Now Reading
Amantongomane nokotini kuchuma kalula emasimini kamoba kuleli
Dark Light

Amantongomane nokotini kuchuma kalula emasimini kamoba kuleli

Ukuxuba izitshalo kungumkhuba omuhle kumlimi ukuze asimame. Nasembonini kashukela lo mkhuba uyagqugquzelwa. Ngale kokuthi lokhu kuwumkhuba omuhle, le mboni kashukela vele izithola inezingqinamba eziningi okubalwa kuzo intengo kashukela, ushukela oshibhile ovela kwamanye amazwe, njalonjalo. Ngakho-ke abalimi bakamoba sebenesikhathi befuna izindlela ezahlukene zokusimama. Isizini kamoba iyizinyanga eziyisi-9 kuya kwezili-10. Ngesikhathi umshini kashukela usavalile kunabasebenzi abaphelelwa umsebenzi. Ngokuxuba izitshalo umlimi uyakwazi ukulekelela laba basebenzi ukuthi baqhubeke nokucosha inkece ngoba benza umsebenzi oqondene nalezi ezinye izitshalo.

Ziningana izitshalo ezikhombisa isasasa kubalimi bamoba. Singabala uhlobo lwamantongomane elibizwa ngemacademia, kanye nokotini.

Abalimi abaningi bakamoba bakhombise ukuthakasela ukutshala amamacademia njengoba zombili lezi zitshalo zichuma kakhle ezindaweni ezisogwini ngenxa yesimo sezulu. Kepha akulula neze ukungena kule mboni yalolu hlobo lwamantongomane njengoba ethatha iminyaka eyisi-7 ngaphambi kokuvunwa. Nokho uma eselungele ukuvunwa izihlathi zivakashelwa izindlebe kumlimi. Kulo nyaka intengo yethani lemacademia ibalelwa ezi-R40 000 kanti uma umlimi ewasebenze kahle angaphuma amathani amane ngehhakela elilodwa, okungasho ukuthi umlimi angenza imali engango R160 000 ngehhakela elilodwa.

Esinye isitshalo abalimi bakamoba asebethanda ukuzisondeza kuso yileso sikakotini. Ucwaningo oluqalwe abakwaSouth African Canegrowers ngowezi-2020, umbiko wakhona ophume nonyaka lukhombisa ukuthi abalimi abalima eduze nomshini kakotini obizwa ngeCotton Gin bangahlomula ngokuthi batshale ukotini onenkasa. Lo mklamo uyingxenye yomkhankaso we-International Social and Environmental Accreditation and Labeling (ISEAL) wokuvala igebe lwexhaso lwezimali kubalimi abancane.

See Also

Ukotini uyisitshalo esihle sokushintshanisa njengoba uqinisekisa ukubulawa kokhula nezifo ngesikhathi indawo iseyifusi.

Ukotini awufani nama-macademia wona adinga imali eningi ukuwaqala. Abomshini bakakotini bavamise ukuboleka abalimi imishini edingekayo, ngaleyo ndlela abalimi bagwema izindleko zokuthenga imishini yokusebenza. Esifundazweni saKwaZulu Natali indawo enomshini wakotini yiMakhathini Flats. Lesi sitshalo esiwukotini sidinga ukuphendulwa komhlabathi okungatheni, umanyolo omcane, amakhemikhali angabizi, okwenza ukuba kungabi nazindleko ezinkulu.

Scroll To Top