Isihumusho: Iqiniso lokubusa iNingizimi Afrika ngaphandle komasipala



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
OMengameli kanjalo nabaholi bafika baphathe ngenxa yezizathu ezithize. Lezo zizathu zidalwa yisimo sezwe neqembu ngaleso sikhathi. Kube yizizathu ezifanayo ezenze amalungu e-African National Congress (ANC) aqoka uMnu uRamaphosa njengomengameli weqembu. Lokhu ayekwenza ngaphansi kwengcindezi njengoba kwabe sekunokwehlukana ngaphakathi eqenjini kanjalo nezimakethe zingalivuni elakuleli. Emalungwini ayizi-4 700 ayeyizithunywa uRamaphosa wathola amavoti ayizi-2 440 kwathi imbangi yakhe yona uDkt uMaDlamini Zuma wathola ayizi-2 261.
Lezi zinombolo nje zizodwa zisho lukhulu. URamaphosa waphumelela ngethikithi lokuletha izinguquko eqenjini nasezweni. Ezakhe zabe zimthengisela kubantu njengoMalamulela. Phakathi kwezinto ezabe ziseqhulwini kwabe kungumnotho, inkohlakalo nokubuyisana ngaphakathi eqenjini. Akulona ihaba ukuthi cishe zontathu lezi zinto ngaphandle nje kokukhuluma azikenzeki futhi abukho nobufakazi bokuthi zizokwenzeka maduze. Kwabanye ukwenza kabi kweqembu lakhe okhethweni loHulumeni Bendawo zinkomba zokuthi wehlulekile noma ukuthi abantu kabasakholwa wukuthi uzoba nguMalamulela.
Umbuzo omqoka yilowo othi ngabe kulesi simo kumele enze njani uRamaphosa? Enzenjani ukubuyisa isithunzi nokwethenjwa eqenjini nakuHulumeni? Enzenjani ukubuyisa ithemba emlayezweni wakhe ka“Thuma Mina” nokwabe kuluphawu lokuthi unguMalamulela nokuthi ungumholi owehlukile kunalabo abanye abantu bakuleli ababesebehlonzwe njengezinswelaboya.
Impendulo yale mibuzo kumele yamukele izinto ezithile ukuze ingageji. Okokuqala kumele yamukele ukuthi izinkinga zomnotho, ugesi nengqalasizinda nezinenge abantu baze bangavotela uKhongolse zisazoqhubeka. Okwesibili izinkinga ze-ANC zangaphakathi kunokuba zehle zisazoqhubeka njengoba nalaba asebelahlekelwe ngamaphalishi bezoza nokwabo.
Asinavalo kuzokwedlula
Ngicabanga ukuthi abeluleki bakaMengameli we-ANC nezwe sebeqalile ukumeluleka ngokumele akwenze nokho esisakubonile kungahle kube yingozi, kanjani na? Inkulumo yakhe ayenze kuleli sonto eGoli emcimbini wokubonga abalandeli abebegcwalise ihholo ibe sobala njengoba iveze ukuthi leli qembu lizoqinisa ubuso lapha phandle kepha ngaphakathi libe limatasa lizikhotha amanxeba lilungisa ngoba lamukela ukuthi lisenkingeni.
Umlayezo kubantu usobala ngokukaRamaphosa, uthi: “UKhongolose awuhlulwanga, yebo izibalo zehlile kepha unqobile”. Omunye umlayezo uthi: “Alikho iqembu esilincengile, uma kuwukuthi akekho ofisa ukusebenzisana nathi kulungile”. Le milayezo yomibili yenzelwe abantu namalungu kepha ubuholi beqembu naye uRamaphosa qobo uyazi ukuthi ukungabi neGoli, iTheku, iTshwane, iNelson Mandela Bay, uMhlathuze noMsunduzi ukubala nje omasipala abambalwa kusho lukhulu. Kusho lukhulu ekuhlonishweni kweqembu nenqubomgomo yabo ngoba uma bengaphethe ngeke baqhube njengezivumelwano nenqubomgomo yabo.
Cabanga uKhongolose onenqubomgomo kepha ungenayo imali namandla akhona komasipala abakhulu abafana neGoli neTheku? Lokhu kungasho inhlekelele ikakhulukazi ngoba uma sibuka iKapa lapho kuphethe khona iDA, leli qembu eliphikisayo lenza ngawo wonke amandla ukuveza umehluko phakathi kwalo ne“Ningizimu Afrika” futhi kulokho bayaphumelela.
Kucabange lokhu sekwenziwa kwabanye omasipala aba-5 abakhulu lapho amaqembu ehlukene eveza ukuthi le mikhandlu yehlukile kuneNingizimu Afrika eholwa yi-ANC. Lokhu kucabange kwenzeka KwaZulu-Natal lapho uMkhandlu iTheku elingaphethwe nguKhongolse ngenxa yesamba sesabelomali siba nezinhlelo ezifana noma ezedlula uHulumeni wesifundazwe? ITheku seliba nemithetho yokulawula amaphoyisa kamasipala njengoba kuhlongoza iKapa?
IZululand isizilungiselela ikusasa
Singakayi okhethweni loHulumeni Bendawo sibonile ukuthi uMkhandlu ungakwazi ukuqhamuka nezinhlelo okungenzeka ukuthi azifunwa noba ziphambili kunoHulumeni wesifundazwe. Lokhu kwenzeke kuMasipala iZululand ongaphansi kwe-Inkatha Freedom Party (IFP) noholwa nguMfundisi uButhelezi. Lo Masipala uqhamuke nohlelo oluhlinzekela uBukhosi endaweni ngohlelo lwezempilo. Lesi senzo siwunengile uMnyango kepha waphikelela uMasipala umi ekutheni ngokomthetho akukho okuwunqinda ukuba wenze njalo.
Uphindile wona lo Masipala wayokwenza umcimbi eThekwini nalapha uHulumeni wesifundazwe udinwe wathelwa ngamanzi, ude umile uMasipala ekutheni akukhonjwe lapho wephule khona umthetho. Nalokhu kucabange kwenziwa ngabanye omasipala esifundazweni begcona ubuholi be-ANC emahhovisi esifundazwe bona benze okwabo belandela umthetho.
Lawa ngamaqiniso azobhekana noKhongolose ophethe iNingizimu Afrika kepha ungaphethe omasipala okuyibo abawumgogodla wentuthuko yomnotho wendawo.