Now Reading
Izindleko zokukhiqiza umoba zenyuswa ezikamanyolo
Dark Light

Izindleko zokukhiqiza umoba zenyuswa ezikamanyolo

Imboni yezolimo inengcindezi enkulu ngenxa yokukhuphuka kwentengo kamanyolo. Ukusukela ekuqaleni kwanonyaka intengo kamanyolo yamazwe ngamazwe ibilokhu ikhula nzima. Kepha kuye kwanesikhathi lapho ukuqina kwerandi kuye kwalamula kancane.

INingizimu Afrika ithembela kakhulu ekuthengeni umanyolo wangaphandle, ngakhoke iminyakazo eyenzeka ezimakethe zamanyolo kumazwe ngamazwe kuyamchaphazela kakhulu umlimi waleli lizwe. Ngenyanga yaNcwaba, intengo yamanyolo yamazwengamazwe, ngaphandle kwe potassium chloride, inyuke yafika emazingeni angakaze abonwe. Umanyolo ufaka amaphesenti asuka ema-30 kuya kwangama-50 ezindlekweni zomlimi, kuya ngesitshalo. Ngakho-ke umanyolo unomthelela omkhulu ekutheni inzuzo iyatholakala noma cha.

Ngendlela isimo sokubiza kwamanyolo, embonini yomoba umanyolo owaziwa ngokuhi yiwona oshibhile i-Urea, usukhule ngentengo wafinyelela kusukela ema-R700 isaka kuya ema-R950. Ngonyaka odlule i-Urea yayingadlulile ema-R400 isaka. Uhlobo lukamanyolo ebizwa ngokuthi yi – 5.1.5 yayibiza ama-R500, kepha nonyaka ingaphezulu kwe-R1 000. Akubukeki izosheshe isombululeke le nkinga yentengo ephezulu kamanyolo.

Kepha izinhlangano zabalimi embonini yabalimi sezizamile ukulamulela amalunga azo. ISouth African Farmers Development Association, okuyinhlangano eyasungulelwa ukunakekela abailimi bohlanga emva kwezikhalo zokuthi abadeshi banakekelana bodwa, iqale isizinda sokukwenza umanyolo.

Lokhu sekulekelele ukuthi abalimi bathole umanyolo ngentengo engconywana. Phezu kwalokhu, iSAFDA yafaka isicelo kwithenda yokulekelela abalimi baseSezela Mill Area njengxenye yohlelo olwenziwe lokuthi abalimi okungukuthi umoba wabo awuzokwazi ukungena emshinini nonyaka ngenxa yezinkinga zesigayo, bazobonelelwa ngomanyolo. Lokhu kuwuxhaso oluqhamuka kuhulumeni.

See Also

Kulolu hlelo kuzobonelelwa abalimi abashelwa umoba kulonyaka bebe benesikweletu sokutshalelwa umoba, ngaleyondlela abangathola lutho.

Lena yindlela yokuthi bakwazi ukukhulisa umoba wabo ukuze ngonyaka ozayo babe nesivuno. Lokhu kwenziwa ngoba uma umlimi evuna kuba nengxenye yemali ebekelwa eceleni ukuze akwazi ukukhulisa umoba ukuze avune ngesizini elandelay. Njengoba ke bathikamezwa yizibhelu ngeke bakwazi ukuba nemali yokukhulisa umoba. Ngalolu hlelo bathola ukusizakala ukuze ibhizinisi labo lamoba lisimame.

Scroll To Top