Uzowuzwa umehluko kuRaptor Special Edition
Angikaze ngilithole ithuba lokuvivinya iFord Ranger Raptor kusukela yafika eNingizimu Afrika eminyakeni emibili nengxenye edlule. Kungalesi sizathu ngingazange nginanaze ngokuthi isikhathi sami sesifikile ngesikhathi ngizwa izindaba zokuthi kwaFord bazokwethula uhlobo olusha.
Emuva kwezinkulumo eziningi zokuthi empeleni yini entsha ngaleRaptor engaze yenze ukuthi kwaFord bafune ukuyethula ngendumezulu, yonke imibuzo ebikhona iphendulekile ngesikhathi umuntu esezibonela yona ngamehlo enyama. Ayidingi ukwethulwa kakhulu ngoba izakhele igama ifika nje kuleli njengeveni elikwazi ukumelana nazo zonke izimo. Lolu hlobo olusha oluyiSpecial Edition (SE) selwengezwe okuningi obekungeke phambilini.
Imoto okungabuzwa ukuthi iyinqonqodwane, bheka nje ngoba ilishiyile igabade ngo-283mm, okwenza ikwazi nokugibela phezu kwezinguzunga zamatshe, uchassis wakhona ngendlela ehlukile. Bayethule ezintabeni zaseKapa emzileni odle ngamatshe angakha inqanawe, izindlela ezincanyana ziphinde zibe namanzi nesihlabathi okwenza kube lula ukuthi imoto ishibilike.
Lona bekungumzila wezimoto eziphakeme futhi ezidonsa ngawowonke amasondo, kodwa iRaptor konke lokhu ikwenze kwaba lula. Lapha ibilekelelwa injini engu-2.0litre bi-turbo ekhiqiza amandla afinyelela ku 157kW kanye netorque engu 500Nm. Idonsa ngamagiya ayishumi. Uyakwazi ukuyishayela ngezindlela ezihlukile njengokuthi ngesikhathi inqamula ematsheni uchofa ibhathini uyifake ku rock mode lapho amatshe iwaphebeza kube sengathi akwenzekanga lutho.
Nasemgwaqeni ovulekile yimoto ongayethemba ngoba nangesikhathi ujenga lwazo lunqamula lubheke eKaroo eTankwa ibizishibilikela kalula futhi ibambelela. Izihlalo zayo zidlala indawo enkulu lapho isisejubaneni ngoba ziyakwazi ukukubamba. Okunye okuyilekelelayo icoil sprung kuma ekseli angemuva okwenza uzizwe uphephile noma ngabe uyadlula kancane ejubaneni elikaliwe. Ama stripes amnyama obekukhulunywa ngawo kakhulu kule SE ayabengeza ubuhle kwibhonethi, okhakhayini, kancane ezinhlangothini nakwitailgate. Igrille yakhona ishaya ngophawu lakwaFord, kanti enye into entsha ama sport hoop amnyama okungeyona into entsha evenini lakwaFord ngoba ikhona nakwiWildtrak.
Kuma fender ishaya ngama Matte amnyama, ezibanjeni zezicabha. Ngaphakathi kuyacaca ukuthi yini eyenza yehluke kwiRaptor ejwayelekile. Bheka nje ngoba isiteringi sakhona sishaya ngengcwephelezi yestich esinabela ezinhlangothini zezicabha, kanye ne-instrument panela empunga enophawu lwe Special Edition. Imibala yayo ivala umgidi kusuka kompunga uConquer Grey, omhlophe okweqhwa uFrozen White, oluhlaza okwesibhakabhaka uPerfomance Blue kuvale omnyama sucu u-Agate Black. IFord Ranger Raptor SE iphuma ne warranty yeminyaka emine okanye ibanga le-120 000km kanye nohlelo lokusizwa uma ufelwe yimoto emgwaqeni nlweminyaka emithathu kungakhathelekile ukuthi isihambe ibanga elingakanani. Iservice plan eyeminyaka eyisithupha okanye ibanga le-90 000km
Intengo
IRaptor Special Edition: R965 300
IRaptor ejwayelekile: R920 300



