Now Reading
IGhana izomangaza abaningi – Osei Kuffor
Dark Light

IGhana izomangaza abaningi – Osei Kuffor

Owayengumdlali weGhana kanye neqembu laseGermany iBayern Munich uSamuel Osei Kuffor, ubona iBlack Stars (iGhana)  ingenza kahle kakhulu kumqhudelwano ozoqala ngeSonto i-African Cup of Nation (AFCON) ebanjelwe eCameroon.

U-Osei Kuffuor ungomunye wabadlali ababekhona ngesikhathi iGhana ikwazi ukungenela iNdebe YoMhlaba okokuqala emlandweni ngonyaka wezi-2006, lowo mqhudelwano wabe ubanjelwe eGermany. “Ngazo zonke izikhathi uma iGhana idlala umqhudelwano, isuke ingenayo ingcindezi engakanani ngoba isuke ingabhekiwe kakhulu lokho kuyayisiza. Kuyisiza ngoba ngonyaka wezi-2006 iyona eyamela izwekazi i-Africa, yaphinde yenza okufanayo ngeNdebe YoMhlaba eyabe iseNingizimu Afrika ngowezi-2010. Nakulokhu uma abantu bekhuluma ngamaqembu anganqoba i-AFCON  iGhana ayibalwa nokuyinto enhle leyo kubadlali bethu” usho kanje.

Eqhuba uthe: “Ngicabanga ukuthi inhlangano ephethe unobhutshuzwayo eGhana yenza kahle ukuthi ingalifakeli iqembu ingcindezi yokuthi iwunqobe nakanjani lo mqhudelwano kube yinto ezenzakalelayo” usho kanje.

IGhana idlale umdlalo wobungani wokugcina ne-Algeria okuyiyo engompetha be-AFCON izolo ngoLwesithathu, obubanjelwe e-Educati, eCity Stadium eDoha. IBlack Stars izovula umqhudelwano we-AFCON neMorocco lowo mdlalo uzokuba ngoMsombuluko. Iseqoqweni C kanye neComoros neGabon.

“Sineqembu elinabadlali abasezingeni eliphezulu. Okuhle ukuthi sinabadlali abancane abasanda kunqoba oweCAF U/20 Championship. Ngezikhathi zethu sanqoba umqhudelwano ofanayo ngowezi-2002 kwathi ngonyaka wezi-2006 sakwazi ukuyomela izwe lethu eGermany” usho kanje.

See Also

IGhana isike yawunqoba kane lo mqhudelwano, ngonyaka we-1963, 1965, 1978 nowe-1982. Iqembu elihamba phambili ukunqoba lo mqhudelwano i-Egypt newunqobe kayi-7.

Selilonke iqembu leGhana eliya eCameroon, nelimenyezelwe uMilovan Rajevac lithakwe kanje: UJoseph Wolacott, u-Abdul Manaf Nurudeen, uRichard Attah, uPhilemon Buffuor, uGideon Mensah Alexander Djiku, uKhalid Abdul Mumi, uJordan Ayew, uNurudeen Abdul Manaf, Andrew Kyereh-Yiadom, uPhilemon Baffuor, uThomas Teye-Partey, u-Edmund Addo, uRichard Atta, uSamuel Owusu, uDavid Abagna, uMaxwell Quaye, uBenjamin Tette, uPiantsil Joseph, u-Abdul Baba, u-Abdul Issahaku, uGideon Mensah, u-Amartey Daniel, u-Andre Ayew, uDaniel Kyereh, uKamal Sulemana, u-Iddrisu Mohamed noRichmond Yiadom.

Scroll To Top