Now Reading
Zizwakala kakhulu izigi ze-Excel kwezokusubatha eThekwini
Dark Light

Zizwakala kakhulu izigi ze-Excel kwezokusubatha eThekwini

Ifike kwezwakala ikilabhu yezokusubatha ezinze eThekwini eyaziwa ngokuthi iXcel Running Club. Le kilabhu isungulwe ngokusemthethweni ngoMfumfu wangonyaka odlule, lokho kusho ukuthi inonyaka nezinyanga ikhona.

Yize kunjalo kodwa abasubathi bayo sebegile izimanga emiqhudelwanweni eminingi lapha eNingizimu Afrika. Isungulwe nguMandla Mngomezulu ngokubambisana noSibusiso Cele akade beku-Ethekwini Athletics Club (EAC).

Yathi iqala yabe ilanda uXolani Mabhida ongumqeqeshi onamagalelo amakhulu kodwa wagcina eshiya. Ngesikhathi uMngomezulu ekhuluma nelaboHlanga ubalule ukuthi: “Inhloso yethu ngale kilabhu ukuthuthukisa lo mdlalo, sivundulule amakhono ezindaweni zasemakhaya.
Kulezi zindawo sibala uMhlabuyalinga nakoMkhanyakude ukusho ezimubalwa. Kubuhlungu ukubona ingane ithi inekhono kodwa ingakwazi ukuliveza, ngenhla yokungabi nezinsiza,” kusho uMngomezulu.

Eqhuba uMngomezulu odabuka eNgwavuma kodwa ngenxa yomsebenzi osezinze eThekwini uthe: “Njengoba igama lekilabhu lithi eXcel silinqamulele kwelithi excellent okusho ukuphumelela, ingoba abasubathi bethu sifuna bephumelele ayi ngokusubatha kuphela kodwa nasezintweni zangaphandle. Ingakho sizobafundisa ngamanye amakhono, sizobafaka ezikoleni zamakolishi. Ingakho sizoba nosomabhizinisi abaningi esizosebenzisana nabo ukuze sifeze amaphupho ethu.” Usho kanje.

UCele uvumelane ngazwi linye noMngomezulu wathi: “SinoMngomezulu sathi sisungula le kilabhu sasho ukuthi sifuna ini, ngenhlanhla sabe sifuna into eyodwa esasingeke sikwazi ukuyenza singaphansi kwe-EAC ngoba nabo basenza ngendlela yabo. Thina okwethu bekuwukuthi sivundulule ikhono, lokho ngikubona ngoba kwenzakala njengoba sinonyaka nje sikhona” kusho uCele.

Unyaka wezi-2021 ube njani kuXcel
Unyaka wezi-2021 ube ngomuhle noyimpumelelo kakhulu kwiXcel Running Club. Lokhu bakusho ngenxa yokuthi kube ngunyaka omfishane kakhulu kwezokugijima ngenxa yobhubhane ukhuvethe, kodwa ngesikhashana ekuvulwe ngaso imijaho bakwazile ukuthi abagijimi babo babambe iqhaza. Kulemijaho kubalwa iNedbank Runified 5Okm Marathon eyayiseGqeberha, Cape Town, iPrince Mangosuthu Marathon, iDurban International Marathon neminye.

Izingqinamba ababhekane nazo:

  • Ukungakwazi ukuhlanganyela kwabagijimi baziqeqeshe ndawonye
  • Ingcindezi ngokwezimali kubagijimi abaziphilisa ngemali abayithola ngokuwina imijaho
  • Ukulimala kwabagijimi abamqoka

Abagijimi abenze kahle, nemiqhudelwano abayigijimile
USibusiso Kubheka, ugijime koweSA Champs 21km waphuma kunombolo-7, iNedbank Runified 50km waphuma ebangeni lesi-6.

See Also

UZinhle Shabalala, ugijime iNedbank Runified 50km waphuma kunombolo-8, iDurban International Marathon 42km wayishaya kuqala intambo, iCape Town Marathon 42km waphuma kunombolo-10 neJoshia Gumede 21km waphuma kunombolo-1.
UNdumiso Sokhela koweMzila kaTambo Marathon 42km wayishaya kuqala intambo.
UTebello Ramakongoana kwiCape Town Marathon 42km waphuma endaweni yesithathu.
UThokozani Mbambo unqobe iJosiah Gumede Marathon 42km.

Kanti nakumabanga amafishane okungamakhilomitha ali-10, bakhona abasubathi abenze kahle lapho kubalwa uCacisile Sosibo, uBathobile Mkhize noThobile Mkhize naye uZinhle. UKubheka ubeloku eqhubekile enza kahle kumabanga ka10km okubalwa kuwo i-Absa City Run Series ebiseThekwini naseCape Town.

Imfihlo
Imfihlo ilula isekuthandeni umdlalo wokugijima nasekubhekeleni impatho enhle yabagijimi. Okumqoka kubona ukunika abagijimi amathuba okukwazi ukuziveza nokuqhudelana nabanye abagijimi abasezingeni eliphezulu. bakholelwa ukuthi lokho kuyabasiza ukuthi bakhule ngayo yonke indlela

Abakulangazelelayo ngowezi-2022
Kunyaka wezi-2022 iXcel Running Club izimisele ukuthi ibuye ngalo leligiya eqede ngalo unyaka nangaphezulu. Izobuya nabo abagijimi babo asebaziwa kanti futhi isezingxoxweni nabanye abagijimi abazosijoyina kuwona unyaka ozayo.
Kodwa okukhulu ukuthi begxile kakhulu kwizinkulisa nokuyiyona inhloso enkulu yokuvula leli qembu.

Scroll To Top