Now Reading
EzikaSteenhuisen zala ukhasha ngokutakula u-Eskom
Dark Light

EzikaSteenhuisen zala ukhasha ngokutakula u-Eskom

IDemocratic Alliance (DA) isizwakalise ukungahambisani nokunyuswa kwentela ngo-30% eyanikezwa uEskom yinkampani elawula ugesi, iNersa, futhi icela uhulumeni ukuthi afune ezinye izixazululo zokubhekana nenkinga kagesi esizweni.

Lolu daba luzolethwa eNkantolo eNkulu yasePitoli njengoba iDA ifuna usizo lwezomthetho mayelana nokwenyuka kwamanani kagesi kwakamuva kanye nenselelo eqhubekayo yokucinywa kukagesi osekukhungethe iNingizimu Afrika.

U-Eskom uthole ukwenyuswa kwentela ngo-18.65%  onyakeni  wezimali  wezi2023/2024, okulandelwa ukwenyuka okwengeziwe ngo12.74% okuhlelelwe unyaka wezimali olandelayo. Lokhu kukhushulwa kwamanani kuqale ukusebenza ngoMbasa wezi2023, okuqhubeka nomthwalowabathengi asebevele bebhekene nezindleko zokuphila ezikhuphukayo.

Umholi weDA, uJohn Steenhuisen, uthe inhloso enkulu yeqembu lakhe  kulesi senzo somthetho ukuthi kumenyezelwe ukuthi ukucima kukagesikuphambene nomthethosisekelo. 

USteenhuisen ukugxekile ukuthembela kukahulumeni ekunyuseni amanani, wathi, “Umbono wethu wukuthi lena yindlela elula kuhulumeniengabe bona bayakwenza ukubheka izindlela abangaqinisa ngazo ibhande. Isibonelo-nje  esilula sisebenzisa izigidigidi eziyisi-R8 njalo ngonyaka, ezinsizeni  zokuvikela  iVIP, izithabathaba zongqongqoshe, nakwezinye izindawo ezihlukahlukene lapho kungenziwa khona izinguquko zesabelomali, kodwa kulula kakhulu ukudlulisa umthwalo wezezimali kubathengi.”

USteenhuisen ugcizelele imiphumela engaba khona yokwenyuka kakhulu kwamanani futhi wagcizelela ukubaluleka kukagesi njengelungelolomuntu.

Ukucinyelwa ugesi emakhaya, ngokusho kukaSteenhuisen, akulungile futhi kuphambene nomthethosisekelo. Inselelo yezomthetho yeDAiyingxenye yemizamo yayo ebanzi yokubhekana nenkinga yokuhlinzekwa kukagesi eNingizimu Afrika, ilwela izisombululo ezibeka eqhulwiniinhlalakahle yazo zonke izakhamizi.

Lesi senzo seDA sikhombisa noma sigcizelela isithombe sokuthi amaqembu aphikisayo azogadla kuKhongolose ngodaba lwagesi kukhetho oluzayokanti elabohlanga oshicilelweni lwangesonto eledlule bese liwubuzile umbuzo othi wokuthi ukucima kwagesi kungawukhubaza yini uKhongolosekukhetho oluzayo ngaphansi kwesihloko esithi, “U-Eskom uzokhipha i-ANC emandleni?”

Umlimi “wenkosi yokudla” ubona ingozi ngentengo kaphethroli

Umlimi wamazambane eLimpopo uthi ukunyuka kukaphethroli kwakamuva kungase kwenze abalimi banyuse intengo yomkhiqizo wabo. Omunyewabalimi abakhulu bamazambane endaweni yaseVivo, enyakatho ntshonalanga yePolokwane, uTshianeo Mathidi, uthe maningi amathuba okuthianyuke amanani kanye nokunciphisa abasebenzi bakhe.

“Ngicabanga ukuthi okubalulekile wukuthi thina kwezokulima siqhuba ibhizinisi futhi amanani entengo ancike ezindlekweni esezingenile futhingoba ukubiza kukaphethroli kuzosenza sinyuse amanani. Kusho ukuthi sizokhokhisa nina bathengi. Lungiselani ukukhokha imali ethe xaxangomkhiqizo owawungabizi kakhulu ngaphambilini.”

Khonamanjalo, abanye abadayisi basePolokwane eLimpopo, abasebenzisa amazambane ebhizinisini labo lokudla bazwakalise ukukhathazekangokunyuka kwentengo yamazambane.

See Also

“Kumanje kuyasiphazamisa kakhulu, amanani amazambane alokhu enyuka futhi nebhizinisi lethu leKota alihambi kahle. Uma amazambane ebiza, sigcina sesithenga amazambane asezingeni eliphansi kanye namancane futhi asisatholi nzuzo ebhizinisini lethu. Sizolahlekelwa ngamakhasimendeethu ngoba amanye awo awasebenzi futhi ancike ngesibonelelo sikahulumeni.”

UNxesi usakhala ngokugqoza kohlelo lokuphucula abasebenzi UNgqongqoshe Wezokuqashwa Nezabasebenzi, uThulas Nxesi, uthi nakuba ukusebenza kweNedlac kuye kwaba ngcono onyakeni wezimali wezi-2022-23, inqubekelaphambili ekuguqulweni kwemakethe yezabasebenzi isahamba kancane.

UNxesi uthi ngemuva kokuthi osomabhizinisi, abasebenzi kanye nohulumeni bethule iziphakamiso zokuthi kubuyekezwe umthethowezabasebenzi ngowezi-2021, lolu daba alukalungiswa. 

Uthe ezinye zezichibiyelo eziphakanyiswe yizinhlangano zihlanganisa ukuthuthukisa ukusebenza kweNkantolo Yezabasebenzi kanye nezingxoxoezihlangene ukuze kusizwe abasebenzi kangco o.

Ubekhuluma nezithunywa engqungqutheleni yeNedlac yama-28 eGallagher Convention Centre eMidrand. 

“Udaba lokusalela emuva eNkantolo Yezabasebenzi selubeke engozini inqwaba yabasebenzi. Udaba olukhona ngabehluleli ambalwa asebenziswangokweqile eNkantolo Yezabasebenzi; wudaba olubucayi engicabanga ukuthi kudala siluxoxa. Ngaphandle uma sengeza abehluleli, sizobekaabasebenzi abaningi engozini. Kunamacala aseqhubeke iminyaka emithathu kuya kwemine,” kuphetha uNgqongqoshe.

Scroll To Top