela efanele phakathi kwabadlali nabaqeqeshi, kube nomthelela ongemuhle ngesizini esanda kugoqwa. 

“U-Ayanda sizomeseka ngayo yonke indlela, kumele azi ukuthi angethembela kithina njengabaphathi beqembu. Iminyango yethu izohlale ivuliwe uma kukhona afuna ukukubhunga nathi. Nangesikhathi esengumdlali wayehlale ekwazi lokho futhi akakaze abe nenkinga ngakho. Empeleni kuMaZulu sihlale sikugcizelela lokho,” kubeka uSokhela.

Ephendule umbuzo mayelana namagalelo kaDlamini abanye abangamthatha njengevukana kwezokuqeqesha njengoba esemusha, uSokhela uthe akakhathazekile nakancane.

“Ngiyazi ukuthi ngokwezicucu neminyaka u-Ayanda usemncane kwezokuqeqesha. Nokho ngiyakugcizelela ukuthi uyakwazi okwenziwa eqenjini ngoba usebe kulona isikhathi eside. Kuzosiza futhi nokuba khona komqeqeshi onamava eduze kwakhe.”

Uthe isizini edlule bafuna ukusheshe bayikhohlwe ngoba izinto azihambanga njengoba bebefuna.

“Kube yisizini embi kakhulu. Siqale kabi kakhulu, kwathi noma izinto sezithi ziyahlangana sekufike uJosef (Vukusic) kwabuye kwabheda futhi. Ukungaxhumani kahle kwabadlali nomqeqeshi kusiphoqile ukuthi simise umqeqeshi. Kuthe kusenjalo kwafika imvalelwakhaya. Ukufika kwayo kuwulahle wonke umfutho esawuthola ngokushaya iChiefs (ngo 1-0), izintambo seziphethwe ngu-Ayanda. Kodwa siyajabula ukuthi sisindile ezembeni,” kubeka uSokhela.

Mayelana nokuqinisekisa ukuthi iqembu alilokhu ligagaziswa yizembe, uSokhela uthe bakubekile emiqondweni lokho futhi bazozama ngakho konke okusemandleni ukusiza umqeqeshi wabo omusha.

“Into ebalulekile ukuthi abadlali bazilungiselele isizini entsha ngokuphelele. Ukulungiselela isizini yinto ebaluleke kakhulu. Sizozama ukuthenga umdlali noma ababili ukuqinisa iqembu. Kodwa into ebalulekile ukuthi abadlali abebevele bekhona babhukule. Buka nje uMajor (Lehlohonolo Majoro) uze wakhombisa ukuvuka emidlalweni eyisithupha yokugcina. Ubekuphi kule midlalo engama-24? Abadlali nabo kumele bazimisele,” kusho uSokhela.

See Also

UMajoro ungomunye wabadlali abake bamiswa wuSuthu besolwa ngokungazimiseli ngokuphelele ngesizini edlule. Ukumiswa kwakhe kubukeka kumvusile emaqandeni ngoba ubonakale ewukhipha wonke umfutho emidlalweni eyisithupha yokugcina.

Abanye abadlali abebemiswe noMajoro, uMichael Morton, uThembela Sikhakhane, uJabulani Ncobeni, noNhlanhla Vilakazi.

UDlamini uzolekelewa u-Alan Freese, ongomunye wabaqeqeshi asebemkantshubomvu kunobhutshuzwayo eNingizimu Afrika. USokhela uchazile ukuthi bafike kanjani ekutheni balande lolu qweqwe lomqeqeshi.

“UFreese uphakanyiswe uyena uDlamini sase simeseka thina. Yinto enhle ukuthi uma ungumholi wazi ukuthi yikuphi lapho ungasizakala khona ukuze ukhule,” kusho uSokhela.

Ukubuya kwemidlalo yePremiership ngenyanga ezayo akwaziwa ukuthi kuzoza naziphi izinselelo. Ukhuvethe  alukadluli kanti lokho kungase kuchaze ukuthi amaqembu azoqhubeka nokudlala ezinkundleni ezingenabo abalandeli bakanobhutshuzwayo.

“Sifunde lukhulu ngokuyoqedela imidlalo endaweni eyodwa eGoli. Sazi kahle ukuthi abalandeli bangase bangabi khona ezinkundleni uma sekuqala isizini ngakho sikulungele lokho. Empeleni silungele noma yisiphi isimo. Asibhekile ukuthi kuzovele kuthiwe abalandeli sebezoba khona ezinkundleni uma kuqala imidlalo yesizini entsha,” kusho uSokhela.

Uphethe ngokuthi ukhuvethe nabo lubashaye kakhulu kodwa isimo sesiyazama ukubuyela kancane, ngokwabaxhasi namabhizinisi ancikene nabo.

“Le nto (ukhuvethe) isihlukumeze sonke ngezindlela ezahlukene. Sisendleleni ebheke ekukudluliseni konke lokhu kancane kancane. Sithemba ukuthi izinto zizobuyela esimeni kungekudala,” kusonga uSokhela.

Imidlalo yePremiership izobuyela enkundleni ngenyanga ezayo sekucacile ukuthi yibaphi abaxhasi abazothatha lapho kushiye khona i-Absa. Izigidi ezili-R15 ezihambisana nokunqoba isicoco seligi bekungokokugcina zikhishwa yi-Absa evumelene nePSL ukuthi kuphele obekubahlanganisile.

Phakathi kwezinkampani okuthiwa zingase zithatha kubalwa iBidvest neMultichoice (DStv).

Scroll To Top