Kuphinde kwabheda kumaphanta kuhlulwa iGermany
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuphinde kwabheda kumaphanta ngesikhathi iGermany ekade ithwelwe ngeqoma ukuthi izozidlela kalula iJapan ikhala ngaphansi.
IGermany iqale umdlalo kubukeka ngempela ukuthi iJapan ngeke ilibone elidlalayo, njengoba ibilokhu iphethe ibhola futhi ihlasela. Ngomzuzu wama-33 ize yalithola igoli elivalelwe phakathi u-IIkay Gundogan okube iphenathi.
Yize isilitholile igoli iGermany eyaba ngompetha bayo iNdebe YoMhlaba ngowezi-2014 kweyabe iseBrazil, iqhubekile nokuhlasela ifuna amanye amagoli. Okunye obekwenza iGermany ibe ngconyana ukuthi abadlali abaningi bayo badlala eqenjini elilodwa okuyiBayern Munich engompetha beBundesliga okuyiligi yakhona eGermany.
Abadlali abadlalela iBayern Munich nabenze kahle kulo mdlalo uJoshua Kimmich, uThomas Mueller, uSerge Granabry noJamal Musiala. UMusiala ongumfana oneminyaka yobudala eli-19, ukwenze konke kushode ukuthi athole igoli njengoba ubethi uma ephethe ibhola aglanganyelwe abadlali ababili noma abathathu.
Ngesiwombe sesibili umqeqeshi weJapan uHajime Moriyasu, cishe khona abahlebele khona abadlali bakhe njengoba bebuye sebeshisa.
Umvuzo omuhle iJapan iwutholile ngegoli elivalelwe phakathi uRitsu Doan elesibili lavalelwa phakathi uTakuma Asano. Labadlali bobabili bashaya amagoli nje bebephuma ebhentshini.
Okunye ngalabadlali ukuthi kumaqembi badlalela amaqembu akhona eGermany. UDoan udlalela iSC Freiburg kanti u-Asano yena adlalele iVFL Bochum 1848.
Umdlalo olandelayo iGermany izotholana phezulu nompetha beNdebe YoMhlaba bangowezi-2010 iSpain, kuthi kowokugcina ibhekane neCosta Rica. Kanti iJapan yona izodlala neCosta Rica bese owokugcina idlale neSpain.
Ukuhlulwa kweGermany, kufana nokwenzeke kwi-Argentina ihlulwa iSaudi Arabia okuyinto eshiye abantu abaningi bejabhile.
IJapan emva komdlalo ijabule engathi ibinqoba umdlalo wamanqamu.