Now Reading
Ivule ngembudlu yamagoli eyeDStv Diski Challenge
Dark Light

Ivule ngembudlu yamagoli eyeDStv Diski Challenge

Kube nenqwaba yamagoli ashayiwe emdlalweni yokuqala kulo nyaka yeDStv Diski Challenge kule mpelasonto.

Kuyona yonke imidlalo eyi-8 angenile amagoli, kweminye imidlalo kuqhume angaphezulu kwamahlanu.

AmaZulu FC vs Maritzburg United

La maqembu adabuka esifundazweni iKwaZulu-Natal acabelane amaphuzu, adlale ngokulingana ngegoli elilodwa nhlangothi zombili. Le miphumela ichaze ukuthi la maqembu azoqhubeka nokulandelana endaweni ye-10 kanye neye-11 kulogi.

Royal AM vs Kaizer Chiefs

Lo mdlalo iwona obe namagoli amaningi ube nayi-9 unqotshwe iRoyal AM ngamagoli amahlanu kwamane. Le miphumela iveze isithombe sokuthi iRoyal AM isiyiphuze inyongo iChiefs kwazise nakuDStv Premiership iyayibhaxabula. IChiefs izithole ihlezi endaweni engajwayele ukubona kuyona kulogi, ihlezi kweye-12 kanti i-AM yona iqhoqhobele kweyesi-9.

Marumo Gallants vs Chippa United

IChippa United iqhubekile nokufakela i-Orlando Pirates ingcindezi ehlezi esicngweni. Leli qembu lasePort Elizabeth libhaxabule kabuhlungu iMarumo Gallants ngamagoli amahlanu kwamabili. Kuyimanje leli qembu lisendaweni yesithathu kulogi ngamaphuzu angama-25 emdlalweni eli-12, iGallants yona isendaweni ye-13 ngamaphuzu ali-11 emdlalweni eli-12.

Stellenbosch vs TS Galaxy

IStellenbosch ayilishintshanga nhlobo igiya eshiye ngalo ngoZibandlela njengoba iwunqobile umdlalo wokuqala kulonyaka wezi-2022, ihlule iTS Galaxy ngamagoli amabili eqandeni. Leli qembu lihlezi iPirates ezithendeni njengoba linamaphuzu angama-27 lihlezi endawnei yesibili kulogi. ITS Galaxy yona ihlezi kweyesi-6.

Supersport United vs Cape Town City

La maqembu acazelane ngamaphuzu ngegoli elilodwa nhlangothi zombili. Nakulogi ayalandelana njengoba iSupersport United ihlezi endaweni yesi-7 kanti iCape Town City yona ikweyesi-8.

See Also

Baroka FC vs Lamontville Golden Arrows

IBaroka FC ize kulo mdlalo izimisele impela ukunqoba njengoba ibigadla ngomdlali ogijima eqenjini elikhulu nakuBafana Bafana u-Evidence Makgopa. Igcine inqobe ngegoli elilodwa eqandeni yabe isihlala endaweni yesine kulogi. Abafana Bes’thende (i-Arrows) yona ihlezi endaweni ye-14 ngokulingana neqembu elisemsileni iSwallows FC.

Sekhukhune United vs Swallows FC

Kulo mdlalo ophele ngokulingana, uphele kungene amagoli amane. La maqembu abhedelwa izinto njengoba kulogi ehlezi ezansi nje womabili anamaphuzu ali-10.

Orlando Pirates vs Mamelodi Sundowns

IPirates iqhubekile nokwenza kahle njengoba ihlule izimbangi zayo ngamagoli amatheathu kwamabili. Kuyenze yaba namaphuzu angama-30 esicongweni, iSundowns ejwayele ukwenza kahle yona ihlezi kweyesi-5 ngamaphuzu ali-19.

Scroll To Top