Now Reading
Ingane yoHlanga ikhuliswa ngumphakathi nesizwe
Dark Light

Ingane yoHlanga ikhuliswa ngumphakathi nesizwe

Sanibona, ngethemba isonto esikulo liniphethe kahle. Ngibonga kakhulu kulabo abangithumele imiyalezo bebonga lokhu esikuqalile ukuthi sibe nezindaba eziqondene nezingane. Siyabonga kubazali nothisha abaxhumane nathi. Nawe sisakulindile ukuthi usithinte ukuze sizwe uvo lwakho sithuthukise le ngosi yezingane. Namuhla sizokhuluma ngokubaluleka komphakathi nesizwe empilweni yethu thina zingane. Ukuqonda lokhu kumqoka ngoba thina njengezingane zizalwe futhi sikhulela emphakathi. Imindeni yethu nayo iyingxenye yomphakathi. Emasontweni edlule sichazile ukuthi kumqoka ngani ukuba negama, sabuye sachaza ubumqoka bokuba nesibongo. Ngesonto eledlule sikhulume ngesihlahla somndeni. Yikho sibone kukuhle namuhla ukuthi sikhulume ngomphakathi kanye nesizwe.  Uzobuza omunye ukuthi yini umphakathi? Nokuthi yini isizwe?

Asiqale ngokuchaza umphakathi. Umphakathi imbumba yabaphilayo behlalisene ndawonye benemiyalelonqubo efanayo, inkolo, imikhando, amasiko nokuzehlusa. Imiphakathi yabelana ngokwazi indawo abahlala kuyo okungaba yizwe, isigodi, idolobha noma omakhelwano; noma ukuxhumana kwabo ezigcawini nasezinkudleni thizeni.

Ngakolunye uhlangothi, isizwe umphakathi owakhiwelwe phezu kolimi, idwawo nobuhlanga nokunye okukodwa.

Izwe lingazimela libe nombuso okhethekile noma libe yingxenye yombuso omkhulu, indawo enkulu enohulumeni, noma indawo enabantu abazimele noma abanokuhambisana okwehlukile.

Sesikuchazile konke lokhu okungenhla manje sibuyela kuwe njengengane. Wena uqale ube ngowomndeni wakini, okuyisibongo sakho nabazali bakho. Kuqala ukuzalwa kwengane kwakungeyona kuphela into yaloyo mndeni nezihlobo kepha kwabe kuwukukujabula kwendawo yonke lapho umuzi wengane leyo ukhona. 

Kwakufikwa nezipho kubongwa ukuthi akuwona kuphela umndeni osunelungu elisha kepha nomphakathi nawo usunengane yomfana noma yentombazane. Lengane uma ikhula ayinabo abazali ababili okuwu mama nobaba kepha wonke umuntu omdala endaweni ungumzali. Lokhu kusho ukuthi lapha phandle awuvikelwe ngumama nobaba wakho kuphela kepha uvikelwe yiwo wonke amalungu omphakathi. 

Ukukhula kwakho konke kubhekwe nguwo wonke umndeni wakho okungumphakathi. Ukuhlonipha kwakho konke kulindelwe wumphakathi ongumndeni wakho omkhulu. Uma ubuza lapho ekhaya abadala bazokuxoxela izindaba ezimnandi lapho omakhelwane nomphakathi beba wusizo kubo beseyizingane. Abanye babazali namuhla bakhuliswe ngumphakathi, bagqokiswa baze bafundiswa ngumphakathi.

See Also

Lokhu kusho ukuthini kuwe njengengane? Kusho ukuthi hlonipha umphakathi. Musa ukuthi uma wenza okungalungile kuthi uma ukhuzwa bese uthi okukhuzayo akuyena umama noma ubaba wakho. Wonke umuntu omndala ngumzali kuwe udinga ukuhlonisha. Ngokuhlonipha umphakathi nawe uba yilungu eliqotho lomphakathi. Qala namuhla wazi ngomphakathi wangakini, uqale ngomakhelwane wazi isibongo sakho nokuzokwenza wazi ukuthi wakhelene nobani. Uzothi uma usukhulile bese wenza izinto ezisesigabeni sezwe njengoku vota nje kepha lokhi sizokwenaba kukho ngokuzayo. Okwakho wukukhumbula ukuthi wena uyingane yakini, yomphakathi wangakini nesizwe. Khula kahle ke ngoba wonke umuntu ukubhekile.

Njengelungu lomphakathi nesizwe kumele uhlale ukuqaphele futhi ukhumbula ukuthi konke okwenzayo usuke umele umdeni wakho ngesibongo nangokuzalwa. Umele umphakathi owakhiwe ngomakhelwane abakuzungezile . Kepha okumqoka kakhulu usuke umele izwe lakho. Ngokuqonda lokhu uzokwazi ukuthi kukhona lapho iphutha kungelona elakho , kepha lingelomndeni wakho, umphakathi wakho nesizwe sakho. Njengomphakathi nesizwe siyakujabulela uma wenze kahle egameni lethu. Isibonelo nje uma uyodlala ikhilikithi noma ibhola kwamanye amazwe yithi esisuke singabalandeli bakho wena osuke uphethe ifulegi lezwe nesikugqokisa lona ngoba samukela ukuthi wena ungomunye wethu.  Ngisekuzo ezemindlalo, lapha njengoba umele izwe nje usuke ulinxusa lomphakathi kanye nezwe ngakho ukuziphatha kwakho kuqalashwe yizigidi zabantu ababheke konke okuhle kuwe. 

Sesiphetha, kuhle njengengane esakhulayo uzifundise ukukwazi ukuphilisana nalomndeni wakho oziqu zintathu. Lokho kuzokwakha ube yisakhamuzi esiqotho nokubukelwa kuso. Khumbula namuhla nguwe oyingane, kusasa kuyobe kungomunye wena usumdala kuhle ke ukuthi uzifundise okwezingane useyingane ukuze kuthi uma usumdala ufundise abanye ukuthi kusho ukuthini ukuba yingane yomphakathi nesizwe.

Scroll To Top