Now Reading
Ibhola lezikole lalithakaselwa ngabaningi yonke indawo
Dark Light

Ibhola lezikole lalithakaselwa ngabaningi yonke indawo

ISASASA lomdlalo webhola ezikoleni zaseNingizimu Afrika wafadalala kusukela ngenyanga uNcwaba ngowe-1985. Kwakungenkathi ibhola lisakhonziwe; lidlalwa, lilandelwa futhi libukelwa ngowe-1965 kuya kowe-1984. Njalo ngoLwesine kuyiwa ezinkundleni zasemalokishini nezasemakhaya. Kwakubonakala uma kuvakashele isikole sasemakhaya esasizodlala nesikole saselokishini. Kwakunjalo nasesikoleni sasemakhaya uma sivakashelwe isikole saselokishini.

Ngaleyo minyaka inhlangano yothisha iNational Teachers Union, iNatu, inkampani yakwa- Coca Cola, umphakathi neminye iminxa babexhasa, begqugquzela ezemidlalo kanye nemfundo entsheni kungakagxilwa kakhulu kupolitiki kwaze kweqa kakhulu. Lalisavutha ngempela ilangabi lokufundisa nokufunda ezikoleni, ilangabi leli elingasavuthi manje ezikoleni nasezweni.

Izikole zamabanga aphezulu ngaleyo minyaka KwaMashu zazibizwa ngamaHigh Schol. Sithola esokuqala okuyiSibonelo kwa-F ngaseNamba-1, eyayibuye itekiswe kuthiwe iBox-1. LoBox-1 uchaza ukuthi iSibonelo singesokuqala eposini laKwaMashu. Kulandele uMzuvele kwa-J ngasePrincess Magogo Stadium, iNhlakanipho neDr. John Dube kwa-D ngasedamini elincane, iZeph Dlomo kwa-K. iVuyiswa Mtolo kwa-H, iKwesethu ekwa-F, kube iZakhe isabizwa ngeSecondary School ekwa-L. Bese kuthi eNtuzuma sibe neGugulabasha, iPhembisizwe babeyiteketisa bethi iseBaqa okwakufundisa khona uJabu Dubazane kube iBhekisisa ukukha phezulu. Manje seziziningi izikole zalamabanga. Kafushane nje sekuneG.J Zuma kwaBester ngakwa-M nezinye. Babakhona abanye abafundi abasebevuthiwe abadlala emakilabhini amakhulu..

Babehlekisa nakhona onompempe ezikoleni enanibabona kahle ukuthi babethengiwe. Abanye balabo nompempe babelibhoboza ithumba kwabanye babadlali besikole ukuthi babethengiwe.

Unompempe wayebagagula ngamagama labo thisha ababemthengile. Basaziwa namanje ababebakhokhela nababebanxenxa ngebhodlela lotshwala nangenkece encane ezandleni zabo.

Nanimbona ebusweni lowo nompempe indlela ayejuluka ngayo kusebusika, ungakaqali umdlalo ukuthi unkunzana wayenkosholozile.

Ngikhumbula ngonyaka we-1972 sisafunda noPetros ‘Hanger’ Ntuli, e-Buhle Higher Primary School ibanga lesihlanu (uStd 5) osekubizwa ngo-Grade-7 owayengakuthandi ukuba unozinti ngenkathi uthisha wasekilasini lethu uZulu emkhuthaza ukuba abe ngunozinti. Wasihlekisa uHanger ngenkathi emphendula ethi; “Sir, ngeke ngibe ngunozinti. Angithandi ngoba angikaze ngimbone unozinti ewela eyaphesheya. Kodwa kuhlale kuhamba abadlala phakathi enkundleni.”

Enyangeni edlule uHanger wangihlekisa futhi ngenkathi ethi; “Buka ngagcina senguwuyena unozinti into engangiyinqena kabi.” UHanger akagcinanga ngokuba ngunozinti waseMzuvele kodwa babonwa benoKingdom ‘Mqulusi’ Mngomezulu ngabalandeli be-African Wanderers ababehlala ehositela nokwaholela ekudlaleleni kwabo i-African Wanderers kuNPSL. Kanti uKingdom wayefunda e-Isibonelo High School ehlala eChesterville wabuye waba ngumninimatekisi. Uma ngikhumbula kahle uPetros waqanjwa ukuthi uHanger esafunda eBuhle ngoba elishiyile igabade njengoHanger Dlamini.

Kanti eSibonelo High School ngowe-1978 sasifa yinsini, sihleke emakilasini ngenkathi sibona emagcekeni aseSibonelo omunye wonompempe ngaphambi komdlalo wangoLwesine. Wayaziwa lo nompempe Kwamashu ngokurobha ezinye izikole uma zidlala neSibonelo sangasesigcemeni sangakubo eNamba-1. Kwakudingeka leso sikole sizibambe ziqine ngempela ngokushaya amagoli kuqala.

See Also

Yayibonakala insambatheka esekhomba amakhona namaphenathi ayengekho uma kunomdlali owasetsheliwe ukuthi akaboziwisa ebhokisini. Kwakulapho uMzuvele ngenkathi usindela unozinti uPetros ‘Hanger’ Ntuli owayebamba ngisho impukane emapalini mhlazane udlala neSibonelo. Waze waphahluluka wathi kuHanger. “Ngangikumakile. Ngikubhekile ukuthi wawuzokwenzani ngebhola. Usindile ngoba bengikuhalela kabi ukuhlawulisa ukuthi ibhola wawuzoligcina yini emva kwamagxathu amane lisezandleni zakho. Kodwa ngashweba ngoba wawubuye uliginqe phansi ibhola. Kanti ngangithengelwe ibhodlela ngothisha osibanibani.”

Nesikole iZakhe eyehlulwayo yayingabuzanga elangeni ngoba nayo yazithola irojwa, ibanjelwa amagoli ngowe-1975 eNamba-1 idlala neSibonelo. Ngunompempe owayefundisa eSibonelo owavuma igoli elaliphume ngaphezulu epalini walikhomba emlotheni.

Nangowezi-2001 kwakubukeka sengathi abanye bonompempe nezikhulu zebhola KwaMashu babezisabela uBheki Manzi owayenguthishanhloko waseMandlakazulu High School. Kwagqama emqhudelwaneni iK.Motsepe Tournament mhlazane iKwesethu High School kwa-F, eyayidlalelwa uThokozani ‘Bull Dozer, Disko’ Ndlovu, uNtokozo, uHlonono, uSplash ukukha phezulu. Yayehlula okokuqala iMandlakazulu yize unompempe wayezame ngayo yonke indlela ukuba kuhlulwe iKwesethu. Ekugcineni yanqoba iKwesethu. Yadlulela kusemi fi nal eyayizoyidlala nesinye isikole eParlock.

Yazithola iKwesethu seyidlala futhi neMandlakazulu kusemifi nal kungafanele. Kwaba nempikiswano ekugcineni kwagcina sekudlaliwe. Yaphinda futhi iKwesethu yayehlula ngamagoli amabili eqandeni iMandlakazulu. Yehlulwa iKwesethu kufi nal eyayiseGauteng sekukhahlelwa amaphenathi.

Scroll To Top