UMbuso Khoza uphathiswe inqabakutholwa



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
ININGIZIMU Afrika inamaciko ehlukene kanti wonke eza nokwehlukile. Nokho insizwa yakwaZulu-Natal eShowe ize nokwehluke isibili. Lona nguMbuso Khoza ongagcini nje ngokubangumbhali njengoba aqala ukubhala kwelaboHlanga kepha ungumculi weJazz kanye namahubo. Ngasohlangothini lwamahubo usenze lukhulu ekuqhakambiseni lo mkhakha obungadumile ikakhulukazi entsheni. Ngaphansi kophahla iKwaZulu-Natal
Heritage Ensemble, uMkhathini usethokozise izwe njengoba isigqi sakhe sinanelwa naphesheya kwezilwandle. Inkulumo lapha phandle ithi umphrofethi kahlonishwa ezweni lakubo. Le nkulumo iyamlingana uKhoza osetshenziswa kakhulu ngaphandle kwesifundazwe kunalapho azalelwa khona.
Yize kunjalo akadikibali. Usedlale phambi kweSILO, aMakhosi noMengameli. Kubo bonke akekho ovala umlomo. Muva nje ubesePlayhouse eThekwini lapho efike enza adume ngakho babhema bakholwa abantu. Isandla sale nsizwa sithe ukwehluka ngoba lapho uthi ulalele ihubo ube usheba nomlamdo walo noma ngezigameko ezabe zenzeka endulo. Okutuswa ngoMkhathini wukomela kwakhe ulwazi nokwenza lokhu akwenzayo kunongeke.
Ukuhlala kwakhe nezimpunga, izalukazi nongoti kuyamcija nokubonakala uma esenza izinto zakhe. Ekhuluma naleli phephandaba uKhoza wakugcizelela ubumqoka bokubhalwa kwalolu hlobo lwamaculo namahubo ukuze intsha yanamuhla ize ingakulibali okuyigugu lesizwe nokuqukethe umlando ojulile osemculweni. Lo mshikashika kaKhoza neqembu ungaba ngenkulu impumelelo ezweni nasezwenikazi i-Afrika ekufundiseni ngobumqoka bamahubo nokuqukethwe umlando okuwo, ikakhulukazi kwabasakhula. Uma uhambele imicimbi lapho le nsizwa igiya khona okuphawulekayo ukuthi lolu hlobo lomculo luseyigugu nosikompilo olusagcinwa ikakhulukazi esizweni samaZulu.
Esizweni sabeNguni imicimbi yesizwe ithakaselwa ngokucula kanti amahubo aba ingxenye enkulu kabi kanjalo nasezizweni ezingamaNguni. Amahubo aletha futhi akhuthaza ubunye kubantu kanti ayakwazi ngisho nokuthumela umyalelo ngisho koNgangezwe Lakhe ngaphandle kokufuna isithangami naye. Amahubo, kuphinde kuhlonishwe ngawo aMakhosi, ahutshwe nalapho kuthakaselwa ukukhula kwamantombazane eseya esigabeni
sobufazi noma eseyogcagca.
Amahubo ayahutshwa nangamabutho ngezigaba zokwehlukana kwawo kanti angubuciko obuzobamba elikhulu iqhaza ekuzaziseni njengama-Afrika kanti uma eseculwa akushiya unokuzigqaja ngoyikho, uthokozele isiko lakho ngenye indlela kanye nobuhle begugu lethu. Uma ekhuluma akalishiyi uKhoza elokubaluleka kokwakhiwa kwezikhungo zamaciko lapho amahubo ezofundiswa khona.
Ungemsole ngokuzikhulumela nje kulokhu ngoba muva nje ubemenywe kwaNgqondonkulu eWits nase-UKZN lapho abenikwa khona ithuba lokufundisa ngokwakwabo nokusenhliziyweni yakhe. Yize abanye bengathi kusesekuseni kepha umuntu angehlawuliswe uma engaqala asho athi uKhoza (ngezenzo) useyinkakha futhi aphathiswe khona kwehlukile, kunothile, kuyinqabakutholwa