Luqala ukuba mahlikihlikana uNdi



UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
Kuqhubeka kushicilelo olwedlule
INgonyama yabe seyithi uMntwana uZiwedu kaMpande oyikhanda lesizwe saseMatheni, nguyena ozoba yiso layo ekulweni kwempi yasOndini. Yayisithi uma amaNgisi esehlule wena Zibhebhu, kuyoba ukuphela kwethu Zulu. Yabambana impi kwacaca ukuthi uZulu akasenawo loya mfutho ayephume ngawo eyolwa eSandlwana.
Kwala noma uZulu esemi elugange evikela iSigodlo sasOndini, kepha izikhali zabelungu ezazikhafula umlilo zaludiliza lolo donga, balushisa Undi. Kwathi labo abasinda kuleyo mpi bahlakazeka bagcwala izinkalo zonke, bephephisa impilo yabo olakeni lwamaNgisi.
NoMntwana uZibhebhu walufulathela Undi waqonda emzini wakhe eBanganoma. Abelungu bazibophezela emkhankasweni wabo wokuqala babophe zonke izikhulu zempi kaZulu ezazihola amabutho ayelwa namaNgisi.
Kwathi uma amaNgisi ezibopha kwatholakala ukuthi izikhulu zonke zisho igama elilodwa lokuthi zazilwela iNkosi yazo uCetshwayo zivikela uBukhosi bukaZulu. Lokhu kwawakhanyela amaNgisi ukuthi kanti uMbuso ayebhekene nawo owawunamandla amakhulu kwakungoweNgonyama uCetshwayo.
Ngakho izikhulu ezazihola amabutho kaZulu zazingenacala kepha icala lempi kwasekufuneka ukuba amaNgisi alethwese iSILO uCetshwayo. AmaNgisi asephuma umkhankaso wawo wesibili wokuba abophe iNgonyama uCetshwayo ukuze ayothwese icala lokubulala.
Bayaluza yonke indawo eseduze kwasOndini kepha abaze bayithola. Kwathi uma bengayitholi base bezitshela ukuthi nakanjani iSILO sifihlwe uMntwana uZibhebhu eBanganoma. Abelungu babebazi ubudlelwano phakathi kweSILO uCetshwayo noMntwana uZibhebhu. Phela kwathi ngaphambi kokuba bahlasele uZulu abelungu, benza ucwaningo olunzulu befuna ukwazi sonke isimo phakathi eBukhosini bombuso kaZulu.
AmaNgisi ahlwaya iNgonyama
Base bazi kabanzi ngamaqhawe kanye nezilomo zeSILO uCetshwayo. UMntwana uZibhebhu wayengomunye owayesondele kakhulu eNgonyameni ukwedlula abanye aBantwana ngoba wayeyinkosana yaseKhohlwa endlini yoBukhosi bukaZulu. Amasostsha amaNgisi abophela amahhashi aphikelele eBanganoma. Kuthiwa afika awukaka umuzi awuthi gimbici.
Kwathi amanye amasosha aphonseka egcekeni kwaqhuma esikhulu isililo oNdlunkulu bekhala sebethi sekuzobulawa uMntwana uZibhebhu. Angena izindlu zonke ethungatha iSILO uCetshwayo awaze asithola. Kwabuye kwasuka esinye isidumo sebebhekene noMntwana uZibhebhu bethi akayikhiphe iNgonyama, uyayazi lapho ayifihle khona. Wayilandula iNgonyama, kepha abaze bakwemukela lokho abatshela khona. Abelungu bansondo bamkhahlela, bamshisa nangogesi, bamshaya ngezidunu zezibhamu zabo bethi “Khipha loKhethswayo, wena yazi lapho fihlile khona”.
Isimo saba sibi kakhulu besho ukumbulala uMntwana uZibhebhu. Bagcina bekwamukela ukuthi akakho eBanganoma. Basuka lapho baqonda kuMbopha Hlabisa naye bafike bamenza sona leso, kepha abaze bayithola iNkosi. Basuka lapho baqonda Ekushumayeleni emzini kaNdunankulu uMnyamana Buthelezi sebeyomcinga khona. Kwathi uma befika kuye base bewuthola umkhondo owabaholela ehlathini eNgome emzini kaSomfingose Mbuyisa endaweni yakwaDwasa lapho bafika bayithola khona iNgonyama uCesthwayo. Bayibopha-ke bahamaba nayo sebeya eShowe. Kwabe sekubizwa zonke izikhulu zezwe lakwaZulu enkantolo Eshowe.
Kwathi uma izikhulu zonke zikaZulu seziphelele eNkantolo amaNgisi asememezela ukuthi izwe likaZulu asezolibusa ngaMakhosi ayishumi nantathu, athi asezolingana neNkosi uCetshwayo