Uyazika uZikalala: Ongene ngenkemba angahle aphume ngenkemba kulokhu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Akuseyona imfihlo ukuthi iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) liyaxokozela. Lokhu kuxokozela kudlavuza cishe zonke izinhlaka zeqembu. Lokhu kwamukelwa ngisho wubuholi bayo inhlangano. Okunye okungaseyona imfihlo wukuthi uNdunankulu wesifundazwe nonguSihlalo weqembu KwaZulu-Natal, uMnu uZikalala uhlehlelwa yizikhuni.
Lesi simo senza kube khona ukukhuluma esifundazweni ngaphakathi nangaphandle kweqembu ngekusasa lalo mholi. Kanti bakhona abanye abathi ilumbo lidla umninilo bekhomba indlela naye angena ngayo. Kukhona nje abathi ukungena kwakhe kwaba nomkhokha kuleli qembu. Basola uZikalala ngokuqala imibango ehlukanisa amalungu phakathi nangokuthi ukuba mawala kwakhe nenkwankwa yokuthanda isikhundla kwaba yinxeba elajuqa ubunye besifundazwe nokwenza salahlekelwa yikho konke engqungqutheleni yeqembu kuzwelonke eNasrec.
Oshicilelweni lwelaboHlanga langomhla zingama-26 kuLwezi kuya zi-3 kuZibandlela kowezi-2015 ngaphansi kwesihloko esithi: Ngabe uZikalala uzokwazi ukuzithiba? Kwavela isithombe somholi owabe emagange ukuba athathe esobuNdunankulu esabe ngaleso sikhathi sihleli uMnu uSenzo Mchunu okwabe sekusele isikhathi esincane ukuba ehle kuso. Bakhona ngalesi sikhathi ababethi uZikalala owayeseqokwe njengoSihlalo wesifundazwe akasike iphethini ebuholini bukaMnu uNdebele kanye noDkt uMkhize abakwazi ukubekezelelana lapho uMkhize wavuma ukuholwa nguNdebele yize izinkomba ezabe zithi ungaphansi kukaMkhize ngokwethenjwa nokuthandwa ngabantu.
Okwaba sobala ngalesi sikhathi wukuthi uZikalala nezakhe kabakwazanga ukuzithiba njengoba kwathi nje kungakapheli zinsuku zingaki eqokiwe wafungiswa eSishayamthetho okwabe sekuyizinkomba zokuthi usezofuna ibhantshi lakhe kuMacingwane. Sekungumlando ukuthi uKhuzeni ugcine esenguNdunankulu. Kungumlando futhi ukuthi umkhokha wabe usuqala lapho okokuqala ngqa uKhongolose KwaZulu-Natal ungenaye umuntu noma abantu esigungwini sabayisithupha enhlanganweni kuzwelonke. Okunye okwenzeka wukuthi kwaba ngokokuqala ukuthi ibutho lale nhlangano elabe liliningi ngesibalo kuzwelonke lihlukane kuze kube kathathu; kukhona ababethi kakube nguDkt uMaDlamini Zuma umengameli weqembu, khona lapho kukhona abathi akube nguDkt uMkhize kwakhona nabathi cha ayigawule ezizweni kube nguRamaphosa umengameli.
Kulaba ababethi akube nguRamaphosa ekhaleni kwabe kunguMchunu owayegingwe nguZikalala. Bekhona nabanye okuthiwa yize babengahambisani noRamaphosa kepha “unya” lukaKhuzeni nezakhe lwabakhipha ezinhlakeni base bebona uRamaphosa eyisiphephelo. Kulabo kuthiwa kwakukhona uMnu uCyril Xaba, uDkt uSbongiseni Dhlomo, uNkk uPeggy Nkonyeni nabanye abaningi. Akugcinanga ngokuhlehla kosopolitiki kepha nabaxhasi ababengosomathenda nabo kwahlukwana phakathi ngoba wonke umuntu wabe esebheka ukuthi oyophatha uyoqhubeka yini nokuphaka.
Ungena nje uZikalala kwesokuba nguNdunankulu kukhona ababekhononda ukuthi yebo unguSihlalo kepha amava okuphatha kuHulumeni mancane. Umbuzo owalandela lapho kwaba wukuthi ngabe uzogqisha ngobani ukuze mhlawumbe angambuleki izinqe. Isikhundla esabe sidinga umholi onamava kanjalo nongamukeleka kwabe kungesikaMqondisi Jikelele KwaZulu-Natal esabe sigcine ukuphathwa ngokuphelele nguMnu uNhlanhla Ngidi. Umuntu wokuqala owaphakanyiswa kwaba nguMnu uCyril Xaba nokwabe kunenhloso yokuzama ubunye kwazise uXaba nabanye base bengaphesheya emuva kokuthi ekhishiwe nakwesokuba nguMphathiswa. Le mizamo yabhuntsha.
Okulandelayo kwaba wukwakhiwa kweKhabhinethi. Nalapha uKhuzeni akubukeki aqoka bonke abantu okwabe kungenzeka ukuthi uyabafuna ngoba uhlelo ‘lokubuyisana’ lwabe luphoqa ukuthi angathathi abaseka yena kuphela – namuhla iKhabhinethi laKwaZulu-Natal liyilokho, imizamo yokubuyisana kweqembu nabaholi.
Lokhu kwabonakala ngisho kuso iSishayamthetho lapho uhlu olwabe lukhona lwabe luholwa ngamafumuka nokwakhomba ukuthi kuzoba khona izinguquko khona izinguquko ngisho emakomitini phakathi kwamagama ayekhona kwabe kungabaholi bentsha KwaZulu-Natal, uMnu uKwazi Mshengu, uNks uVuyiswa Caluza kanye nowake waba sesigungwini sikaVukayibambe nosewaqokelwa kubuholi besifundazwe, uNks u-Amanda Bani, uMnu uRicardo Mthembu (ongasekho) nabanye. Lokhu kubuyisana kubukeka buselutalagu njengoba enhlabathini kumapeketwane. Imiphumela yokhetho loHulumeni Bendawo ingubufakazi balokho lapho ipolitiki yakuzwelonke nakhona lapha kweleNdlovukazi uMthaniya ilahlekisele uKhongolose ngezihlalo eziningi komasipala.
Nonyaka kubukeka kungowamanqamu kuKhuzeni lapho isinqumo sokuthi ngabe wenze kahle njengomholi weqembu. Okuqaphelekayo wukuthi kuningi osekuguqukile kusuka ngesikhathi igagasi lakhe lisephezulu bebaningi abathi kathathe esokuba ngusihlalo nesokuba nguNdunankulu. Empeleni kwabakhulume nelaboHlanga nabangathandanga ukuba bavezwe amagama bathe uKhuzeni uma engabuya kuyobe impela ‘kawumbiwa ndawonye’. Omunye nje uthe exoxa nelaboHlanga: “Mina njengoba nawe wazi ngabe ngiseka uSihle, futhi ngalokho angizisoli ngoba kwakumele aphume amakhehla. Kepha umbuzo uthi usenzeleni uSihle? Mina angiboni lutho oluguqukile kunalokho ngibona umholi ofuna ukuba yiyo yonke into kuwo wonke umuntu. Enye into unamagqubu uZikalala, iqembu aliphathwa kanjalo”, kusho lo mholi.
Ukuqinisekisile ukuthi impela kuzo zonke izingxenye zesifundazwe akamuhle kahle uKhuzeni nokuthi ujijimezwa nangabanye abakuKhabhinethi lakhe nabasho ngamagama. Phakathi kwezinto asolwa ngazo uKhuzeni ngozakwabo wukuthi ‘uyathanda ukugqama’. Omunye okuHulumeni okhulume nelaboHlanga uthe: “Kusuke kuyinkinga uma uNdunankulu esefuna ukubonakala kuyo yonke indawo ngisho kuphendulwa isoyi. Isibonelo nje uMphathiswa Wezempilo uNomagugu akakwazi nokubiza abezindaba njengoba kusuke kwenzeka kuzwelonke lapho ungqongqoshe ebikela isizwe. Lapha usuke engekho uMengameli, kepha lapha kithi njalo ngesonto nguNdunankulu.
“Akugcini lapho ngoba ngisho uMphathiswa Wezolimo eyonika abantu imbewu, nangu uKhuzeni mina angazi ukuthi ngokwani lokhu kuzinyeza kuye ngoba phela naye unokwakhe okumele ngabe uyakwenza njengoNdunankulu”, kusho leli lungu lesigungu kuKhongolose nelikuHulumeni.
ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi nembala okuthiwa ezichitha uKhuzeni zimatasa kuyimanje ihlomela ehlathini izoba ngamagagasi lapho imdudula. Kulaba abamdudulayo kukhona nabanombono wokuthi ukusuka kwakhe kungahle kuqale ikhasi elisha nelingabumba uKhongolose KwaZulu-Natal ukuze ukwazi ukubuye ube zinkunzi kupolitiki yeqembu kuzwelonke. Bakholwa wukuthi labo abahamba benenxeba likaKhuzeni bangabuya uma engasekho kuqalwe phansi kwakhiwe kabusha.
Nokho njengoba kushiwo ukuthi kupolitiki inyanga yisikhathi eside, kunjena nje namuhla kusasa kungaba ngokunye. Kepha okwamanje ubukeka uzika umkhumbi kaKhuzeni futhi uzikiswa ngabakwabo, naye njengalabo abazikisa kungenzeka enzeke esifanayo.