Now Reading
Asike sixoxe ngenqubo esiyifunayo nesifanele singahaleli okungale
Dark Light

Asike sixoxe ngenqubo esiyifunayo nesifanele singahaleli okungale

Ekubusweni kwethu sinelungelo lokukhetha indlela okumele sibuswe ngayo


Ukutolika igama ulisusa olimini oluthize kuya kolunye kuyinto eyamukelekile nokho enobungozi. Ubungozi cishe kuba kabili; kuba khona uma usuguqula igama kubuye kube khona uma sekusuka lokho okuwumongo wegama. 

Kupolitiki-ke lokhu kuvamile. Njengephephandaba sike saba sematheni ngabanye ababesisola ngokuthi kungani sisebenzisa igama udemokhrasi siyeke leli eselejwayelekile elithi yintando yeningi. Ukuchaza lokhu akusihluphanga njengoba namanje sisamile esinqumweni sethu.

Okokuqala nje asiqale sivumelane ukuthi inqubo okuthiwa yidemokhrasi ihambe yahamba yaguqula imibala emazweni kanjalo nasezizukulwaneni ezahlukene. Babe nayo into okuthiwa yidemokhrasi eGreece nayilapho kuthiwa yaqala khona (nokuyinto okungamele siyibuke ngelibanzi ngoba nginombono owehlukile), benayo nakwezinye izindawo kepha bengayibizi ngedemokhrasi. Kuthe uma igama elichumayo kuwudemokhrasi aboHlanga base belihumusha igama leli bashiya umongo okuwukubusa ngendlela enobulungiswa nokuthatha abantu njengantu abalinganayo phambi komthetho nalapho kuthinta ezokuphatha nokubusa. 

Ekuhumusheni abanye bathi idemokhrasi yintando yeningi. Lokhu kutolika kuyingozana ngoba njengoba ngishilo uma ngiqala, ukuthi inqubo le iyehluka ezindaweni ngezindawo. Ukwamukela ukuthi yintando yeningi kuphela kunengozi yokubulala ilungelo laloyo omele noma ozithatha njengoyidlanzana ezweni nasemphakathi. Okwesibili kwakha umqondo othi iningi aliwenzi amaphutha okuphuma nokuvunywe yilo sekuphelele.

Okunye okubuye kushayisane wudaba olukhuluma ngokumelwa kanye nokubuswa. Abanye lokhu bakuhumusha njengokuthi obuswayo akalutho, yinto nje okumele izwe ngobusayo. Angikhulumi esimweni lapho izwe njengeNingizimu Afrika lapho singavoteli umuntu kepha sibeka iqembu okube sekuba yilo elisitomulela abantu abayizethenjwa zeqembu lelo.

Lesi simo noma ngithi uhlobo lwedemokhrasi luza nezinkinga zalo ngoba empeleni lapha “uthenga ingulube” esesakeni. Lapha nje unika iqembu lelo amandla okuqhamuka namalungu alo azokumela. Nawo lawo malungu kawaziboni kumele aphendule kuwe kunalokho esaba iqembu kunawe ngoba yilo eliwanike itoho ngokubafaka ohlwini.

Ngenxa yalokhu abanye abantu baze balingeke baliphimise elokuthi sengathi kungcono inqubo yase-United State of America (USA) lapho abantu ‘bezikhethela’ khona umengameli.  Okokuqala lapha kumele sivumelane ukuthi yini ekhethayo e-USA ngabantu noma yimali?  Uma nje ungathi lapha eNingizimu Afrika umuntu akazimele njengase-USA kungaphumelela abanemali. Ongenela ukhetho e-USA kumele abe netshe lemali, axhaswe yizinjinga noma yena abe yinjinga.

Uma nje ngingenza isibonelo ngomkhaknaso ka-Obama: Umkhankaso ka-Obama udle okungenani izigidi ezi-$2.9 ngosuku ngowezi-2012. Isigidigidi samadola kweve sisebenze kulokhu:

  Izigidi ezingama-$775 zasebenza ekomitini lokukhankasa likaka-Obama

   Izigidi ezingama-$286 zasetshenziswa yiDemocratic Party

  Izigidi ezingama-$75 zasetshenziswa yiPriorities USA Action Super PAC

Sesisonke isamba esasebenza kwaba yi-$14.96 ngevoti ngalinye elaya kuMengameli uBarack Obama, owanqoba ngamavoti ayizi-65,899,660 ukunqoba ukhetho lwangowezi-2012.

Owayencintisana naye, uMnu uMitt Rommey  yena wakwazi ukuqoqa izigidi ezilinganiselwa kwezingama-$993, kweRepublican Party nePrimary Super PAC eyayemeseka okhethweni. Lezi zinhlaka zasebenzisa izigidi ezingama-$992 kuleyo mali, ngokwemibiko eshicilelwe nemininingo yezezimali zokukhankasa. 

See Also

Lokhu cishe kube yizigidi ezi-$2.7 ngosuku ngowezi-2012. Imali ecela esigidigidini samadola eyasetshenziswa yilezo nhlaka ibandakanya lokhu:

  Izigidi ezingama-$460 ezasetshenziswa yikomidi lokukhankasa likaRomney

  Izigidi ezingama-$379 zasetshenziswa yiRepublican Party

  Izigidi ezingama-$153 zasetshenziswa yiRestore Our Future Super PAC

Isiyonke imali eyasebenza kwaba yi-$16.28 kumvoti ngamunye kuRomney, owayemele iRepublican. URomney wathola amavoti ayizi-60,932,152 okhethweni lwangowezi-2012.

Lokhu nje okungenhla kukodwa kusho khona ukuthi inqubo yase-USA iphethwe yimali. Umbuzo uthi le nqubo ingasilungela yini thina? Uma amaqembu amancane engakwazi ngisho ukuqhamuka nezingqwembe ngesikhathi sokhetho ayoyithathaphi le mali ngoba nale okuthiwa ivela enhlanganweni yokhetho kungalubala uma uqhathanisa nezindleko zokhetho? Kuhle sikubheke lokhu bese siqhamuka nalokho okusifanele hhayi ukuhalela okungale.

Scroll To Top