Izinjinga zivamile ukunindwa wudaka lwepolitiki
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ukuvela kwezindaba zokuthi loyo ongusomabhizinisi nomphathi weqembu likanobhutshuzwayo AmaZulu FC uMnu uSandile Zungu uzongenela isikhundla eqenjini lepolitiki zivuse inkulumompikiswano ngokungena kosomabhizinisi kupolitiki.
Esimweni esejwayelekile ukuba nomholi ongusomabhizinisi kuba yinto enhle nencomekayo. Kuhle ngoba abantu basuke benenkolelo yokuthi isipiliyoni saloyo ongusomabhizinisi singafukula izwe kakhulukazi kwezomnotho. Umhlaba ube nomlando wobuholi bosomabhizinisi kuhulumeni nokube nomthelela omuhle kwezinye izingxenye kwezinye kwaba ziswambithi. Abanye bakwazile ukusebenzisa amava ebhizinisi ukuletha izinguquko kanti abanye banede bangena kupolitiki base benza izinto ezinyantisayo bamosha namazwe abo.
I-United States of America (USA) izihola phambili ekubeni nalolu hlobo lwabaholi njengoba owokugcina kube nguMengameli uDonald Trump nobe nguMengameli wokuqala ongusozigidi ukuhola leli yazwe. Emuva kukaTrump bekukhona owayengumengameli uGeorge W Bush owaqala ngokuba yisikhulu esiphezulu enkampanini kawoyela.
Khona futhi e-USA owayenguMengameli uHerbert Hoove waqala waba yisikhulu esiphezulu semayini. Enye injinga eyaphatha izwe amahlandla amathathu nguMnu uBerlusconi e-Italy. Lena kuze kube namuhla yinjinga ehweba nezinkampani zethelevishini.
I-Ukraine nayo yaba nayo injinga enguMenameli uMnu uPoroshenko owaqokwa ngowezi-2014. Igama lika Mnu uThaksin Shinawatra waseThailand lingesale ngaphandle njengoba ekugcineni wabhekana namacala enkohlakalo ngentela nathinta nomndeni wakhe. NaseChile wayekhona uMnu uSebastian Pinera okwathi noma aletha okuhle emnothweni wezwe kepha iningi kwaphela lingasamuzwa.
Kulaba baholi nabanye kukhona okuhle okungashiwo ekuqhamukeni nenqubomgomo yezomnotho nokufukula izingampilo labantu nokho abanye bayathinteka ngandlela thize ekududuleni izindodla zemali kuzinkampani ezenza umsebenzi abaphuma kuwo. AbakwaBush nje nanamuhla bayasolwa ekutheni i-USA igasela e-Iraq nje yingoba kwabe kuwumgolo wabo nezinkampani ezidlelana nabo ezazigovuza impi ukuze kutatshwe uwoyela.
Kanti noTrump naye ushiye idede lodwa e-USA njengoba ngezikhathi zakhe kuvuke osidlame babelungu nabagcine bephihlize iphalamende lakuleliya lizwe nokucijise imikhonto kuyinamuhla. Okuka Berlusconi kwabe kubuye kukhexise umlomo njengoba wayehlala esobishini, uma kungeyona intela kwabe kuwukubutha amayengandoda asemancane.
Kukhona imibuzo ekutheni ngabe uZungu unamava afanele yini ukuhola iqembu njengoba engaziwa ezinhlakeni zeqembu. Kanti abanye bayamkhalela ekutheni njengoba engena kwipolitiki nje ziyomdwengula izimpisi zehlise nesithunzi sakhe. Eminyakeni eyedlule uZungu uke wacashunwa esola uKhongolose ngesikhathi kunokukhalaza ngobuholi nenjolozela ikuMnu uZuma.
Kulokhu uZungu wacashunwa ethi: “I-ANC idinga ukuzinuka amakhwapha futhi ngabe ihlinzeke ubuholi obanele yini? Bazibeke njengabaholi bomphakathi. Ngabe balibambile iqhaza okufanele ngabe balibambile ukugqugquzela ukuzethemba?” UZungu uma egcina engenile uzobhekana nosopolitiki abanamava nabalandeli nokuyosho ukuthi kuyomele alule imikhono azame ukubhekisa amehlo kuye.
Abanye osomabhizinisi abakupolitiki kuleli kukhona uMengameli uRamaphosa kanye nomholi weActionSA, uMnu uHerman Mashaba. KuPatriotic Alliance umholi ongusoma