Izigameko zonyaka zibe ngugingqigonqo
IMaMkhize nePSL
IPSL ebalwa namaligi ahamba phambili emhlabeni kodwa isithunzi seligi sidicileleke phansi izikhawu eziningi kulo nyaka okuthumela umyalezo wokuthi izikhulu kufanele zibhukule.
Kuphele isizini yezi-2020/21, kungaziwa ukuthi yiliphi iqembu elidle ubhedu kuGladAfrica Championship.
IRoyal AM iqede esicongweni kodwa yagcina yehliselwa endaweni yesibili ngemuva kokuthi iSekhukhune United ifake isimangalo ifuna inikezwe amaphuzu amathathu ngenxa yesigameko esenzeka ekuqaleni konyaka lapho yayibhekene nePolokwane City. Kulo mdlalo yaguqa ngo 1-0 kodwa yafaka isimangalo ngemuva kokuthi iCity yehluleke yancama wukugcina imigomo yeligi ephoqa wonke amaqrmbu adlala kuGladAfrica ukuthi abophele abadlali abahlanu abaneminyaka engaphansi kwengama-23.
Udaba ludluliselwe kumehluleli ozimele onike iSekhukhune amaphuzu amathathu ayifake esigabeni esikhulu. UMengameli weRoyal AM uShauwn Mkhize akazange asinambithe kahle lesi sigameko okuphoqe ukuthi udaba aludlulisele enkantolo.
UMaMkhize neqembu lakhe bagcine beshaye phansi ngonyawo bathi angeke balubhade emidlalweni yokuhlunga edlalwa amaqembu amathathu (eliqede endaweni yesibili neyesithathu kuGlafAfrica nelilale endaweni ka-15 kuDSTV Premiership). Lokhu kuyihlaze kwayiqeda iligi. UMaMkhize ugcine ehlawuliswe izindlodla zemali ngokungalubhadi emidlalweni. Kuthe kusenjalo wathenga isitifiketi seBloemfontein Celtic sokudlala esigabeni esiphezulu.
Izinkinga zePSL aziphelelanga lapho. Ziqhubekile njengoba kuleli sonto kusule isigubhukane abammeli ababili abahlonishwayo kuPSL, uMichael Murphy noNande Becker. Kwenzeka lokhu nje iligi ibhekene nengcindezi kulandela ukuthi iKaizer Chiefs iyibhalele icela ukuthi kuhlehliswe yonke imidlalo yayo ebihlelelwe uZibandlela.
Abadlali, izikhulu nezisebenzi ezingu-36 zaMakhosi zibanjwe uKhuvethe. Kuze kube yimane iligi ayikaze isiphendule isicelo seChiefs. Ngempelasonto, iCape Town City igcine ifikele amahhala enkundleni ngoba iChiefs ayizange ilubhade nhlobo.
Izigigaba zeCricket South Africa
IPSL akuyona kuphela ebibhekene nezigemegeme kodwa nakuCricket South Africa (CSA) bekushubile. Kuvele izinsolo ezishaqisayo ngomqeqeshi wamaProteas uMarc Boucher ezimayelana nokucwasa ngokwebala. UBoucher kuvele ukuthi wayeyingxenye yabadlali abamhlophe abacwasa ngokwebala owayengumshwibi wamaProteas uPaul Adams. Lokhu kumfakele ingcindezi yokuthi asule esikhundleni sakhe ngaphambi kweNdebe yoMhlaba. Kwenzeke konke lokhu nje neqembu lesizwe belingenzi kahle. Endebeni yoMhlaba yeT20 lifike laphuma ekuseni ngaphansi kobuholi bakhe. Kuwona lo nyaka izilomo ezimbili zekhilikithi uDale Styen no-Abraham Benjamin (AB) De Velliers zimemezele ukuthi seziyayeka ukudlala ikhilikithi.
Iwindi lokuhwebelana ngabadlali ebelivutha uphondo
Izilomo zabadlali bebhola abanohlonze zimangaze inqwaba emhlabeni zishiya amaqembu ezizakhele kuwona ugazi. Kuqale uLionel Messi elaxaza iBarcelona abefana nedlozi layo. Ujoyine isikhondlakhondla seqembu laseFrance, iPSG. Ijezi lakhe lidayiswe njengamagwinya ashisayo. Kuthe abathandi bebhola besababaza lokho, uCristiano Ronaldo wachitha iJuventus wajoyina iqembu lakhe elidala iManchester United. Akugcinanga lapho ngoba noSergio Ramos ushiye iReal Madrid akhulele kuyona wasayina kuPSG kwathi uRaphael Verane naye walaxaza iMadrid wazithola esesemabhukwini eMan United. UKeagan Dolly ushiye iMontpellier yaseFrance wasayina kuKaizer Chiefs njengoba uPercy Tau emangaze abaningi ejoyina i-Al Ahly yaseGibhithe esuka kuBrighton egijima ku-English Premier League.
Ukubhacaza kweBafana Bafana
IBafana yehluleke yancama ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations naseNdebeni yoMhlaba eseQatar ngonyaka ozayo. UMolefi Ntseki ugcine exoshiwe njengomqeqeshi weBafana kulandela ukuhluleka wukuzibekisela indawo ku-Afcon eCameroon. Ngemuva kwalokho ilande uHugo Broos ufike waliqala phansi kabusha iqembu.
Iziphithiphithi zethenisi
Izipawupete zethenisi uNaomi Osaka sigcine sihoxile ekubeni ingxenye ye-US Open sikhala ngokhwantalala. Ngaphambi kwalo mqhudelwano omkhulukazi sicele ukungabhekani nemibuzo yezintatheli ngemuva kwemidlalo okuyinto abaphathi bomqhudelwano abayihlabe bayihlikiza. Ngemuva kwalokho u-Osaka uhoxile ekhala ngokhwantalala. Ekuqaleni konyaka uSerena Williams ukhihle isililo phambi kwezintatheli ngemuva kokuguqiswa ngu-Osaka kowandulela amanqamu. Uvele wahluleka wukuzibamba wakhihla esikaNandi.
Kuthe kusenjalo wavele wasuka wahamba phakathi nengxoxo nabezindaba. UWilliams ushoda ngesicoco esisodwa ukuze afice irekhodi likaMargret Court lezicoco ezingu-24 ezinkulu. UNovak Djokovic uhluleke wancama ukuqopha umlando ngokunqoba zonke izicoco ezinkulu zethenisi ngonyaka owodwa. Lo mdlali waseSerbia unqobe isicoco se-Australian Open, French Open neseWimbledon. Ku-US Open ushaywe kowamanqamu lase limphutha kanjalo irekhodi likaRod Laver.
Ukwenza kahle kweMamelodi Sundonws Ladies
Leli qembu lizifake emlandweni linqoba izindondo ezintathu ngesizini eyodwa. Linqobe isicoco seligi iHollywoodbets Super League, eyinqobe isasalelwe imidlalo. Iphinde yanqoba umqhudelwano weCOSAFA Caf Women’s Champions League nowawubanjelwe lapha eNingizimu Afrika. Womabili amaqembu ayedlala owamanqamu ayezodlala iCAF Champions League, yomibili le mqhudelwano emikhulu igcine inqotshwe iyona iSundowns Ladies.
Amabhokobhoko
Ompetha boMhlaba baqede unyaka kuyibo abahlezi phezulu ngokwezikeliso emhlabeni. Elakuleli linamaphuzu ali-90.61, lilandelwa iNew Zealand yona enamaphuzu ali-88.75. Phezu kwalokho abadlali abahlanu baqokiwe eqenjini elenze kahle kunyaka wezi-2021. Kubadlali abenze kahle kubalwa uLukhanyo AM, uSiya Kolisi ongukaputeni, uMalcom Marx, uMakazole Mapimpi no-Eben Etzebeth.
Elakuleli ku-Olympics
Elakuleli ku-Olympics ayebanjelwe eTokyo labhacaza kakhulu uma uqhathanisa neminye iminyaka. Lakwazi ukuthi libuye namaMedal amathathu kuphela. Kwaze kwaba ngcono kumaParalympics, ngesikhathi abasubathi bakuleli bebuya nezindondo eziyisi-7. Lapho kubalwa awegolide amane, eyodwa yesiliva namabili ethusi. Okuyibo abasiza uNtando Mahlangu, uSherly James, uLouzanne Coetze, uPieter du Preez no-Anrune Weyers. Abagcinanga nje ngokunqoba amaMedal kodwa baphula namarekhodi.