Inesasasa nezidumbu phansi iDakar Rally


Isonto lokuqala lonyaka omusha lisuke lisho lukhulu kubathandi bomjaho wezimoto zasogwadule ngoba kusuke kuqala umjaho onedumela emhlabeni jikelele iDakar Rally. Lo mjaho usuke ubophele izingwazi zabashayeli abanamava, futhi uhlanganisa namaqembu asezakhele igama emhlabeni njengeToyota Gazoo Racing Hilux ebophele inkakha uHenk Lategan nomsizi wakhe uBrett Cummings. Nakuba kungumjaho onedumela kodwa unezidumbu phansi nezinkubela. Kuze kube yimanje bangama-76 ababamba iqhaza kulo mjaho asebendela koyisemkhulu ngenxa yezingozi ezenzeka kuwo okuhlanganisa nomsunguli wawo, abanye bayizinkubela. Iphephandaba laseVetican engosini yoMhleli lihlaziya lomjaho lawubiza, “Ngomjaho wabantu abayizithutha zoqobo”. Lokho kubukeka kungazange kubathene amandla ngoba ukhula minyaka yonke.
Ngonyaka odlule kwaba nobuhixihixi ngokubanjwa kwalo mjaho ngenxa yokuhlasela kobhubhane lweCovid 19 emhlabeni. Kulokhu iDakar Rally ibanjelwe kwelama-Arab, eSaudi Arabia kusuka lulunye kuze kube ngoLwesihlanu zili-14 kwephezulu. Lona ngumjaho we-44 selokhu wasungulwa, kanti kungokwesithathu iSaudi Arabia iwusingatha. Sezizonke izigaba zalo mjaho zi-12, kunqanyulwa ogwadule, ezintabeni, emagqumeni nasemathafeni. IDakar Rally ngumjaho osezingeni eliphezulu okungangokuba uqhathaniswa nemikhulu emhlabeni njengeLe Mans, i-Indianapolis 500, iFormula One Monaco Grand Prix edle ngokuhanjelwa omacaphunakusale emhlabeni nengqephu esika ukhasi.
Umlando womjaho
Umjaho wokuqala wabanjwa ngonyaka we-1978 ngaleso sikhathi wawusabizwa ngeParis-Dakar Rally ngenxa yokuthi wawusukela eFrance uze uyophelela eSenegal. IParis iNhlokodolobha yaseFrance kanti iDakar iNhlokodolobha yaseSenegal eNhla ne-Afrika. Lo mjaho usukele eParis kwaze kwaba unyaka we-1994 lapho umzila ushintshwe khona kakhulu, kwaze kwashintshwa negama lawo wabizwa ngeDakar Rally.
Ngonyaka we-2008 umjaho awuzange ubanjwe kusatshelwa ukuphepha kwabashayeli ezweni iMauritania lapho umzila wawunqamula khona kunenhlese yezenzo zobuphekula nempi ewumshoshaphansi. Ngaphambi komjaho kwabulawa izakhamuzi ezine zaseFrance namasosha amathathu aseMauritania kusolwa izenzo zobuphekula. Kusuka lapho izwekazi i-Afrika liqalile ukuphunyukwa yilo mjaho njengoba ngonyaka olandelayo we-2009 wabanjelwa eSouth America. Umqondo wokusungulwa kwalo mjaho waqhamuka nenziswa yaseFrance uThierry Sabine ngonyaka we-1977, ngesikhathi ebambe iqhaza emjahweni i-Abidjan-Nice cross country. Wazithola esedukile ogwadule iTenere Desert nalapho wabona khona ithuba lokuthi lolu gwadule lungaba enye indawo ekahle yokubamba omunye umjaho onqamula amazwe. Umjaho wokuqala wabanjwa zili-14 kuMasingana we-1978 eDakar.
Abantu ababamba iqhaza babengama 182, izimoto ezingama-80, izithuthuthu ezingama-92 namaloli ali-12. Emuva kwamakhilomitha angama-10 000 umjaho wagcina unqotshwa uCyril Neveu ngesithuthuthu iYamaha. Umsunguli walo mjaho washona engozini yokuphahlazeka kwendiza enophephela emhlane emjahweni wangowe-1986. Ngesikhathi beseMali ogwadule kwasuka isishingishane, inhkabathi enamandla yadudula indiza yabo bashona bona abahlanu ababekuyo. Lo mjaho unezidumbu phansi nezinkubela. Ngonyaka we-2020 kwafa uPaulo Goncalves wasePortugal owayehamba ngesithuthuthu emuva kwebanga lama-276 km.
Umjaho walonyaka
UNasser Al-Attiyah nomsizi wakhe oyinkombandlela uMathieu Baumel badle umhlanganiso okwesibone benqoba esigabeni sesine besizwa ozakwabo uHenk Lategan noBrett Cummings okwenze bahamba phambili ngemizuzu engama-38 nemizuzwana emihlanu. Leli thimba laseNingizimu Afrika liqale ukubonakala zisuka nje ukuthi aligayelwe mphako. Lesi bekuyisigaba eside kakhulu kulo mjaho, kodwa maphakathi nawo bazithole besenkingeni ngesikhathi iHilux yabo ilinyalelwa ihub bazithola bedunguza ogwadule. Isigaba sesine sibe nemiphumela emihle eqenjini laseNingizimu Afrika uGiniel de Villiers noDennis Murphu be#207 Toyota Hilux. Baqale umjaho besendaweni yesine. Ngesikhathi bezama ukusika enye imoto bahlangabezane nengozi bashayisa itshe kwaphantsha isondo, okuphoqile ukuthi balishintshe ngaphambi kokuqhubeka nomjaho.
Umjaho walo nyaka uzongena kuvuthondaba mhla zili-8 kwephezulu ngosuku olwaziwa ngokuthi Usuku Lokuphumula eRiyadh. Lapho kuzobe sekusele izigaba eziyi-6 ize isonge zili-14 eJeddah.