Now Reading
Amazwe omhlaba asenenxano likabhiya ophiswa owesimame wakuleli
Dark Light

Amazwe omhlaba asenenxano likabhiya ophiswa owesimame wakuleli

Owesifazane wokuqala woHlanga okhiqiza ubhiya kuleli usethathe elinye igxathu lokusabalalisa emazweni. Ukuvinjelwa okuningi kotshwala ngesikhathi sobhubhane lokhuvethe kwaphoqa ukuthi kuvalwe indawo yotshwala ka-Apiwe MaNxusani Mawela eGoli. Manje, ngokumaketha ezinkundleni zokuxhumana, umkhiqizo wakhe wokuziqhenya waseNingizimu Afrika owenziwe ngezithako zakuleli usudonse amehlo abathandi bakabhiya bamazwe ngamazwe. Ubhiya igama lawo okungoTolokazi manje sewenziwe eCroatia futhi usatshalaliswa kulo lonke elase-United Kingdom.

Kodwa-ke, kule minyaka emibili edlule, ngesikhathi sobhubhane lokhuvethe, imboni kabhiya wezandla eNingizimu Afrika isithathe isinyathelo esikhulu, njengoba amabhizinisi angaphezu kwama-25% kubikwa ukuthi avale iminyango yawo unomphela ngenxa yokuvinjelwa kotshwala. Owesifazane wokuqala omnyama ophisa utshwala kuleli, u-Apiwe MaNxusani Mawela, akakwazanga ukukhokha imali ayeyibolekile futhi abasebenzi bakhe abayisishiyagalombili balahlekelwa umsebenzi.

Ukuwa kwenye ukuvuka kwenye Nokho, lapho omunye umnyango uvaliwe, kwavuleka omunye. UMawela uphendukele ezinkundleni zokuxhumana ukuze adayisele ubhiya wakhe iTolokazi, odonse amehlo enkampani iBeer52, eyethula abathandi bakabhiya ngobhiya okhiqizwa ezindaweni ezahlukene emhlabeni.

UMawela uchaza ngokubambisana kwakhe nenkampani ezinze e-UK. “Kuthe uma sesiwuvalile uphiko lokuphisa utshwala obekunguJuni 2021, nginqume ukuthi ngigxile ekukhuliseni igama likaTolokazi. Ngokumaketha ezinkundleni zokuxhumana lapho bengithumela khona okuningi mayelana nomkhiqizo, ukuthi kwenzekani, ngethulwe kumsunguli weBeer52 ngeLinkedIn. Sibe nezingcingo ezimbalwa zeZoom, sahlonza inkampani ekhiqiza utshwala eCroatia eyayizongibizela lo mkhiqizo futhi yisabalalise egameni lami.” Kakade, angaphezu kwezi-200 000 amathini kabhiya weTolokazi asewenziwe eCroatia futhi asatshalaliswa kwababhalisile beBeer52 abayizi-100 000. Impendulo ibe yinhle njengoba abaningi bebencoma ukunambitheka nokujula kwalo mkhiqizo otholakala endaweni.

UMawela uthi lokhu sekuvuse isasasa kwamanye amazwe amaningi ngotshwala bezandla. Uthi, ngalokhu kunwetshwa, ufisa ukuxoxa indaba yase-Afrika. “Sengike ngabathintwa eGermany, nabo abanesifiso sokuxoxa indaba yase-Afrika ngobhiya. Kunentshisekelo enkulu. Lokhu empeleni kuvuleke umqondo wokuthi ubhiya waseNingizimu Afrika usabalaliswe emhlabeni wonke. Benginezingxoxo ezimnandi nabantu base-USA. Nakuleli zwekazi ngike ngafonelwa yiKenya, eRwanda. Ngakho-ke, izikhathi ezijabulisayo. Ukuphawula kube kuhle kakhulu. Ngiyacabanga futhi ngoba sisebenzisa amabele kuwo, bengifuna ukuxoxa indaba yase-Afrika ngezithako zase-Afrika.”

See Also

Okwamanje. uNick Smith, oyilungu leCraft Beer Association of South Africa uthi, imboni ikhubazeke ngempela ngenxa yokuvinjelwa kotshwala. Uthi, okuhambisana naleyo ntela ephezulu okulindeleke ukuthi osomabhizinisi abancane bayikhokhe ngesikhathi beqhudelana nezinkampani zamazwe ngamazwe ezithathe izintambo zokuhwebelana ngobhiya eNingizimu Afrika. “Bekubi kakhulu. Igama elifikayo engqondweni libuhlungu. Silinganisela ukuthi silahlekelwe ngama-25% ezinkampani ezikhiqiza utshwala futhi mhlawumbe ingxenye eyodwa kwezintathu yemisebenzi. Uma ngingacela nje abantu ukuthi baxhase abaphisi botshwala basekhaya. Yini enhle ngemboni yobhiya wezandla eNingizimu Afrika.

Kukhona abaphisi botshwala ezweni lonke, abafakwe emphakathini. Into eyodwa esisaqhubeka nokuphusha yona wukuphunyuzwa kwentela nentela. Lawa ngamabhizinisi amancane ngempela futhi empeleni siqhudelana nezinkampani ezinkulu emhlabeni. Kodwa sisakhokha intela efanayo naleyo abayikhokhayo.” Le mboni inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basekele imikhiqizo yakuleli njengoba osomabhizinisi besebenzela ukwandisa ukuthunyelwa kwempahla emazweni angaphandle futhi ngaleyo ndlela kwandiswe ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi kuleli.

Scroll To Top