Now Reading
Baningi abadlali ababhekwe ukuthi benze kahle eCameroon
Dark Light

Baningi abadlali ababhekwe ukuthi benze kahle eCameroon

Kulindeleke ukuthi ube nezigameko ezizoshiya abantu bebambe ongezansi umqhudelwano i-African Cup of Nations (Afcon) obanjelwe eCameroon oqale izolo ngeSonto.

Okuzokwenza lokho abadlali abenza ezibukwayo emaqenjini abo agijima phesheya kwezilwandle. La badlali kulindeleke ukuthi beqhubeke nefomu yabo enhle ukusiza abazwe abo ukunqoba lo mqhudelwano ovikelwa i-Algeria.

Intatheli yaboHlanga uSabelo Maphumulo ibheka abadlali okulindeleke ukuthi benze ezibukwayo eCameroon.

Mohamed Salah:

Lo mgadli wase-Egypt akubuzwa ukuthi ubhekwe ngabomvu kulo mqhudelwano ngoba ifomu anayo eqenjini lakhe iLiverpool FC yase-England iyamangaza. Kuyimanje iLiverpool kubukeka izothwala kanzima njengoba izoqhubeka nemidlalo yayo yeligi ngaphandle kwakhe. Kuyimanje unamagoli ali-16 emdlalweni engama-20 kule sizini. Kuyimanje usethubeni lokunqoba umkomelo womdlali ovelele njengoba ebanga noLionel Messi kanye noRobert Lewandowski.

Riyad Mahrez

UMahrez wase-Algeria ubhekiwe ukuthi asize izwe lakhe ekutheni livikele isicoco. Kubukeka kungekho okungamuvimba njengoba indlela enza ngayo e-England ikhombisa ukuthi usefomini eyisimanga. Ijezi yizeelibanga nabadlali abaseqophelweni eliphezulu kodwa uyalithola, kukancane ukuthi angabonakali wonke umdlalo ngaphandle uma elimele.

Sadio Mane

Lo mdlali ofaniswa njengesosha uma esenkundleni njengoba egijima yonke inkundla naye uzobe ebhekwe kakhulu ukusiza izwe lakhe iSenegal ekutheni igoduke nayo inkomishi ngosuku lokugcina lalo mqhudelwano. UMane izitobha zase-England ziyamazi ukuthi akaphumuli nhlobo enkundleni uhlupha umdlalo wonke.

Edouard Mendy

See Also

Yize ezophuthwa umdlalo wokuqala weSenegala uMendy ngenxa yokutholakala ukuthi unokhuvethe, kodwa nakanjani uzogqama kulo mqhudelwano uma kuyiwa phambili. Lo nozinti ovimbela iChelsea FC yase-England, nyakenye uvimbe kahle kakhulu. IChelsea inenkomishi ye-UEFA Champions League nje kungenxa yakhe kwazise wavevimba ngisho impukane.

Sebastian Haller

Ukuqhulula kwakhe amagoli kumenze abantu abaningi bamufakela amehlo, uHaller ugijima eqenjini laseHolland i-Ajax Amasterdam. Lo mgadli wase-Ivory Coast, kuyimanje uzihola phambili ngamagoli kumqhudelwano i-UEFA Champions League usevalele ali-10 emdlalweni eyisithupha. Nasemdlalweni yeligi uyawavalela unali-12 emdlalweni eli-17.

Abanye abadlali ababhekiwe uNaby Keita waseGuinea, uWilfred Ndidi waseNigeria, u-Achraf Hakmi waseMorocco, uPierre-Emerick Aubameyang waseGabon noRyad Mendes waseGuinea nabanye abaningi.

Scroll To Top