Izingane zinamalungelo nezibopho


Igama elithi amalungelo livamile ukuba kukhulunywe ngalo ekhaya, esikoleni nasemphakathini. Leli gama lisho lokho okumele ukulindele noma okulindelwe kuwe. Esikweni labeNguni nakuwo uMthethosisekelo wezwe kukhona amalungelo aqondene nezingane ngqo.
Uma nje singabheka athize siyazi ukuthi yonke ingane inelungelo lokuba ibe negama nobuzwe yikho nje nawe unesitifiketi sokuzalwa esisho igama lakho, isibongo kanye nabazali bakho. Kulo leli phepha buyavela nobuzwe bakho. Lokhu kulilungelo lakho njengengane.
Elinye ilungelo yileli lokuba nomndeni okunakekelayo noma ozoba yiso uma abazali bengasekho. Lokhu kumqoka ngoba ngenxa yezimo ezahlukene kuyenzeka bangabibikho abazali benyama bese ingane igcina isikhulela komalume noma kwamanye amalungu omndeni. Elinye ilungelo elimqoka yilelo lokuba ingane ibe nophahla phezu kwayo okulikhaya.
Nsuku zonke sike sibone izingane ezingenawo amakhaya ezihlala emigwaqweni nokusho ukwephuka kwamalungelo azo. Isihleli ingane ngaphansi kophahla oluthokomele inelungelo lokuba ibe nokudla, unakekelo lwezempilo olunqala kanye nezenhlalakahle.
Ukuvikeleka kwengane ekuhlukumezweni ngokusetsheziswa sasigqila nakho kuyabalwa njengesenzo esihlukumeza ingane. Lokhu kungakuhle sikuchaze njengoba kusho ukuthi ingane akudingeki noma ivunyelwe ukwenza umsebenzi noma ihlinzeke izinsiza ezingayifanele iminyaka yayo noma ukuba sengcupheni kokukhula kwengane, imfundo, umzimba noma impilo yengqondo noma ngokomoya, okukanembeza noma ukukhula ngokwenhlalo.
Abanye bayabuza ukuthi ingane iyangena yini ejele? Umthetho wezwe uthi ingane kumele ingaboshwa ngaphandle uma kungasekho okunye okungenziwa okuwukuthi ngaphezu kwamalungelo atholwa yingane ngokweSigaba 12 neSigaba 35 ingane ingaboshwa kuphela isikhathi esifushane esifanelekile, futhi inelungelo lokuba ihlukaniswe kwabanye ababoshiwe abaneminyaka engaphezu kweli-18.
Kufanele iphathwe ngendlela, ibekwe esimweni esifanele ubudala bengane futhi ibe nommeli obhekele yona ngezindleko zombuso enqubeni yenhlalobantu ethinta ingane uma kungaba nomphumela wokungabi nabulungiswa.
Izingane eziningi emazweni ehlukene zizithola seziphakathi kwezimpi ezinye ziphoqwe ukuba zilwe kulezi zimpi. Lapha umthetho usobala ukuthi izingane kumele zingasetshenziswa ngqo ezimpini zezikhali futhi zivikekwe ngezikhathi zokungqubuzana okunezikhali.
Kuhle ukuba nezingane ziwazi lamalungelo nokungasho ukuthi ngawo zinikwa ilungelo lokungaziphathisi okwezingane ekhaya, esikoleni nasemphakathini. Sikhumbule sonke ukuthi sinamalungelo kanye nezibopho.