Inyunyana Isola inkohlakalo elunjaniswa neMeneja yoMkhandlu iNdwedwe



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Inyunyana yezisebenzi zikamasipala iSouth African Municipal Workers Union (SAMWU), isola inkohlakalo kuMkhandlu iNdwendwe njengoba kuqubuke umdonsiswano phakathi kwezinye zezisebenzi zalo Mkhandlu, ezinye ezimisiwe, kanye nezikhulu zawo.
USihlalo weSAMWU esifundeni iShonamalanga uMnu uNgxaki Khumalo, echaza ngenkohlakalo abathi ikulo Masipala uthe: “Inkohlakalo iqondene ngqo neMeneja kaMasipala, uMnu uMsawenkosi Hadebe, njengoba kutholakala ukuthi kunemigomo yoMkhandlu engayilandeli njengokuqasha. Yenza ngendlela yayo nokusebenzisa imali ukwenza ngendlela engekho emthethweni.”
Uthe babhalela uMasipala ukuba uphenye kodwa awukwenzi lokho. “UMkhandlu siwubhalele kuqala uMasingana obese kungokwesibili selokhu saqala nyakenye. Kulokhu sibe sesifaka lezi zinsolo ngeMeneja esibonile ukuthi uMasipala awufuni ukuthi ulandele imigomo sabona kungcono ukuthi singene emgwaqweni. Kodwa izinxushuxhushu ziqale nyakenye ebesesikwenza manje besesikwenza ngokusemthethweni siyisa kuSomlomo kanye neMeya yoMkhandlu okuyibona bantu ababhekelele ukusebenza kwepolitiki yoMkhandlu kube ibona abazophenya iMeneja,” usho kanje.
Phakathi kwezikhalo zabo ubalule ukungabikho kwemihlangano okudingidwa kuyona ngezinkinga ezibhekene nezisebenzi kunalokho kubanjwe embalwa, izisebenzi azinawo amahhovisi zigcina zimbondelana endaweni eyodwa okwenza kube nzima ukuba kulandelwe imgomo yokhuvethe.
Okunye, uthe kwaba nesivumelwano phakathi neMeneja ukuthi bazothola imihlomulo yezimoto yanxusa ukuba izisebenzi zilethe imgomo elingana noMasipala iNdwendwe kusuka nyakenye uqala.
UKhumalo uthe izisebenzi ziyilandelile imigudu efanele udaba lwaze lwaya eMkhandlwini odingida ezezisebenzi okhiphe isitatimende sokuthi izisebenzi sezingangena emgwaqweni.
Ecacisa ngokumiswa kwezisebenzi emsebenzini uthe: “Amalungu ethu amiselwe ukuthi abefuna ilungelo lawo lokuthi uma engavumelani nomqashi akwazi ukuteleka. Kubalulekile ukuthi sikusho ukuthi izisebenzi zilandele yonke imigudu njengoba noMkhandlu ungayanga kuBargaining Council uyobeka olwawo uhlangothi uKhomishana wakhipa umyalelo wokuthi izisebenzi zingateleka. Waze wakhipha nemiyalelo ukuthi zizokwenza kanjani. Izisebenzi zabhalela uMasipala ukuthi zisosiqala nini isiteleka, siyamangala uma sezimiswa uma zenza ilungelo lazo elikuMthethosisekelo.”
Uqhube wathi: “Okusixakayo ukuthi izisebenzi ezibalelwa ema-80% ebezitelekile, izisebenzi zaseNdwendwe zibalelwa e-180 zonke bezitelekile kepha kumiswe ezili-15 kuphela. Esikubonayo ukuthi bazama ukuhlukanisa phakathi izisebenzi.”
Uthe sebenxuse imihlangano eminingi nobuholi baseNdwendwe bebonisana befuna ukuthi kubekwe eceleni ukungaboni ngasolinye kepha kulandelwe umthetho. Banxusa ukuthi udaba luye kuMkhandlu kube yiwo ozothatha isinqumo njengoba befuna ukuthi kumiswe uHadebe kwenziwe nophenyo.
“Ukumiswa kwezisebenzi bese kuyaphenywa into ejwayelekile kepha okusixakayo ukuthi kungani uma kuyisikhulu kungenzeki?” kubuza uKhumalo.
Eziphendulela kulezi zinsolo uHadebe uthe: “Ngizokhuluma ngikubhekise kumbiko woMncwaningimabhuku othulwe eMkhandlwini mhla zingama-31 kuNdasa kophezulu. Isiteleka siqale mhla zi-3 kuNdasa kusele amasonto amathathu kuphume umbiko. Umbiko uveza ukuthi uMasipala wenze kangcono kakhulu kwezezimali. Kwathiwa kwenziwe kangcono lapho kukhishwa khona amathenda nakungqalasizinda. Umbono kaMcwaningimabhuku uthi sithole umbiko ongenagcobho iminyaka emithathu ilandelana. Ukuvumbuka kwezinsolo zenkohlakalo engakasho lutho uMcwaningimabhuku, umbuzo ukuthi bakuthathaphi lokho? Ngiyakuphika ukuthi kunomdonsiswano. Isiteleka sibe ngamasonto amabili kuphela saphela.”
Uqhube wathi ekupheleni kwesiteleka uMkhandlu ulandele izinyathelo ezisemthethweni njengoba nezisebenzi zikholwa ukuthi zalandela izinyathelo ezisemthethweni.
Mayelana nokumiswa kwezisebenzi uthe: “Umthetho uthi ngabe isiteleka besisemthethweni, yini sibheka lokho, uphenyo luyaqhubeka. Uma uzoya esitelekeni uthola isitifiketi sokuthi utelekelani esikhishwa ukhomishana, izisebenzi azitelekelanga lokhu okubhalwe esitifiketini ingakho kwenziwe uphenyo ngoba uma sebeteleka abasakhulumi ngakho.”
UHadebe uthe akusilona iqiniso ukuthi izisebenzi ezingama-80% ebezisesitelekeni njengoba ezinye zingazange zibe yingxenye yaso wathi besisincane kakhulu isibalo.
“Abanye baqhubekile basebenza. Abanye balandela umyalelo okhishwe umqashi wokuthi babuyele emsebenzini. Njengamanje kuyasebenzeka. Bancane kakhulu abanqabile ukubuyela emsebenzini. Ukuhanjiswa kwezidingo kuhamba kahle kakhulu, imisebenzi iyaqhubeka namasoyi siyawaphendula.”