Umthandazo kaHulumeni, izinhloli ne-ANC: Aze angafi uZuma ejele!


Ubusuku obungelibaleke kupolitiki yaseNingizimu Afrika kule minyaka yedemokhrasi sebedlule. Lobu bekuwusuku lapho phakathi kwamabili bekulindeleke ukuba ngehora le-12 kwesikabhadakazi kube sekuphela isikhathi abeyalelwe ngaso loyo obenguMengameli wezwe ne-African National Congress (ANC) uZuma ukuba abe esezinikele ngaso emaphoyiseni. Kwabanye iwashi belishesha kwabanye lihamba kancane kuya ngokuthi ungakuluphi uhlangothi. Ngasohlangothini lwamaphoyisa lesi bekuyisikhathi esinzima kakhulu kulowo onguNgqongqoshe uMhlonishwa uCele kanye nomkhuzi wawo, uSithole.
Isinqumo seNkantolo sabeka emahlombe abo okukhulu okuyolanda uZuma noma ngabe ukuphi uma nje engawulandelanga umlayelo weNkantolo. Bezimbili izingqinanmba lapha, esikhulu bekuyimpilo yabantu njengoba kuthe kushaya usuku lwamhla zizi-4 kuNtulikazi kwabe kumnyama emasangweni akwaDakw’udunuse ngabantu ababethi bazoba ngamadelamzimba umthofi udle bona kunokuthi kuboshwe uZuma. Kube ngesifanayo nasemigwaqeni ebiphikelele eNkandla njengoba ujenge lwezimoto lwabantu ababethi uyadela wena osuseNkandla. Bekuyobe ngokokuqala amaphoyisa ebhekana nesimo esicishe sifane nesaseMarikana lapho kwadindiliza izidumbu. Kulokhu atusiwe amaphoyosa ngokugwema isibhicongo njengoba eyekelele nje ngesikhathi abaseka uZuma bebetheleka njengamagagasi.
Eyesibili ingqinamba yiqiniso lokuthi uma amaphoyisa abegcina ngokungambophi uZuma nawo (izikhulu) abezoba secaleni. Kanti nakho ukumubopha phambi kwabezindaba bekungahle kuthunuke abeseki bese kwenzeka lokhu abebekugweme ekuqaleni – ukuchitheka kwegazi. Ukuzinikela kukaZuma ngehora lokugcina kubukeka kwenze aphefumula amaphoyisa kanjalo nabantu abaningi kuleli abebekhathazeke ngalokho obekungaba yimiphumela.
ElaboHlanga selingakuqinisekisa ukuthi kukho konke lokhu nje izinhloli zakuleli ezamaphoyisa kanye nezwe bezithe chithi saka.
Kusuka ngoMgqibelo beziseNkandla ezinye zidle umfaniswano weqembu elibusayo ukuze zidide imibala. Lokhu kwenze kwalula ukuzwa ngeminyakazo ebihlelwa. Khona lapho ezinye beziqoqa ulwazi emalokishini athile eThekwini nayilapho obekuvele ukuthi kungahle kube nomnyakazo ozokwenza kume nse. Amalokishi abesohlwini phakathi kwawo bekukhona iKwaMashu neSiyanda, iNanda, iChesterville, uMlaza nezindawo ezizungezile. Enkabeni yeTheku nakhona bebekhona abaqaphe ngelokhozi kakhulu izitolo zabokufika njengoba izinhloli bese zicoshe ulwazi ukuthi zingahle zingenelwe.
Ngesonto amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi abesetholile ngezingede ukuthi amagquma namahlathi aseNkandla anabathile abalinde nje uma isisuka bese kunuka umsizi. Laba ngokomthombo welaboHlanga bekungabantu abehlukene, abanye abaqeqeshelwe ezempi kanti abanye bekungabantu abancike nezimboni zokuphepha ematekisini.
Ukuhlehla kwenqama
Okumangaze abaningi ngosuku lapho uZuma ezozinikela khona wukunyamalala kodonga lwamalungu oMkhonto Wesizwe oselokhu kwaqala udaba abekanise eNkandla. Ngokuthola komunye obe khona uthi ngokwenza njalo bebengabaleki kepha babhuntshise itulo lezinhloli bazibambisa udwadwa.
“Besazi ukuthi asisekho sodwa, sazi ukuthi izinhloli seziphakathi kithi nasemphakathini. Besazi ukuthi sebeyihlonzile imizi nezindawo ebesingenise kuyo. Sixhumene nabanye kwathuthwa amathuluzi, kwase kuyiwa kogqishwa ngasemakhaya,” kusho le nsizwa.
Ithe kube lula ukubona ukuthi basebedidwa ngoba abanye kulezi zihloli ngabantu abanabo eqenjini kanye nababenabo kuMkhoto Wesizwe. Ithe kube lula ukubona ‘isitha’: “Siyazi nokuthi kunohlu lwabantu okuthiwa bangobhongoza, amalokishi abavela kuwo nokunye, khumbula nathi singamasosha siyawazi umdlalo.”
Leli phephandaba lingakuqinisekisa njengokuthola emalungwini oMkhonto Wesizwe akade eseNkandla, ukuthi uhlelo lwawo luzoqhubeka ezindaweni lapho bevela khona kanti kuzovalwa nemizila ethile.
Okunye okuvelile yikuthi abanye abaholi be-ANC KwaZulu-Natal ngeke bakuthole ukuphumula ngoba ‘bazodudulwa” emihlanganweni nasemibuthwaneni. “Lokhu esakwenza kuMbeki noNdebele sizokwenza kuRamaphosa nabantu bakhe lapha KwaZulu-Natal, thula uzobona,” kusho omunye obengumkhuzi kwababeseNkandla. Ebuzwa ngodaba lwezinhlelo zokungenela izitolo kakhulu zabokufika uthe: “Thula nje laba (amaphoyisa) sizobagijimisa yonke indawo le. Kuzothi kuvalwa ngapha kuphihlike ngapha. Sesiyazi ukuthi kuzosetshenziswa imithetho yokhuvethe ukuzama ukusiqeda amandla kodwa lena yimpi, thula uzobona”, kusho le nsizwa ngokuzethemba.
Umlilo wobuHlanga
Okunye okuvelile wukwesaba ukuthi udaba oluthinta uMsholozi lungahle luvuse impi yobuHlanga kuleli. Igama eliphezulu nguZulu namabutho. Lokhu kuthiwa kuqinisekiswe yimibiko yezinhloli ebezisenhlabathini zizwa ukukhuluma. Kuthiwa ukukhuluma ngobuHlanga kukhulu KwaZulu-Natal naseGoli ngoba kuswelakele nje umetshisi ongavukuza lokhu bese liyasha izwe.
Yize kungekho isiqinseko sokuthi kuqondene kepha udaba lwenduna uMgiliji lokuya eNkandla ngesonto kuthiwa lubhekwe ngabovu ngoba kunenkolelo yokuthi yiyo engasetshenziswa ukugovuza eyobuhlanga lapho uZulu engazibona “ehlaselwa” nxa kuboshwa uMsholozi. Abafundi belaboHlanga ezinkundleni zokuxhumana sebevele banalokho kukhuluma okuthi “kuhamba ISILO nje kuboshwa uMsholozi okulandelayo ngolwe-Ingonyama Trust”. Konke lokhu kukhuluma kukholakala ukuthi kukhwezela umlilo oyingozi wempi yobuhlanga nongaba yimpi yomkhaya.
Ukwesabela uZuma ejele
Kusuka engena uMsholozi ejele elaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi uHulumeni neqembu elibusayo banokukhathazeka. Lokhu kukhathazeka kungempilo kaZuma. Bekulindeleke ukuthi kwehle abathile ezinhlolini ebezizohlanganisa nodokotela bezempi njengoba uZuma ayenguMengameli ukuzoqinisekisa ukuthi akukho okungahambi kahle. Lokhu kwesaba kuqukethwe embikweni wezinhloli oyimfihlo (elaboHlanga linawo) nokubeka obala ukuthi “isimo sezokuphepha sikaZuma simqoka kuHulumeni wakuleli, uKhongolose nasezinhlolini zamanye amazwe.
Ukwesaba kukathathu: UHulumeni wesabela ukuthi uma ngahle kwenzeke okuthile kuZuma agule noma afe izwe lingaba ngumlotha. Ukuthi yonke iminwe iyokhonjwa kuMengameli. Okwesibili kukuKhongolose nawo oholwa ngonguMengameli wezwe, ukuthi uma kungenzeka okuthile kuZuma inhlangano ingaba sobishini amalungu asolane wodwa nokuyinto esivele iqalile. Kanti okunye ukwesaba kusekutheni izinhloli zakwamanye amazwe nezingafuni kube nozinzo kuleli zingaba namaqhinga okulixoxa ukuze umphakathi wakuleli uxabane wodwa bese iNingizimu Afrika ifane namanye amazwe anezimpi e-Afrika.
Konke lokhu kuholele ekutheni kube nohlelo oluyimfihlo noluzolekelelwa yipolitiki. ElaboHlanga lingakuveza ukuthi yize abamajele bethi uZuma uzophathwa njenganoma yisiphi isiboshwa kepha kuzoba khona abangaphandle ezinhlolini abazobe bengene njengojele abazobe beqaphe konke. Uhlu lwabavakashi nalo kuthiwa lizoqashelwa. Nokho ukwesaba okunye kuseqinisweni lokuthi uZuma unawo amahlalakhona , usemdala nokuthi ukhuvethe luyaqonga. Lesi kuthiwa ngesinye sezizathu ezenze wangaya ejele elinjenge Westiville lapho kunenkinga yokugcwala kanti baningi nabantu “abangalingeka” benze okuthile kusho omunye osondelene nodaba nocele ukungadalulwa ngenxa yomsebenzi.
Ezokuphepha kwabathile
Omunye wezokuphepha emaphoyiseni naye okhulume nelaboHlanga ukuqinisekisile ukuthi uhlelo lwezokuphepha lwabaholi abathile ngisho nabathile ezinkantolo lizobukisiswa njengoba udaba lukaZuma luthinta abaningi. ElaboHlanga lithole ukuthi abathile kuHulumeni waKwaZulu-Natal kanjalo nabathile ezinkantolo kungahle kwandiswe ezokuphepha ezibazungezile kuze kube “ulaka luyehla ezweni”.
Lolu laka luvukile izolo ngesikhathi abathile ngokungemthetho besabalalisa izithombe zikaZuma eginqiswa izithupha ejele. Lokhu kuqale ngaphakathi ejele ngabathile kwedlulela emaphoyiseni athile nabe esekusabalalisa. Ngokomthetho wamajele akuvumelekile ukuba isiboshwa sishuthwe noma ulwazi lwaso oluyimfihlo lusatshalalilswe. Okhulume nelaboHlanga nonolwazi ngezithombe uthe “ukuthanda imali kojele kungahle kusifake engozini ngoba baningi asebefuna imininingwane ekhethekile ngesiboshwa uZuma. Uma kufika abezindaba baphesheya nabalapha noma izinhloli zithi nansi imali ucabanga ukuthi wena ujele ohola kancane ejele lasemakhaya angenqaba? Inkinga ilapho kusho lo mthombo.
Ulaka futhi lulindeleke ukuba luphakame uma icala limlahlile uZuma namuhla njengoba iNkantolo Enkulu eMgungundlovu izokhipha isinqumo esicelweni sikaZuma. Kanjalo ngoMsombuluko eyoMthethosisekelo izolalela isicelo. Konke lokhu kwenza kucije imikhonto ezweni.