Now Reading
Ilokhu ikhuphuke njalo intokazi kaKhuzwayo kwezekhilikithi
Dark Light

Ilokhu ikhuphuke njalo intokazi kaKhuzwayo kwezekhilikithi

Usephethe isikhundla esinonhlonze kwezekhilikithi e-Eastern Cape, uSanelisiwe Khuzwayo owagila izimanga ngowezi-2017 eqokwa njengeSports Administrator of the Year kumaKZN Sports Awards nakumaSouth African Sports Awards.

USanelisiwe ubambe elikhulu iqhaza ekuvundululeni ikhono labadlali laboHlanga ngesikhathi esasebenza kuKZN Cricket Union lapho ebeyiDevelopment Manager.

Njengamanje uyiCricket Service Manager ngaphansi kwesifunda iBoarder edume ngokukhiqiza abadlali abafana noMakhaya Ntini noMfuneko Ngam eminyakeni eyedlule. Uqale kulesi sikhundla ngowezi-2019 ngemuva kokuyibamba iminyaka engaphezu kweshumi kuKZNCU.
Uxoxe nelaboHlanga ngokungena kwakhe emkhakheni wekhilikithi. “Ikhilikithi bekuyinto engingayinakile kakhulu yize benginalo uthando lwayo. Lo mdlalo ngigcine ngiwuzonda ngenxa yokuthi uma udlala osisi bami abadala bebesuke befuna ukubuka ezinye izinhlelo kuthelevishini. Sengiqeda umatikuletsheni ngenze iziqu zeSports Management eDurban University of Technology. Kuthe sengenza unyaka wokugcina ngaqala ngathungatha izindawo lapho sizothola khona usizo ngokufunda umsebenzi,” kubeka uSanelisiwe.

Le ntokazi izalelwe endaweni yaseMkhazini, KwaMakhutha. “Bengilokhu ngifaka izicelo zomsebenzi ezindaweni ezahlukene. NgeNdebe YoMhlaba yeT20 ngo-2007 ngangiyivolontiya. Yangichaza indlela izinto ezenziwa ngayo kulo mdlalo. Uthando lwami lwekhilikithi lwabuya lapho. EDUT bengikwiSRC futhi bengitshela wonke umuntu ukuthi angazise uma ebona amathuba omsebenzi athinta ezemidlalo. Ngenhlanhla ngathola izinombolo zikaLinda Zondi. Ngamfonela wangicela iCV yami. Nangempela ngayithumela. Ngathola ucingo lokuthi ngizokwenza inhlolokhono,” kulandisa uSanelisiwe.

Njengamanje usewafudukela e-Eastern Cape ngenxa yomsebenzi. “Ngosuku okwakumele ngiyokwenza ngalo inhlolokhono kwakumele ngobhekise amabombo eKapa njengelunga leSRC eDUT. Kwakuzoba ngokokuqala ngigibela indiza kodwa kwakuyokwethulwa inyunyana yabafundi. Ngazithola kumele ngikhethe. Ngagcina ngithathe isinqumo sokuhoxa ukuya eKapa. Ngazitshela ukuthi indiza ngisethubeni lokuyigibela noma kunini uma ngingenza kahle kwinhlolokhono,” kuqhuba yena.

“Ngosuku olufanayo ngaqala umsebenzi. Saze saphuma ngeloku-1 ezintatha sihlela umqhudelwano wokuthungatha ikhono emalokishini owawuxhaswe ngabakwaSunfoil. Nganikwa inkontileka yezinyanga ezimbili ngisiza uLindo Zondi owayeyiDevelopment Manager ngaleso sikhathi. Ngenza isiqiniseko sokuthi ngishiya umaka. Ngonyaka olandelayo ngathola iziqu zami ngase ngiqashwa njengetoho kuKZN Cricket Union. Ngowezi-2009 ngaqashwa ngokugcwele. Uthando lwami lwekhilikithi lwaqala lwakhula ngenxa yokuthi sasishintsha izimpilo zabantu. Njengamanje angiziboni ngiphila ngaphandle kwalo mdlalo. Ngowezi-2015 izimendlela zanyuka nganikwa isikhundla sokuba yiDevelopment Manager ngemuva kokuhamba kukaLinda. Ngaqala ngingumsizi ngase ngiba yiphini lemeneja ngemuva kwalokho ngase ngiba yimeneja,” kusho uSanelisiwe.

See Also

Njengamanje usephokophele ukuyoyibamba ezingeni likazwelonke kuCricket South Africa. “Ngemuva kokuqoqa imiklomelo ngase ngidinga izinselelo ezintsha kulapho ngiqale khona ngafaka izicelo zomsebenzi ezindaweni ezahlukene. Ngase ngifunde ngokwanele esigabeni senkulisa. Ngase ngibheke ukusebenza esigabeni esiphezulu. Ngowezi-2019 ngafaka isicelo somsebenzi kuGauteng Cricket Board. Ngesikhathi senhlolokhono sasala saze sabathathu kodwa ngagcina ngingathathwanga. IBoarder yakhipha isikhangiso somsebenzi kodwa ngangasifaka isicelo somsebenzi ngoba ngangimatasa ngihlela umqhudelwano wasemalokishini. Abazange bamthole ababemfuna ngase ngithola ucingo emahhovisini eCricket South Africa bengibuza ukuthi angisibonanga yini isikhangiso somsebenzi.

Ngabatshela ukuthi bengimatasa bese bengixhumanisa nabantu bakhona. Bangithinta ngabizwa ukuzokwenza inhlolokhono ngafike ngawuthola umsebenzi,” kucacisa uKhuzwayo.
Ngesikhathi efake isicelo somsebenzi kuGauteng Cricket Board wayelwela isikhundla sokuba yi-Amateur Manager. ‘’Njengamanje ngibhekelele zonke izinhlaka zekhilikithi kuBoarder okubalwa amaqembu enkulisa, iqembu elikhulu nelezinkakha. Sesivundulele inqwaba yamakhono kule minyaka eyedlule.” kuphetha uSanelisiwe. Phakathi kwabadlali abadlule esandleni sakhe kubalwa uSibonelo Makhanya no-Andile Phehlukwayo asebedlala ezingeni lomhlaba.

Scroll To Top