Now Reading
Ukufunda ngolimi lwebele akuhambisane nezinguquko ezinqala kwezemfundo
Dark Light

Ukufunda ngolimi lwebele akuhambisane nezinguquko ezinqala kwezemfundo

Ngisishayela izandla futhi ngiyasincoma isinqumo soMnyango Wezemfundo emazingeni aphansi sokuqhubeka nokwandisa uhlelo lokusetshenziswa kolimi lwebele ezikoleni zakuleli. Kuyintokozo ukubona ubuholi, ikakhulukazi eMnyangweni Wezemfundo emazingeni aphansi, busibona isidingo sokufundiswa kwezingane kuleli ngolimi lwebele. Akungithusi ukubona impumelelo kulolu hlelo olwaqalwa eminyakeni edlule. Bekuvele kuyinto engabe kudala yenziwa futhi bekumele ngabe lolu hlolo lwalolu hlelo lwenziwa kuzo zonke izifundazwe zakuleli kanye nazo zonke izilimi zebele. Kuyathusa ukubona abantu besijabulela lesinqumo sengathi yinto etsha ukufunda kanye nokufundisa ngolimi lwebele yinto entsha. 

Ngikhumbula ngisafunda isikole, sishaywa sishayelwa ukuthi sikhulume ulimi lwebele esikoleni. Ngithe sengiphapheme ngakubona ukuthi kwakungenye indlela yokusicindezela singaboHlanga. Ukushaywa ushayelwe ukuthi ukhulume ulimi lwebele kwakumele kungabi yinto esiyivumayo njengesizwe esimnyama. Kodwa ngoba siyisizwe esingakhululekile, sasingenakho futhi namanje asinayo indlela yokuzikhulumela kanye nokushaya owethu umthetho. 

Okungithusa kakhulu ukuzwa uNgqongqoshe wezemfundo emazingeni aphansi u-Angie Motshekga ethi ukufundisa ngolimi lwebele ezikoleni zaboHlanga kuyisixazululo semiphumela engemihle kubafundi. Ukufundisa kanye nokufunda ngolimi lwebele kuleli akusona isixazululo sezinkinga ezibhekene noMnyango Wezemfundo. UMnyango Wezemfundo unezinkinga ezinkulu eziyizimbangela zokungaphumeleli kwabafundi ezikoleni zakuleli. Njengoba ufunda lesiqephu, umnyango wezemfundo wase-Eastern Cape ugxekwa ngokuhluleka ukuthumela izincwadi ezikoleni. Okuzwisa ubuhlungu ukuzwa ukuthi lezincwadi okukhalwa ngazo kudala zakhokhelwa futhi kwaziwa ukuthi zafika ezikoleni kodwa azifikanga. Lokhu kusho ukuthi noma kungashintshwa kufundiswe futhi kufundwe ngolimi lwebele angeke kusisize uma izincwadi zingekho ezikoleni. 

Umnyango wezemfundo ubhekene nengwadla kanye nokwentuleka kobuholi obuqotho, obufundile kanye nobaziyo ukuthi benzani. Sisenobuholi obungazange bufundise ngisho usuku olulodwa, kuyinkomba yokuthi kusazoba nzima ukuthi sinqobe izinkinga uMnyango obhekene nazo. Ukuphumelela kwabafundi akuncikile kakhulu ekufundisweni nasekufundeni ngolimi lwebele. Angeke ngaphika ukuthi kungaba nawo umthelela omkhulu kodwa ngicabanga ukuthi ngeke kwaluletha uguquko uma abafundi besafunda ngaphansi kwalesi simo abafunda ngaphansi kwaso. Kusenezinto ezibulala uMnyango Wezemfundo kodwa uMnyango ungazisukumeli. 

Okungenza ngingakujabuleli ukufundiswa kwabantu bakithi ngolimi lwebele ukubona lungekho uguquko kulokhu okufundiswayo. Izifundo zabo nabafundiswa khona akubenzi babe yinto ebalulekile uma bephumela ngaphandle. Izinto ezifundiswa ezikoleni azibaciji abantwana bakithi ukuthi bakwazi ukuba seqophelweni nasezingeni lomhlaba. Imfundo abafundiswa yona ayikhulumisani nempilo yabo futhi ayibaniki amakhono azobenza baphume bakwazi ukuzisebenza noma basebenze. Kunamazwe afundisa izingane zabo emabangeni aphansi amakhono abalulekile empilweni. Imfundo yakuleli iyamphoqa umntwana wakuleli ukuthi aye esikhungweni semfundo ephakeme ayofundela amakhona noma engafuni. Abafundi bakuleli baphuma kumatikuletsheni bengaphethe lutho ngaphandle kwesitifiketi sakamatikuletsheni. Umbuzo uthi uma ngingaphumelelanga kumatikuletsheni kwenziwani ngami? Ngicabanga ukuthi unayo impendulo yalowo mbuzo. UMnyango ukutshela ngethuba lokulungisa izifundo zakho kunokuthi uphume nekhono ongalisebenzisa ukuze uphile.

Ukufundisa ngolimi lwebele isinyathelo esihle kodwa ngicabanga ukuthi uMnyango udinga ukuthi acubungule izinto ezibalulekile eMnyangweni. Isikhathi afunda ngaso umama u-Angie, wawuphuma esikoleni unalo ikhono. Afunda nabo baphuma benawo amakhono afana nokupheka nokuthunga. Umbuzo enginawo nengicabanga ukuthi kumele ngabe uzibuza wona uthi, uyamshintsha yini umdlali webhola odlala kahle. Lona ngumbuzo ofanayo okumele ngabe umnyango wezemfundo uzibuza wona. Selokhu kwashintshwa ikharikhulamu imihla namalanga. Ngiyazi ukuthi miningi imithelela ekhulisa izinga labantu abasha abangasebenzi kuleli kodwa ukuhluleka komnyango wezemfundo ukunikeze abafundi amakhono abangaphila ngawo uma beqeda, kuthela usawoti esilondeni. 

See Also

Akungithusi ukubona ubuholi bomnyango bungazi ukuthi umnyango wenzena. Iqiniso lithi ayikho into esinayo, engeyethu, ekhulumisana nempilo kanye nenhlalo yomuntu omnyama. Izinhlangano ezifaka phakathi o-UNESCO zikhwela ziyazehlela nje lapha kithi. Uma befuna ukuqala uhlelo thizeni beza e-Afrika bazoluqala khona. Into ebuhlungu ukuthi ayikho into esiyenzayo ngalokhu ngoba ayikho into esinayo nesiyiqalile engeyethu. Izinhlangano ezifana nalezi uma zingathi akufundwe ngolwimi lwaseChina, ungezwa uhulumeni wakithi evumela phezulu. Inkinga enkulu esibhekene nayo ukuhluleka ukuqhamuka nolwethu uhlelo hhayi lolu esinikwa lona esingalwazi. 

Engikubona kwenzeka eminyakeni ezayo ukuthuthuka nokuceba kwalabo abanezikole ezizimele ngoba baningi abantu abazofundisa izingane zabo kulezikole ngoba bebalekela ukwehluleka komnyango wezemfundo. Kuyimanje baningi abantu bakithi abakhokha izindodla zemali befundisa izingane zabo ezikoleni ezizimele ngoba umnyango uyehluleka. 

Ngisho yena uMotshekga kanye nabaningi osopolitiki, izingane zabo azifundi ezikoleni zethu njengabantu abamnyama futhi abafundi lokhu ezikufundayo izingane zakithi. Lokhu kumele kube yinkomba yokuthi kwabona ubuholi buyabona ukuthi lento abayenzayo ayikho futhi ayiyindawo. 

Scroll To Top