Osomankomane abasafufusa bazilolongela indumezulu yomqhudelwano
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMengameli weKwaZulu-Natal Olympic Style Boxing Organisation uSandile Sibisi, uthi sizowuvala kahle unyaka isifundazwe iKwaZulu-Natal esibhakeleni sama-amesha.
Kusukela kusasa osomankomane abangama-48 bazobe bebambe ikhempu lapho bezobe beziqeqesha ndawonye ukuzilungiselela umqhudelwano ozokuba kusukela ngoLwesibili ozayo kuze kube uMgqibelo wangomhla zili-18 kwephezulu. Igama lalo mqhudelwano iJunior & Cadet National Championship, uzobanjelwa ePort Elizabeth, eGqheberha.
Le khempu izobe iholwa umqeqeshi osemnkantshubomvu uNkosinathi Hlatshwayo, izobe ibanjelwe eMooi River. Ihlelwe ngokubambisana nomasipala iMpofana.
“Ikhempu yethu yokugcina le lapho siyolungisa khona izinto ezincane ngaphambi kokuba silibhekise ePE. Kade siqalile ukuzilungiselela, senze kahle nakweminye imiqhudelwano edlule ngoba siwanqobile amagolide. Sifuna impela ukuwusonga kahle lo nyaka obe mude” kusho uSibisi.
Kulaba osomankomane abangama-48, kubalwa abaneminyaka eli-12 kuya kweli-16. Abanye abaqeqeshi abazolekelelana noHlatshwayo kukhona uThemba Buthelezi, uThule Mjiyako, Nelisiwe Luthuli, uZinhle Sibiya, uMtuseni Dube, uNkosingiphile Ndlovu, noSonboy Madondo Zulu.
NgoNtulikazi iKwaZulu-Natal yabuya nezindondo ezili-12 zegolide kumqhudelwano wama-Elite owabe useKapa, nokuyinto enkulu kakhulu leyo.
Ebuzwa ukuthi ngabe abeskufisa kunyaka wezi-2021 ngabe kufezekile yini uthe: “Lo nyaka ubengcono kakhulu uma siwuqhathanisa nowedlule, kulo nyaka senze izinto eziningi nyakenye ukhuvethe impela belungasivumeli. Okunye okuhle ngonyaka wezi-2021 sikwazile ukuvundulula osomankomane abaningi kanye nabaqeqeshi sakwazi ukuziqeqesha ngendlela” usho kanje.
Lo mengameli ubonge uzinzo olukhulu abaluthola kuMnyango Wezemidlalo kanye nomasipala iMpofana okungokokuqala ukuba uzibandakanye nezamankomane.
“Unyaka ozayo uzoba unyaka okumele sisebenze ngempela ngawo kwazise kuzobe kunomqhudelwaano esifuna ukuthi sibe nabo osomankomane abaqhamuka kulesi sifundazwe. Sizobe sinomqhudelwano owaziwa ngokuthi amaCommonwealth Games, ukwenza kahle kwethu lapho kobe kusinika amathemba amaningi okuthi sokwenza kahle kunyaka wezi-2024 lapho kuzobe kukhona ama-Olympics” kusho uSibisi.
Njengoba uSibisi enguMengameli walenhlangano nje ubenqoba ihlandla lesibili, kwazise wanqoba ngowezi-2017 kwaze kwaba ilonyaka, waphinde waqokwa futhi koze kuphindwe kuqokwe umengameli ngowezi-2024.
Ubona lulukhulu ushintsho ngoba benobudlelwano obuhle neBoxing South Africa (BSA), uthe lokhu kuzolekelela ukuthi bethumele amabhokisa asevuthiwe kuphela esigabeni esikhokhelwayo. Nomlando uyaveza ukuthi amabhokisa asuke eqale kulenhlangano enza kahle esibhakeleni esikhokhelayo isibonelo nguThabiso Mchunu, uMoruti Mthalane no-Ivin Buhlalo.
Ngeledlule isifundazwe iKwaZulu-Natal beyisingethe umqhudelwano omkhulu wabesifazane okuhlonishwa kuwona uCharlotte Maxeke owayeyisigomagoma somzabalazo, nokade uhlelwe uZandile Malinga weStarline Boxing Promotion. Nentokazi uNomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Boxing Promotion wahlela umqhudelwano osezingeni eliphezulu ezinyangeni ezedlule. Lokhu kusho ukunyuka kwezinga lezamankomane esifundazweni iKwaZulu-Natal.