Umlando wemvelaphi yamanye amasiko nokunye ukukhuluma
UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
Yilapho kwavela khona isaga esithi, ngibambe elentulo. Kunenkolelo efanayo e-Uganda, eKenya nakumaNguni aseNingizimu nezwe. Kodwa-ke iBhayibheli liveza ukuthi abantu bafa ngenxa yokuthi okhokho bethu u-Adam no-Eva abawulalelanga umyalo kaNkulunkulu ukuthi bengadli isithelo somuthi wokwazi okuhle nokubi (Genesise 2:16-17).
Okusemqoka ukuthi beqa umthetho. Yingakho nje kwathi makhathaleni wathumela uJesu ukuze kuthi okholwa nguye angabhubhi kodwa abenokuphila okuphakade (Johane 3:16). Ngokufa uNkulunkulu akakususi ukuphila kumuntu kodwa uqamba amasu ukuthi oxoshiweyo kuye angabingumxoshwa futhi, (2 Samuel 14:14).
Okusho ukuthi uma umuntu ubengafanga ngemuva kokona ubeyohlala njalo eyisitha sikaNkulunkulu, phakade naphakade. Lokhu kusho ukuthi nxa umuntu emukele uKhrestu wahamba ngezindlela zakhe ukufa akusenamandla phezu kwakhe ngoba noma efa uyakuphila.
Umcimbi wokubuyiswa komuntu osashona
Lo mcimbi wenziwa ngemuva konyaka umuntu eshonile. Kuqala ngokuthi kuhlatshwe imbuzi okuyiyona yokwendlalela inkomo. Imbuzi yiyona okuthethwa ngayo idlozi. Inhloso yomcimbi ukukhuphula umoya kamufi ukuze uhlangane namathongo onke abheke umuzi noma umphakathi, uma ongasekho ubekade eyinkosi.
Ngalolu suku kusuke kuhutshwa amahubo kukhuzwa nezaga, kugiywa kubuswa kunjeya, kwazise phela kusuke kuhlatshwe inkomo noma izinkomo. Imizi yonke engumndeni nomuzi lapho kubuyiswa khona umuntu, omakhelwane nezihlobo zalowo muzi bonke basuke bephise utshwala. Kusuke kuwusuku nje olumnandi impela kubo bonke abantu bomndeni, izihlobo nabantu bendawo. Lapha kusuke kungasekho okhalayo kodwa sekucelwa umoya womuntu ongasekho ukuthi awubuye uzekhaya uzobheka izingane zakhe nekhaya. Inkosikazi noma amakhosikazi akhe abekade emzilele asuke esemkhumulile.
Isiko lokuthelela iNdlunkulu amanzi
Induna noma iNkosi engaphansi kwesizwe sikaZulu ebekwe ukuba ibhekele iSilo izintaba zaso, kuyaye kuthiwe iphethe isihlangu seMbube. Uma leyo Nkosi yedlule emhlabeni umndeni wayo ukhipha izithunywa ukuthi kaziyobikela iSilo nendlukulu ukuthi isihlangu seNgonyama siwile, ngakho izintaba zaso azisabhekwe ngumuntu. Uma sekugezwe izingane zayo umndeni uyahlangana nezinduna zaleso sizwe bahambe beyokhalela iSilo nendlukulu. Ngalelo langa indlukulu iyababuza ukuthi inkosi ekhotheme yashiya bani ukuba ayilandele esihlalweni sobukhosi. Uma iNkosi ebiphethe kukhona ekushilo kufanele bakusho kanye negama laloyo ozoyilandela baliveze.
Uma-ke sekwenziwe konke kwakhunyulwa nenzilo, nenkosi eyakhothama isikhushuliwe ngokosiko kubeke sekuqalwa sekukhulunywa ngozoyilandela esihlalweni. Ngaphambi kokuba kwenziwe lokho kuye kufanele ukuthi kuyogezwa isihlalo seMbube ngokwedlula emhlabeni kwalowo owayeyibheke izintaba zayo.
Ngosuku lokuthelwa kwamanzi kufika esigodlweni seSilo abantu besizwe seNkosi ekhotheme, izinduna nabomndeni wayo beqhuba izinkomo bephethe nezipho ezinhlobonhlobo. Bayebamukelwe iSilo, abantwana nezinduna zeSilo. Kubeke sekuqala isiko lokuthela amanzi. Lowo ozothatha isihlalo senkosi ekhotheme ubeke esengeniswa esibayeni esigodlweni seSilo, iSilo besesimkhombisa inkomo esimgcoba ngayo ukuthi abeyinkosi. Uma inkomo isihlatshiwe yahlinzwa kuyaye kukhiswe inyongo bese ogcotshwayo athelwe ngayo ngemuva kwalokho bese uyayifaka.
Yiyona-ke emhlanganisa nezinyandezulu zakwaZulu bese ebizwa ngeNkosi yaseNdlukulu. Lokho kusho ukuthi usebhekwe izinyandezulu zakubo nezaseBukhosini bakwaZulu. Ngemuva kokwemukelwa kwakhe nokugcotshwa, kuye kuthi ngakusasa abesethathiswa isifungo sokuphatha abantu beSilo. Ongakawatheli amanzi akufanele akhulume izindaba zesizwe ngoba usuke engahlambulukile. Ngokwesiko akangenu eNdlukulu uma esashonelwe nguyise, okusho ukuthi usemnyama.
Ukukhumelana umlotha noma ukuthelelana amanzi
Kwenziwa nxa abantu bomndeni owodwa bexabene. Umlotha uthelwa esandleni somunye nomunye wabantu abaxabene. Bese omunye akhothe umlotha osesandleni somunye nomunye enzenjalo komunye. Ngemumva kwalokho omunye athelele omunye amanzi ageze izandla nomunye enze njalo.