Now Reading
Umqansa wokwehlisa umthwalo kumaProteas
Dark Light

Umqansa wokwehlisa umthwalo kumaProteas

AmaProteas asabhekene nomqansa wokwehlisa umthwalo osemahlombe awo emdlalweni wesibili kwemithathu yochungechunge lwamaTest e-Imperial Wanderers, eGoli lapho ebhekene khona  nelaseNdiya.

Izitha zihamba phambili nge 1-0 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu. Owokugcina useKapa.  Elakuleli lihubha isibalo sama-run angama-241 ukuze liphumelele. Avale usuku lwesibili esehlanganise ama-run ali-118 kuma-over angama-40 kanti abeselahlekelwe ngamawikhethi amabili. Asadinga amanye ama-run ali-122 ukuze anqobe kuma-over angama-90.

Izulu lidume lathatha u-Aiden Markram noKeagan Petersen. UMarkram noDean Elgar baqale kahle. Bahlanganise ama-run angama-47 ngaphambi kokuthi uMarkram akhishwe nguShardul Thakhur nge-Leg Before Wicket (LBW) esabhalise ama-run angama-31 emabholeni angama-38. Iwikhethi yakhe iwe nge-over yeshumi. U-Elgar ujoyinwe nguPetersen oshaye ama-run angama-62 ku-Innings yakhe yokuqala. Bobabili bazamile ukwenza isiqiniseko sokuthi elaseNdiya aliwatholi amawikhethi. Abagcinanga lapho kodwa baphinde bengeza nesibalo sama-run.

Nge-over yama-28, uPetersen ukhishwe nguRavi Ashwin ngeLBW. Nokho ukaputeni weqembu uqhubekile nokulwa. Uqede usuku engaphumanga. Ubeseshaye ama-run angama-46 emabholeni  angama-121. Uzovula usuku lwesine noRassie Van Der Dussen onama-run ali-11 emabholeni angama-37. AmaProteas adinga ama-run angu-122 kuma-over angama-90 ukuze anqobe osukwini lwesine. Abasazobhetha nguTemba Bavuma, Kyle Verreynne, Marco Jansen, Keshav Maharaj, Kagiso Rabada, Daunne Olivier noLungi Ngidi. Osukwini lokuqala elaseNdiya linqobe ithosi laqoka ukubhetha kuqala. Ngemuva kwalokho lihlanganise ama-run angama-202. Ibamba likakaputeni uKL Rahul usize iqembu lesizwe laseNdiya lafinyelela kulesi sibalo sama-run eshaya angama-50. Amawikhethi eNingizimu Afrika athathwe nguMarco Jansen owise amane kwathi uRabada no-Olivier bathatha amathathu umshwibi ngamunye.

See Also

AmaProteas ashaye ama-run angu-229 ku-Innings yawo yokuqala. UBavuma (50) noPetersen (62) yibona abagila abashwibi belaseNdiya.  Ku-Innings yesibili elaseNdiya lenza kangcono liqoqa ama-run angu-266. Lokhu kusho ukuthi amaProteas azodinga ama-run angama-241 ukuze aphumelele. Kusukela abuyiselwa emidlalweni yamazwe ngowe-1992 akakaze ayishaye iNdiya eWanderers. Asebhekane nayo amahlandla amahlanu adlala ngokulingana emidlalweni emithathu ashaywa kwemibili. INdiya isethubeni lokuqopha umlando ngokushaya amaProteas okokuqala eNingizimu Afrika. 

Scroll To Top