USithebe uthi luzophakama uSuthu ePitoli



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umdlali osephenduke isethenjwa sa-AmaZulu FC uSiyethemba Sithebe, uthi bazodlala umdlalo wabo wokuqala weDStv Premiership bezithemba. AmaZulu FC azotholana phezulu nompetha iMamelodi Sundowns namuhla ngoLwesihlanu eLoftus Versfeld Stadium ePitoli ngele-17:00.
Lo mdlalo ngeke uze ube lula neze kuwona womabili amaqembu, kulindeleke ukuthi kuguge utshani namagoli futhi angene. Okwenza lo mdlalo ubhekeke njengoshubile ukuthi la maqembu ngesizini edlule aqede elandelana phezulu kulogi, iSundowns yaqeda kunombolo-1 kwathi uSuthu laqeda kunombolo-2.
Leli phephandaba libe nengxoxo ekhethekile noSithebe ngokuzwa ngamalungiselelo alo mdlalo nayilapho ethe: “Wonke amalungiselelo ahamba kahla kakhulu sidlalile ngeledlule sangenza kahle nokudale saze sahlulwa. Kodwa emaphutheni esibe nawo sifundile kuwo, siya kulo mdlalo nje siyazithemba ukuthi sizokwenza kahle kakhulu” usho kanje.
AmaZulu FC ngeledlule adlale neCape Town City koweMTN 8 ahlulwa ngamagoli amabili kwelilodwa. USithebe ubalule ukuthi yize edlale kahle ngesizini edlule kodwa kulokhu ufisa ukwenza okungaphezulu, okunye kwakho ukushaya amagoli angaphezulu kwali-10. Ngesizini edlule ushaye amahlanu emdlalweni engama-29.
Le njini isanda kunqoba neBafana Bafana umqhudelwano weCosafa Cup, kuwo lo mqhudelwano wathola umkomelo wePlayer of the Tournament. Uthe ufunde lukhulu kuwona, uyakholwa ukuthi akufundile kuzokwenza adlale kahle kakhulu.
“Ngifunde izinto eziningi kumqhudelwano iCosafa Cup, ngibonga umqeqeshi ngokuthi angibize kwiBafana Bafana aphinde anginike ithuba lokuthi ngidlale, yonke imidlalo ngayidlala kahle. Okungijabulisile ukujabulisa abalandeli ngokuthi sinqobe indebe ekuyinto ekade yagcina ukwenzeka eqenjini lakuleli” kusho uSithebe nothe usefisa engabe iqalile imidlalo yeCAF Champions League.
Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-28, ungowokudabuka eLister Farm, eNewcastle ngaphambi kokujoyina USuthu wayedlalela iMbombela United. Uzobanga ijezi noMakhehleni Makhaula, uXola Mlambo, uButholezwe Ncube, uKeagan Buchanan noPule Ekstien okungabadlali abasha kuleli qembu. Abanye abadlali abasha ngMxolisi Kunene, uKgotso Moleko, uTercious Malepe noPhilani Zulu.
USithebe uthe ufisa bephinde bebe sembangweni weligi bese benqobe nenkomishi. Lokho kusho ukuthi izinkomishi okumele bazilwele iNedbank Cup, iDStv Premiership neCaf Champions League.
Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership yokuqala iqhathwe kanje
Namuhla
iMamelodi Sundowns na-AmaZulu FC eLoftus Versfeld Stadium ngele-17:00
NgoMgqibelo
i-Orlando Pirates neStellenbosch e-Orlando Stadium ngele-15:00
iSekhukhune United neChippa United eMakhulong Stadium ngele-15:00
iGolden Arrows neMaritzburg United ePrincess Magogo Stadium ngele-15:00
iBaroka FC neMarumo Gallants eNew Peter Mokaba Stadium ngele-17:00
iCape Town City neSupersport United e-Athlone Stadium ngele-17:00
NgeSonto
iSwallows FC neRoyal AM eDobsonville Stadium ngele-15:00
iTS Galaxy neKaizer Chiefs eMbombela Stadium ngele-17:00