Now Reading
INigeria ibuye nawo egcwele amaphuzu ibhekene ne-Egypt
Dark Light

INigeria ibuye nawo egcwele amaphuzu ibhekene ne-Egypt

INigeria ikhombise unompempe ewususa nje umdlalo ukuthi iwafuna ephelele amaphuzu emdlalweni ebibhekene kuwona ne-Egypt. La maqembu abetholene phezulu emdlalweni wamaqoqo omqhudelwano omkhulu e-Africa i-African Cup of Nations (Afcon) ebanjelwe eCameroon. 

INigeria lo mdlalo iwunqobe ngegoli elilodwa eqandeni. Lo mdlalo ububanjelwe eRoumde Adjia Stadium, eGaoua.

Ezika-Augastine Eguavoen, umqeqeshi weNigeria, ibidlala kahle ngesiwombe sokuqala ilandela izithunzi isikhathi esiningi iPharoes (i-Egypt). Leli qembu belikwenza kube lula ukugudla ngakwesokunxele lapho bekubhoke khona uMoses Simon ngasebunxele.

Lo mdlali ubekwazi ukugoba amabhola amahle, aphinde angene ngqo odongeni lwezitha, nokuyinto ebeyiyinika inkinga i-Egypt.

USimon ugcine eseba yizomfivilithi kubalandeli, njengoba ubesethi uma ebambe ibhola kuchwaze inhlwele. 

Ukuyinyathela kahle kwe-Super Eagles kugcine kuthele izithelo ezinhle ngomzuzu ka-30 ngesikhathi, uKelechi Iheanacho ogijima kuligi enkulu i-English Premier League (EPL) yase-England, eshaya elihle igoli. Lokhu bekuyifanele iNigeria uma kubhekwa indlela ebiphaselana ngayo ibhola kakhulukazi esiswini.

Yize sekungene igoli uSimon akayekelanga ukungena udonga lwe-Egypt, ugcine esemakwa abadlali abathathu nokuyinto ebiyenza abanye abadlali beNigeria besale bodwa bedlale bekhululekile.

Isiwombe sesibili siqale kuyiNigeria ebifuna ukuqhubeka nokulimaza ezikaFaro ebezibukeka zifuna ukudlalela emuva isikhathi esiningi.

Ukaputeni we-Egypt uMohamed Salah ogijima kwiLiverpool FC yase-England, ubebhekwe ukuthi abe iphela endlebeni kulo mdlalo kodwa kubonakalile ukuthi abadlali beNigeria bebeyihlelile indlela abazomuvala ngayo. 

 USalah uqale ukubonakala sekuhlangane imizuzu engaphezulu kwengama-60, nalapho akhahlele khona ibhola kodwa langaba ingozi kakhulu  kunozinti weNigeria  u-Emile Okoye.

See Also

Lesi sikhwishikhwishi somdlali osebenzisa unyawo lesinxele uthole elinye ithuba ebhekene nonozinti kodwa wadlala ngalo.

Bekucaca ukuthi i-Egypt ibingekho nhlobo emdlalweni, izama nje uma kuvele ithuba ukuya phambili. Ngakolunye uhlangothi iSuper Eagles ibilokhu iyingozi uma ihlasela.

INigeria izobe ibheke ukuwina i-Afcon okwesine kulo mqhudelwano, kanti i-Egypt izama ukuyiwina okwesishiyagalombili. 

I-Egypt uma nakumdlalo olandelayo izodlala kanje izosheshe iliwashe ijezi yize ithathwa njengelinye eliyizimfivilithi kulo mqhudelwano.

Komunye umdlalo i-Algeria okuyiyo evikela lo mqhudelwano iwuqale kabi njengoba idlale ngokulingana neSiera Leon.  i-Algeria eholwa uRiyaad Mahrez iwakhandile amathuba kodwa ihluleke yancame ukuthola igoli

Scroll To Top