Ziphezulu izibalo zeCovid eKZN


Njengoba sezihubela sakusha ngokuphela kwamaholidi nokuvulwa kwezikole kunovalo ngokunyuka kwesibalo sokutheleleka kobhubhane iCovid 19. Kuse ngoLwesine izibalo zimi ezi-3,494,696, kanti abantu asebedlule emhlabeni ngenxa yalolu bhabhane kuze kube yimanje bali-91,561. Isikhungo sezifo ezithathelanayo iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), ithe ezibalweni ezintsha zokusuleleka ngaleli gciwane, isifundazwe iKwaZulu-Natal yiso esinezibalo ezinkulu. Njengamanje izibalo kulesi sifundazweni zimi e-2,863.
Isifundazwe esilandela ezithendeni iWestern Cape nge-2,834. Esifundazweni i-Eastern Cape naseGauteng kuthiwa izibalo zithe ukwehla njengoba kade kungamaholidi. Izifundazwe ezisenhla nezwe njengaseNorthern Cape, Limpopo, North West Kuze kuyoshaya eFree State izibalo ezitsha zokutheleleka zibe ngaphansi kwe-1000. isikhungo iNICD sithe kunabantu abangama-349 abangeniswe ezibhedlela bebanjwe yilona ukhuvethe, okwenze isibalo sabantu abasezibhedlela sikhuluma nje sama ezi-8,887. Ihlukene imibono ngokukhula kwezibalo njengoba kukhona abathi isifundazwe iKwaZulu-Natal bekuvele kulindelekile ukuthi ngalesi sikhathi sinyuke isibalo ngoba ihanjelwa kakhulu ngabantu abasuka ezindaweni ezahlukahlukene.
Abanye bathi ukungaqiniswa kwemigomo yokuvalwa kwezwe nokudedelwa kotshwala kube nomthelela ekubhebhethekeni kwegciwane. Kuyiwa emaholidini nje, abathandi bobumnandi bebebambe umoya ngokuthi kungenzeka uhulumeni aphinde aqinise isandla nakulokhu njengoba ngonyaka wezi-2020 wavala thaqa utshwana nezindawo zokungcebeleka kwesatshelwa ukubhebhetheka kwegciwane