Now Reading
Izikhathi ezinzima zivame ukukhiqiza uhlobo oluthile lwabaholi
Dark Light

Izikhathi ezinzima zivame ukukhiqiza uhlobo oluthile lwabaholi

Sisesikhathini lapho amanga nokuhlawumbisela kungekuningi. Amanga okuthi ukhuvethe alukho noma kuthiwe yisifo sabathile ayaphela. Osho njalo kusuke kukabili, kuphakathi kokuthi akafuni ukwamukela noma uyesaba ukwamukela. Abantu bamukela ngezindlela ezahlukene izimo ababhekene nazo, kukhona labo okubaphilisayo ukukholwa wukuthi okubehlelayo akukhona. Laba ungebenze lutho. UMengameli waseBrazil nowase-United States of America (USA) bake bathi ukuhonga bethi kukhona bona bodwa ababona ukuthi ukhuvethe luyikho, owaseBrazil uthe lona umkhuhlane nje odlulayo. Kwathi uTrump yena wathi  yihaba leli futhi “yisifwana nje saseChina”. Namuhla sekuwumlando ukuthi la mazwe womabili yiwo azihola phambili ngabantu abathelelekile. Nalapha kithi kuke kwakhona abathi lesi yisifo “sabelungu” kepha uma sekukhonjwa eduze njengoba kuvalwa amahhovisi emikhandlu eyahlukene, kugula othisha nabafundi sekusa ngokunye.

Omengameli, abaholi nababusi  bamazwe bayavumelana ukuthi lo mkhuhlane udlavuza hhayi kuphela impilo yabantu kepha neminotho.  Lokhu akuwona umdlalo ngoba kusho ukubuyisela emuva okuhle obesekwenziwe nokuhlelwayo ngeminotho yamazwe. Okunye okuvelayo ngalesi sikhathi wukuswelakala kwengqalasizinda eyanele. Lokhu asikubonanga nje kuphela emazweni okuthiwa asathuthuka kepha ngisho nakuwo lawa okuthiwa asethuthukile liphenyekile ibheshu. Ngubani owake wacabanga ukuthi e-Italy phakathi impela e-Europe sekungasangana uMengameli aze asikhihle ngakho belu ngoba isiqhwaga lesi esilukhuvethe sesidla silaza sidla fumuka ezweni?

Owayecabanga ukuthi amaNgisi, wona lawa azi ukuthi ayizingcwepheshi ayobuyisela umsila ngaphansi lapho isiqhwaga sesisho khona ukusobozela iNkosana yawo uCharles noNdunankulu uJohnson. Okwe-USA kusahlaya ngoba ihlale ithi ingabenzi bezinto nje kepha kulokhu igcine isikhangezwa nangamanye amazwe ngokokuvikela. Zitheleke izindiza ezivela eRussia naseChina nosizo kwathula du. 

Akekho nowake wacabanga ukuthi lapho izibalo zabahlaselwa yisifo nabafayo sikhuphuka e-Afrika izibalo zizobe ziphansi nxa kuqhathaniswa nezinye izikhathi zezifo. Ngisho izihonga ezihlala zisakaza abantu ngamabhomu zike zathi ukuzithiba kwazise lesi sifo asidudulwa ngesibhamu, kungekho nonesikhali esingasisabisa.

Kukho konke lokhu kwesaba, ukugula nokufa  kuvele isidingo sobuholi obuthile, obehlukile ngokombono nangendlela okubhekwana ngayo nezimo ezibucayi.  Ngalesi sikhathi buvelile lobu buholi nokho akwangaba yonke indawo futhi akwangahlala isikhathi eside. Abaholi abaqale kahle njengoMengameli waseNingizimu Afrika bagcine sebekhubeka benza okufana nalaba abanye okube sobala ukuthi basenkingeni. Okugqamayo lapha wukuthi abaholi bathotshiwe yilesi sifo, kwaphoqa ukuthi behle babe sezingeni lomphakathi. Lapha eNingizimu Afrika kukhona abaholi abaqale ngeshodi impela kwaze kwamangaza ukuthi engabe bangenwe yini. 

UNgqongqoshe uFikile Mbalula

Sengathi yizolo lapho izwi likaNgqongqoshe Wamaphoyisa uCele beliphezulu ungafunga ukuthi yena qobo uwumthetho. Kulokhu ubelanywa nguNqgongqoshe uMbalula naye obekhuluma kube sengathi uyedwa ezweni. Qhathanisa laba baholi bobabili noNgqongqoshe uZwelini Mkhize naye obesho umyalezo ofanayo noCele noMbalula kepha obekuhlukile yindlela abebekhuluma ngayo. Nguwe umehluleli wokuthi ngubani obekhuluma into ezwakalayo nenesizotha.

See Also

UNgqongqoshe uBheki Cele

Bekungebona bodwa ngoba nakwamanye amazwe bekukhona abaholi obekumangaleka nje ukuthi bayaphi ngalesi sikhathi. Bekhona nabazigqamise impela bahloba ngehlazo okwembuzi. Kanti bekukhona amazwe obekungathi wona awanankinga kanti ikhona kepha obekuhlukile yindlela abaholi abaziphatha ngayo, abakhuluma nabazisa ngayo abantu. Bheka nje eJapan akudingekanga ukuthi kuze kufakwe amasosha namaphoyisa ukwexwayisa abantu ngesifo. Lokhu kungenxa yendlela ubuholi obuhlangabezana ngayo nomphakathi nokuhambisana nesikompilo lezwe.

UMengameli uDonald Trump

Okube sobala wukuthi izikhathi ezinjengalezi zidinga uhlobo oluthize lwabaholi. Laba ngabaholi abakwazi ukubuka isimo, bangagcini lapho kepha basifunde isimo leso bese bephawula. Nanamuhla amaNgisi ayamtusa uChurchill  owayenamaphutha asabekayo njengosopolitiki noNdunankulu, kepha amtusa ngoholo alutshengisayo ngesikhathi uHitler epheqa amahlonjana awasentshonalanga ewasingisa lapho liphuma nalapho lishona ngakhona wena owezwa okuthiwa kwenziwa yiLembe kwaNgqoki. 

Yaphakama into kaChurchill amaNgisi esebheke phansi eqhaqhazela, nokwathi angezwa uholo aphakama. Engizama ukukusho lapha wukuthi kwesinye isikhathi ngalesi sikhathi esinjena ubuholi buvela nayilapho bekungalindelwe ngakhona. NaseNingizimu Afrika nje buzovela lobu buholi besikhathi sethu ngoba vele buyadingeka.

Scroll To Top