Now Reading
Lusezingeni lukaHulumeni elokuphoqa umgomo ezakhamuzini
Dark Light

Lusezingeni lukaHulumeni elokuphoqa umgomo ezakhamuzini

UNgqongqoshe Wezabasebenzi Nokuqashwa, uMnu uThulas Nxesi, uthe uHulumeni usematasa nokuphothula izingxoxo mayelana nokwethulwa kokugomela ukhuvethe okuyimpoqo ezweni.

Ethula inkulumo yosuku engqungqutheleni yaminyaka yonke yeNational Economic Development and Labour Council (Nedlac) ebibanjelwe eGoli, uNxesi uthe uHulumeni useyitholile imibono evela kwabamele uHulumeni, osomabhizinisi nabasebenzi mayelana nokuthi yini okumele yenziwe ukuze kuqalwe ukugoma okuyimpoqo, ikakhulukazi. emsebenzini.

“Ukuze ukugoma kube yimpoqo lapho ukuhlolwa kobungozi emsebenzini kudinga lokhu, ukuthi ukufinyelela ezindaweni ezithile kufanele kube nokugonywa kuphela,” kwengeza uNgqongqoshe.

ISouth African Federation of Trade Unions (SAFTU) ithi nakuba ikweseka ukugonywa kodwa izimisele ngokulwela abasebenzi abakhethe ukungagomi.

UNobhala Jikelele weSAFTU, uMnu uZwelinzima Vavi, uthi kufanele ahlonishwe amalungelo abasebenzi abangahambisani nokugoma okuyimpoqo. “Sifuna ukunxusa wonke umsebenzi ukuthi agonywe. Kodwa asihambisani nombono wokuthi abasebenzi kumele baphoqwe ukuthi bagonywe ngokungahambisani nentando yabo kungakhathaliseki izimo esibhekene nazo.
Abaqashi akumele babukele phansi ilungelo eliqinisekisiwe ngokoMthethosisekelo lawo wonke umsebenzi wokwenqaba ukugoma uma bekholelwa ukuthi kungabalimaza. Okungcono kakhulu okungenziwa uhulumeni wukuqhubeka nokuhlinzeka ngezinhlelo zemfundo,” kusho uVavi.

See Also

Umfelandawonye wesithathu ngobukhulu wabasebenzi, iFederation of Unions of South Africa (Fedusa), isihoxise isinqumo sokuthi iyakweseka noma cha ukwethulwa kwemigomo eyimpoqo kuleli. Lokhu njengoba kuvela ukungaboni ngaso linye odabeni oluyimpikiswano phakathi kwezinyunyana ezingaphansi kwayo.

ISouth African Teachers Union kanye neNational Professional Teachers Organisation of South Africa bathi bazosimemezela maduze isinqumo sabo ngalolu daba.

Scroll To Top