Amava abadlali nobuhlakani bomqeqeshi kuyimpumelelo yeqembu – uSandile
Injini yeSummerfield Dynamos uSandile Zuke uthi ngeke nangengozi kubaphazamise ukungena kwabo emqhudelwanweni womkhumulajezi iNedbank Cup.
Ekuqaleni kwesizini umqeqeshi waleli qembu eligijima ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal, uClinton Larsen wakubalula ukuthi into abayidingayo kule sizini ukuyodlala imidlalo yokuhlungela ukungena kuGladAfrica Championship. Ngeledlule leli qembu elizinze eChatsworth lizithole selibalwa namaqembu angama-32 azodlala iNedbank Cup ezi-2021/22.
ISummerfield emdlalweni wamanqamu ngeledlule ibhaxabule iqembu eligijima kuSAB League iSquash FC ngamagoli amane eqandeni. Amagoli avalelwe phakathi uLucky Nguzana amabili, uJabulani “Macokama” Nene elesine kwaba Umkhonto ogwaze ekhaya lo mdlalo ububanjelwe eChatsworth Stadium.
“Kuyinto engijabulise kakhulu ukuthi sikwazile ukubalwa namaqembu angama-32 azodlala umqhudelwano iNedbank Cup. Lokho kuzokhulisa abadlali bethu abancane, kwazi bani singadlala neqembu elihlonishwayo kuleli bese bethola ithuba elikhulu lokuziveza. Ngiyazi ukuthi okuyinto enkulu esifuna ukuyizuza ukuyodlala imidlalo yokuhlungela ukunyukela esigabeni esiphezulu, kodwa lokho akuchazi ukuthi siyojika kuNedbank Cup” kusho uZuke.
Lo mdlali oyibamba esiswini kuthule umoya uthe into ebasizayo ukuthi banenqwaba yabadlali abancane nabadala, ingakho benza kahle nje.
Leli qembu linabadlali abaningi abanamava abaseke bagijima kuPremier Soccer League (PSL), kukhona yena uZuke oseke wadlalela iKaizer Chiefs, iLamontville Golden Arrows, iChippa United, Uthongathi FC neBizana Mpondo Chiefs, uLucky Nguzana owagijima kuMamelodi Sundowns, kuPlatinum Stars, ku-AmaZulu FC naseqenjini laseTurkey i-Umramyespor. Abanye uThabo Molefe, uBrandon Parasath noNene abagijima ku-Arrows kube uMenzi Chili yena odlalele iMaritzburg United, iRoyal Eagles neqembu laseTanzania.
“Njengoba sikhona sibadala okanye sidlale isikhathi eside esigabeni esiphezulu ukuthi sivikele abadlali abancane nabo bathole amathuba lawa esawathola. Sizimisele kakhulu ukunyukela esigabeni esiphezulu, angikuboni kukhona okungasivimba ngoba iqembu esinalo lingabhekana nanoma iliphi iqembu. Ngaphandle kwabadlali abadala, nalaba abancane banethalente eliyisimanga” kusho uZuke.
ISummerfield Dynamos iyona eqhwakele kuqoqo A, kanti kuqoqo B khona kuhlezi phezulu iGreenWood Park Friends.
ULarsen unamava aziwayo phambilini uke waqeqesha iBloemfontein Celtic, iMaritzburg United, iRoses United, i-Arrows, iChippa United nePolokwane City. Ulekelelwa uMafa Zuma osenesikhathi eku-ABC Motsepe League kanye noClaude Terim naye ongusomaqhinga.
“ULarsen ungiqeqeshile ngisagijima ku-Arrows, ungumuntu onobuhlakani kakhulu. Angingabazi ukuthi uzolifeza iphupho esinalo sonke eqenjini lokuyodlala imidlalo yokuhlunga. Ibhentshi lethu linabantu abazi ibhola, okuthi noma kunzima besinike indlela elula yokunqoba,” kubeka uZuke.
Lo mdlali uthe unesifiso sokuthi uma kuthiwa uthatha umhlalaphansi kunobhutshuzwayo bese eba ngumqeqeshi ngoba unobhutshuzwayo into ayizwa ngaphakathi.
Isiyonke imidlalo ye-ABC Motsepe League kule mpelasonto iqhathwe kanje:
Kuqoqo A
iMilford FC neNjampela eMhlathuze Sports Complex
iNongoma FC neMuzi King Masters ePrince Mangosuthu Stadium
iDurban Pioneers ne-Asande FC eKing Zwelithini Stadium
iStone Breakers neReal Magic eSJ Smith Stadium
iHappy Wanderers neSummerfield Dynamos eJabavu Stadium
Kuqoqo B
iRunning Water FC no-Umvoti FC e-Oval Stadium
iX1 Experience neMidlands Wanderers Umkomaas Bisset
i-Ethekwini Coastal noMkhambathini FC eSJ Smith
iClassic FC neGWP Friends eCurries Fountain
*Yonke le midlalo izoqala ngelesi-3 ntambama

