Now Reading
Ngempela i-Afrika koba nini ilokhu inyamanambana kuFIFA
Dark Light

Ngempela i-Afrika koba nini ilokhu inyamanambana kuFIFA

Kimina ungakwenza konke kodwa ungalinge ufike kulesi sigaba sokuthi ungibone njengento engelutho, lokho okuchaza ukungithatha kancane.

Okwenza ngibhale le nkulumo engenhla, ukuthi ngibona siyisizwe sase-Afrika impela sidelelekile sidelelwa abaphathi bebhola likanobhutshuzwayo iFootball International Federation Association (FIFA). Okwenza ngithi le nhlangano iyasidelela ile nto eyenzeka manje ukuthi lapha e-Afrika sinomqhudelwano esiwuthatha njengomkhulu oqale mhla ziyisi-9 kwephezulu eCameroon i-Africa Cup of Nations (AFCON) kodwa imidlalo yamaligi aphesheya kwezilwandle iyaqhubeka.

Ngokujwayelekile uma kudlala imiqhudelwano yamazwe ike ime imidlalo yamaqembu. Ngonyaka odlule bekunomqhudelwano wase-Europe, obizwa nge-Euro nobusingethwe amazwe ali-11 nesekuwumlando ukuthi wagcina unqotshwe i-Italy. Ngalo mqhudelwano wonke umuntu emhlabeni wayebheke wona, kwazise amaqembu ayengadlali abadlali bekhululiwe ukuyomela amazwe abo. Ngawo unyaka wezi-2021 kube nomqhudelwano iCopa America nowagcina unqotshwe i-Argentina iholwa uLionel Messi, nakhona kwaba esifanayo ukuthi amaqembu ame ukudlala.

Umbuzo engizibuza wona ukuthi kungani thina lapha e-Afrika sibe nomqhudelwano wamazwe kodwa amaqembu aqhubeke edlale. Ngabe abadlali abanayo le nkinga ababhekana nayo yokuthi bezithole sebebhekene nesimo lapho khona kumele bakhethe phakathi kwamaqembu abo namazwe.

Lokho sihlezi sikubona kwenzeka ikakhulukazi uma kudlala amazwe alapha e-Afrika abadlali benqatshelwa ukuthi bezomela amazwe abo. Lena akuyona neze into enhle ngoba angikaze nakanye ngibona kuthiwa uMessi noma uCristiano “CR7” Ronaldo banqunyelwe ugwayi katiki amaqembu abo ukuthi bakhethe phakathi kwawo noma amazwe.

La badlali noma kuthiwa amazwe abo adlala umdlalo wobungani bahlezi bekhona, lapha e-Afrika kwakhala nyonini?

Ngiyafisa ukuthi inhlangano ephethe unobhutshuzwayo e-Afrika ike ilusukumele lolu daba ngoba alwehli kahle. Yona iFifa ithule ithini ngoba akusikhona ukuthi ayiboni, iyabona ukuthi phela ingoba lesi sikhalo sivela kuleli zwekazi, ingabe saba nabhadi lini okwethu kwahlezi kunyathelwa nje.

Okubuhlungu futhi nokuyinto enhle kumina ukuthi ngithe ngibuka iLiverpool FC ngabona ithwele kanzima njengoba idlala ngaphandle kwezethenjwa zayo ezimbili uMohamed Salah wase-Egypt noSadio Mane yena odabuka eSenegal. Lokhu kuveza isithombe sokuthi ukwenza kahle kwaleli qembu kulele kulaba bagadli bobabili.

See Also

Ngaphandle kwalabadlali baningi abanye abakhona kulo mqhudelwano abashiye amaqembu abo ekhala, namanje ngisasho ngabe akunjalo ukube kuthe kuqala lo mqhudelwano kwabe sekumiswa yonke imidlalo.

Ngisale sengisika nje kwelijikayo, angiyena umuntu wepolitiki kodwa inkulumo kaMengameli wenhlangano yezepolitiki uJulius “Juju” Malema ongumholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) ngiyeseka kakhulu.

Nalapho athi khona “Akubuyiselwe abalandeli ezinkundleni”, nami sengibona kufanele inqobo nje uma kuzolandelwa yonke imithetho ebekiwe. ECameroon lusekhona ukhuvethe kodwa abalandeli kowe-Afcon bayagcwala ezinkundleni.

Scroll To Top