Now Reading
AmaProteas akhe isisekelo esiqinile osukwini lokuqala eKapa
Dark Light

AmaProteas akhe isisekelo esiqinile osukwini lokuqala eKapa

AmaProteas avale usuku lokuqala ehambela phezulu emdlalweni kawafawafa ophakathi kwelakuleli nelaseNdiya kuchungechunge lwemidlalo emithathu yama-Test. 

La mazwe abambene ngo 1-1 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu yama-Test.

ElaseNdiya linqobe eyokuqala ngama-run ali-113 emdlalweni obuseSuperSport Park, eCenturion, ePitoli kwathi kowesibili amaProteas abuyisa izinduku enqoba ngamawikhethi ayisikhombisa e-Imperial Wanderers, eGoli.

Namuhla elaseNdiya linqobe ithosi lase liqoka ukubhetha kuqala eNewlands, eKapa.

Ngemuva kokuphuthwa ngumdlalo odlule ngenxa yokuthinteka emhlane ukaputeni weNdiya uVirat Kohli ubuyile ukuzohola ezakhe.

Uthathe indawo kaHanuma Vihari obengene endaweni yakhe kodlule. Olunye ushitsho olwenziwe ngelaseNdiya, uMohamed Siraj akazange akwazi ukululama ngesikhathi kwathi indawo yakhe yathathwa nguYadav Umesh.

AmaProteas abuyise iqembu elifanayo naleli elinqobe umdlalo eWanderers, eGoli.

Indiya iyiqale ngebatha i-Innings yokuqala kwazise amaProteas asheshe athola amawikhethi ngokushesha.

UKL Rahul ukhishwe nguDuanne Oliver nge-over ali-12. Ubanjwe nguKyle Verreynne ngemuva kwezinduku.

Nge-over ka-13 kubuye uKagiso Rabada obedlala umdlalo wakhe ka-50 edlubhe imifaniswano yamaProteas emidlalweni yama-Test wavuvuzela usawoti esilondeni seNdiya ngesikhathi ekhipha uManyak Argawal.

URahul uphume esenze ama-run ali-12 emabholeni angama-35 kwathi u-Argawal bakhishwe esabhalise ali-15 ebhodini emabholeni angama-35.

UCheteshwar Pujara noKohli bazamile ukuhlanganisa i-Innings yokuqala yelaseNdiya beshaya ama-run angama-62 bebobabili enkundleni.

UPujara ugcine ehambile ngeka-38. Ukhishwe nguMarco Jansen wabanjwa ngemuva kwezinduku nguVerreyne obengadedeli lutho oluza kuyena.

UKohli uqhubekile nomsebenzi wakhe omuhle kodwa akangakuthola ukwesekwa. Ugcine ephume ngamaruns angama-79 emabholeni ama-202.

See Also

Ugodukiswe yinkunzi uRabada. ElaseNdiya ligcine liphume lonke selihlanganise ama-run ama-223 kuma-over angama-78.

URabada ugcine ewise amawikhethi amane kwathi uJansen wathola amathathu njengoba uKeshav Maharaj, Lungi Ngidi no-Olivier bethola iwikhethi eyodwa umshwibi ngamunye.

AmaProteas avale usuku lokuqala asenze ama-run ali-17 kuma-over ayisishiyagalombili kanti bekusawe iwikhethi eyodwa.

UDean Elgar oqokwe njengomdlali ovelele emdlalweni odlule uphume esenze ama-run amathathu. Iwikhethi yakhe ithathwe nguJasprit Brumah.

Kusasa ekuseni u-Aiden Markram noKeshav Maharaj yibona abazovula usuku lwesibili.

INingizimu Afrika ikweleta ama-run ama-206. UMarkram uzoqhubeka kuma-run ayisishiyagalombili bese kuthi uMaharaj aqale usuku kuma-run ayisithupha.

Abasazobhetha kumaProteas nguKeagan Petersen, Temba Bavuma, Verreynne, Jansen, Olivier, Rabada noNgidi.

Scroll To Top